Ufukula osomabhizinisi baselokishini ngobuchwepheshe. Uxoxe noLUNGI LANGA
OKHULE ekhathazwa wukubona uyise ethwala kanzima ukuze athole izimpahla zesitolo sakhe useqhamuke nendlela elula yokusiza abanikazi bezitolo bakwazi ukuthola izimpahla zokudayisa ngenani eliphansi.
UMnu uLethabo Maphopha, oneminyaka ewu-22, wumnikazi weBroughtCargo, inkampani esebenzisa ubuchwephese ukusiza abanikazi bezitolo ezisemalokishini, ukuthi bathole kalula izimpahla zokudayisa.
Uthi abanikazi bezitolo bagcina sebevala amabhizinisi abo ngoba inzuzo iba ncane ngenxa yokungakwazi ukuthola izimpahla kalula. “Bengike ngibuke ubaba obene-tuck shop elokishini ebesihlala kulona ethwala kanzima uma kufanele agcwalise izimpahla esitolo. Bekufanele azulazule ezitolo eqhathanisa amanani ezimpahla ngaphambi kokuthenga.
“Bekunzima ngoba nemoto ubengenayo edinga ukuqasha imoto ezomthwalela izimpahla noma agibele amatekisi uma esebuya ekhaya. Bekufanele avale esitolo kuze kube uyabuya kothenga, alahlekelwe kakhulu ngaloku,” kusho yena.
Ngenxa yebhizinisi lakhe alisungule eTafelkop, eLimpopo, ngonyaka odlule, abanikazi bezitolo sebesebenzisa i-website ukuthenga izimpahla bekhetha ohlweni lwezitolo ezihlukene. Uma sebethengile baphinde bakwazi ukuxoxisana nabanikazi bezitolo ngenani eliphansi abangakwazi ukuthola izimpahla eziningi ngalo.
Lolu hlelo luphinde lubasize bakwazi ukuthenga izimpahla ngokuhlanganyela nabanye abanikazi bezitolo ezisemalokishini, nokubanciphisela izindleko. Bakwazi ukuthola abanikazi bezimoto abazobalethela izimpahla zabo ezitolo.
Usize abanikazi bezitolo eziwu-30 zaseLimpopo ngesikhathi eliqala ibhizinisi. Kulo nyaka usefinyelela kwezinye izifundazwe njengoba esesebenzisana nezitolo ezilinganiselwa kweziwu-40 emalokishini ahlukene eGauteng naseMpumalanga.
UMaphopha, owenza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela eWits University, uthi wayengazitsheli ukuthi angaqala leli bhizinisi ngaphambi kokufundela ubudokotela.
“Ngiqale ukucabanga ngezamabhizinisi ngoba sengiqale ukufundela ubudokotela. Usuku nosuku bengibhala phansi yonke imicabango enginayo ngamabhizinisi engingawaqala, ngaze ngafikelwa yilo mcabango. Ukube ngawucabanga ubaba esekhona ngabe kwamsiza kakhulu ngoba ngabe kwenze impilo yakhe yalula,” kusho uMaphopha.
Uthe okunye okumgqugquzele ukuthi asize abanikazi bezitolo kube ukubona indlela abanikazi bezitolo zabokufika abakwazi ngayo ukusizana bebodwa ukuze bafukule izitolo zabo.
Uthi abanikazi bezitolo bakwazi ukuhlanganisa imali bathenge izimpahla bese bezibeka endaweni eyodwa. Loku kwenza kube lula kubona ukwehlisa kwamanani ezimpahla nokungazisweli izimpahla.
“Loku kuyabagqilaza abanikazi bezitolo ngoba bagcina sebephoqeleka ukuthi behlise intengo ukuze izimpahla zabo zithengwe. Bagcina bengenzi nzuzo etheni, abanye bagcine bezivala izitolo zabo ngoba kuthengwa kakhulu kwezabokufika ngoba zibiza kancane,” kusho yena.
Uthi akabavalele ngaphandle abanikazitolo bokufika njengoba nabo bekwazi ukusebenzisa uhlelo lweBrought Cargo ukuthenga izimpahla.
UMaphopha nethimba lakhe bachushisa osomabhizinisi ngezindlela ezingcono zokuthuthukisa amabhizinisi abo. Iphupho lakhe wukubona bonke osomabhizinisi abasafufusa bekhulisa izitolo zabo, benza nenzuzo.
Uthi kuyamgqugquzela ukubona indlela ibhizinisi elamukelwa ngayo ngabanikazi bezitolo; yingakho enesifiso sokulisabalalisa eNingizimu Afrika yonke.
Uphezu kwezingxoxo nabanikazi bezitolo ezifundazweni ezahlukene okubalwa kuzona neKwaZulu-Natali. Uthi ukufunda ebe eqhuba ibhizinisi sekumfundise lukhulu njengoba kufanele aphumelele kukhona konke.
“Ngifunde ukuthi ngingadembeseli ukwenza umsebenzi wesikole. Konke okusuke kufanele ngikwenze esikoleni, ngikwenza kuqala ngokushesha ukuze ngingasali kwabanye,” kusho uMaphopha.
Ukhuthaza abanye abanesifiso sokuzisungulela amabhizinisi ukuthi bangahlali isikhathi eside nabakucabangayo.
- Facebook: Lethabo Maphopha

