KULELI sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele imbongi nomlingisi uSbongiseni Mbutho odume ngelika‘Sbo Da Poet’. Wayelingisa indawo kaZebedewu kwiSibaya nendawo eqavile efilimini ethi Iphupho – The Dream kanti manje usewumqondisi nombhali wamafilimu

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, umama wayenginika.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngiqale ngo-2006 ngifunda uMatikuletsheni. Ngicela ukungalidaluli ibhange.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Imali (ayihlale) ikhona. Uma ifikile, isuke idlula. Kumele wenze izinto ngokucophelela.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ukusebenza ngenkathi ngiqeda isikole, ngisebenzela inkampani kapende. Umholo wami kwakuwu-R2 500.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga iselula eyayisemgangathweni iMotorolla, kwathi eyasala ngayinikeza umama ukuthi angigadele yona ngoba ngangisemncane.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukwakhela umama umuzi ngo-2014. Ukubona umama ehlala emzini omuhle owakhiwe yimina kuyangijabulisa.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Eyi, angilikhumbuli ngoba konke engisuke ngikwenza ngisuke ngikuhlelile.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Uma uthatha imali uthenga umhlaba, noma umuzi leyo mali usuke ungayichithi kodwa usuke uyitshala. Uma usudayisa lezo zinto zisuke sezibiza imali engaphezu kunalena owazithenga ngayo.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingalungisa umuzi wami nokamama bese ngimthengela imoto.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Imali ayihlale ikhona, ngakho uma ungumuntu othanda ukuzikhipha njalo ngezimpelasonto kumele unciphise. Kubalulekile ukuthi imali uyitshale futhi ungagxili emkhakheni owodwa. Uma kuvuma ukuthi ubuyele esikoleni, yenza njalo, uzithuthukise.
