Zama ngako konke ukuvikela ibhizinisi lakho ngomshwalense, kuloba uNtokozo Biyela

BAFUNDI bale ngosi ngiyathemba nisagcinekile kuzo zonke lezi zivunguvungu esizibona zenzeka emnothweni, kwipolitiki nemvelo.

Ngenkathi ngibhala le ngosi ngibone ezindabeni zangoMsombuluko ukuthi eMpangeni naseRichards Bay namaphethelo bahlaselwe yisivunguvungu esinzima kabi esilimaze amabhizinisi nengqalasizinda.

Loku kungiphathe kabi ngazibuza ukuthi kanti ngempela KwaZulu-Natali sadlani kabani le engaka uma sesizohlaselwa yizinkinga ezingaka mihla namalanga? Mkhulu umonakalo owenzeke emabhizinisini aseMpangeni naseRichards Bay.

Iningi lala mabhizinisi lisazama ukuvuka lizithintithe ngenxa yezinhlekelele ezifana neCOVID-19 ngo-2020, imibhikisho okwatashwa izimpahla ngayo ngo-2021 nezikhukhula zango-2022. 

Loku kusho ukuthi kusukela ngo-2020, osomabhizinisi baseKZN abakaze bakuthole ukuphumula. 

Maningi amabhizinisi angabange esabuya emva kwazo zonke lezi zinkinga. Loku kuyadabukisa ngoba nangapha izinkampani zixosha izisebenzi ngoba isomo somnotho asisihle. Manje baningi abantu abazithola sebesele dengwane bengenayo imisebenzi. 

Uma ubheka isimo amabhizinisi abhekene naso, sinzima kakhulu, ngaphezu kokutabalasa, amabhizinisi ezama ukubuya enze imali, asezithola esebhekana nesinye isimo sesivunguvungu esilimaze izimpahla salimaza nengqalasizinda.

Ngiyathemba ukuthi uhulumeni uzongenelela ngokushesha kulesi simo kuxhaswe osomabhizinisi ukuthi basheshe bakwazi ukubuyela esimweni baqhube amabhizinisi abo. 

Sibonile ngokudlule ukuthi akuwona wonke amabhizinisi akwazi ukuthola usizo kuhulumeni kodwa ngiyathemba ukuthi manje la mabhizinisi athintwe yisivunguvungu azosizakala ngokushesha.

Yingakho-ke nginxusa abantu abanamabhizinisi ukuthi benze imizamo yokuthatha imishwalense evikela amabhizinisi abo ezintweni eziningi, ikakhulukazi isimo sezulu nezinye izinhlekelele zemvelo. 

Akusekuhle esikhathini esiphila kusona uma unebhizinisi, ikakhulukazi eKZN ukuthi ungabinomshwalense ozokwazi ukukusiza uma kwenzeka kubakhona izigameko ezifana nalezi esizibone zenzeka esifundazweni eminyakeni emine edlule.

Okubuhlungu kakhulu ukuthi uma kuba khona izimo ezibucayi kanjena akuwona kuphela amabhizinisi alimalayo. Abantu abangosomabhizinisi balinyalelwa izindlu zabo futhi, kokunye bahanjelwe izihlobo zabo kuzo lezinhlekelele. Loku kwenza ibe ningi ingcindezi osomabhizinisi abazithola sebekuyona. Yingakho iningi lidinga ukusizwa nangezimo zengqondo, ngoba baningi abangakwazi ukumelana nalezizimo uma zenzeka empilweni ngokulandelana kwazo.

Kuyasiza futhi uma nomphakathi uzofaka isandla ukuze usize labosomabhizinisi ukuqoqa noma ukubasiza balungise emva kwenhlekelele. Sonke siyadingana ukuthi sibambane izandla ngoba izimo esibhekene nazo zinzima, yingakho kuthiwa umuntu ngumuntu ngabantu.

Izikhathi esiphila kuzona manje zidinga ukuthi sibambisane ngoba impilo inzima. Loko kodwa kubuye kusho ukuthi nathi singosomabhizinisi kufanele sikwazi ukusiza imiphakathi esiphilisana nayo uma simi kahle ngoba asazi siyovelelwa nini yinhlekelele edinga sisizwe umphakathi.

Ngiyazi maningi amabhizinisi amancane angeke akwazi mhlawumbe ukukhokha le mali yomshwalense. Ngicabanga  yilapho uhulumeni engakwazi ukungena khona afake isandla ngaphandle kokunikeza amabhizinisi imali yokusimama.

Ziningi izindlela amabhizinisi amancane angasizakala ngazo ukuze akhule aqashe abantu abaningi. Siyabona ukuthi isimo somnotho asisihle. Loku kusho ukuthi umnotho wezwe umelene nenselelo yokwakha amathuba emisebenzi. 

Babodwa abantu abangakwazi ukusiza uhulumeni ukwakha imisebenzi. Labo bantu osomabhizinisi amancane. Emazweni wonke anesibalo esiphezulu sabantu abaqashiwe, ngosomabhizinisi abancane abavula amathuba emisebenzi.

Ngizwelana nabo bonke abalahlekelwe eMpangeni naseRichards Bay esivunguvungwini esihlasele la madolobha. Ngithi duduzekani, ongaPhezulu abe nani. 

Ngiyafisa sengathi izinhlelo zikahulumeni ezikhona zingasheshe zinisize.

Ungapholisi maseko somabhizinisi, zama ngazi zonke izinhlelo ukuvikela ibhizinisi lakho ezinhlekeleleni.

  • UBiyela wumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page