UNks u-Ayanda Mcoyi, umsunguli weLimitless Brands, ekhuluma emcimbini webandla lamaRoma iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: nguSLINDILE KHANYILE

Izinkakha zosomabhizinisi zicije abalangazelela ukuba namabhizinisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUHLONYISWE osomabhizinisi abasafufusa nabafisa ukuba namabhizinisi ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi nokuphatha imali emcimbini obuhlelwe yibandla lasemaRomeni iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo.

Lo mcimbi obubizwa ngeFinancial Empowerment and Growth, nosuzobakhona minyaka yonke, ububophele izinkakha zosomabhizinisi ezimbonini ezihlukene. 

Zonke izikhulumi zivumelane ngazwi linye ukuthi abantu, ikakhulukazi intsha, kufanele babheke amathuba okuzisebenza kwazise imisebenzi iyacikizela eNingizimu Afrika. 

NgokweStatistics South Africa isibalo sabantu abangasebenzi ezweni simi ku-32.9%. Nokho izikhulumi zigcizelele ukuthi ukuqala ibhizinisi ungenawo amaqhinga okukhulikhulisa futhi uzokwazi ukuphatha imali ngeke kukusize. 

UNksz u-Ayanda Mcoyi, umsunguli weLimitless Brands, inkampani egxile kwezokukhangisa, uthe abantu abangabanjwa ukuthi basaba ukuthi bazohluleka. 

Uthe: “Yiba nesibindi sokuthi uzohluleka ngoba kuyahlulekwa emabhizinisini. INingizimu Afrika ayibeseki osomabhizinisi… qala kancane kancane futhi uzihloniphe nomsebenzi uwuhloniphe. Uma wenza njalo, lugcina seluphela uvalo. 

“Ukuqashwa kunobusathane thize ngoba uma uqashiwe ithemba lakho ulibeka emholweni wakho nakwi-credit card yakho. Uthemba umqashi, kodwa uma uzisebenza, uwena, umbono wakho noNkulunkulu. Luyakhula uhambo lwakho noNkulunkulu uma unebhizinisi,” kweluleka uNksz uMcoyi.

Abebehambele umcimbi bathekele ulwazi nakuMnu uSiyanda Ntenga weNtenga Shoes Foundation. Ukhuthaze abantu ngokuthi bangapheli amandla futhi bangabuki iminyaka yabo bacabange ukuthi sebeshiywe isikhathi, basengawaqala amabhizinisi noma ngabe baneminyaka emingaki.

UMnu uNtenga, umsunguli weNtenga Shoes Foundation, uthi kuyahlelelwa ukuqala ibhizinisi

UNtenga owaqala ibhizinisi lakhe lokuqala esaqashiwe eTransnet uthe kuhle ukuzilungiselela uma kuwukuthi uzoyeka emsebenzini. 

“Angiyishintshanga impilo yami uma kunyuka umholo wami (eTransnet) ngiphuma ohlelweni lwamathwasa. Sengiqashwe ngokugcwele, ngaqhubeka ngaphila ngoR1 000. Kwangisiza lokho ngakwazi ukonga imali engazitshela ukuthi ngizophila ngayo okungenani izinyanga eziwu-10 kuya kweziwu-12 emva kokuyeka ukusebenza, sengizisebenza ngokugcwele. 

“Ungavele nje uwuyeke umsebenzi ungahlelile kahle. Kumqoka nokuzicija ngolwazi, ufunde. Into ebulala isizwe esimnyama utshwala, izinkundla zokuxhumana nethelevishini; ziyasimosha isikhathi lezo zinto,” kukhala yena. 

UMnu u-Abel Mokoena, isikhulu esiphezulu seLuma Life Hospitality Group, inkampani enezindawo zokudlela, izakhiwo nezindawo zobumnandi, ugcizelele ukuthi abantu abawahloniphe amabhizinisi, bazi izinto ezibeka amabhizinisi abo engozini ukuze bezozisukumela futhi baqaphelisise uma beqasha abantu.

 

UMnu uMokoena, isikhulu esiphezulu Luma Life Hospitality Group, uthi cacisa ukuthi yini eyenza ibhizinisi lakho lihluke kwelincintisana nawo 

“Ungananazi ukuxosha umuntu ombonayo ukuthi akangeni khaxa ebhizinisini lakho ngoba loko kugcina kona kakhulu. Bala isenti nesenti elingena ebhizinisini lakho futhi yiba neqhinga lokubeka imali elihlukile kunelebhizinisi. 

“Hlale ucabanga ngamakhasimende akho futhi uyazi kahle into eyenza ibhizinisi lakho lihluke koncintisana nabo. Kubalulekile nokuzinakekela, unakekele umzimba wakho, indlela odla ngayo futh ulale ngokwanele. Isiyaphela yokuthi kukhona ‘isikhathi sabantu’, siyahlonishwa isikhathi ebhizinisini,” kweluleka uMokoena.

UMnu uMfanafuthi Kheshwa, umqondisi weNtando Financial Services, weluleke abantu ngokunakekela imali, ukubaluleka kokonga imali, ukuyitshala nokuqikelela ukuthi zonke izinto zabo zimi ngononina. 

“Siyazibheka yini izitatimende zama-akhawunti ethu asebhange? Uyawazi yini umshado owushadile ukuthi uyithinta kanjani imali yakho? Kunemigomo elawula izikhwama zempesheni, abaziphethe kufanele bakhokhele labo bantu obubondla, hhayi nje labo obabhalile kuphela. Singabantu abamnnyama sinemali kepha asiyazi imithetho yemali,” kusho uKheswa. 

UMnu uKheswa, umqondisi weNtando Financial Services, uthi abantu abamnyama abafunde ukwenza imali ibasebenzele

UMfundisi uThembelani Ngcobo, ohola iSacred Heart, uthe sesiphelile isikhathi sokuthi amasonto asabe ukukhuluma ngezindlela ezingasiza abantu bakhulise umnotho.

“Kufanele sibe nobudlelwano obuhle nemali. Asikwazi ukufa sifana nabazali bethu, kufanele sishiyele izizukulwane umnotho kanti ukusebenza kuyisibusiso.

“Enye into abantu baye bacabange ukuthi abafundi bakaJesu ngabantu ababehlupheka kanti akunjalo, abanye babewosomabhizinisi kanti abanye babekhuluma izilimi ezihlukene,” kusho uNgcobo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page