Isikhulu esiphezulu eTransnet uNksz uPortia Derby

Izithombe: wuGoogle

Nakuba kusekuningi okunye okudinga ukulungiswa ngezitimela kepha kuntwela ezansi eTransnet. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUBUKEKA sengathi seziqala ukulunga izinto enkampanini kahulumeni ethutha izimpahla ngamachweba, izitimela namapayipi iTransnet. Kuleli sonto le nkampani yethule umbiko wayo wonyaka wezimali ophele mhla ka 31 ngoMashi 2022, lapho imemezele khona ukuthi yenze inzuzo ewuR5 billion. 

Ngo-2021 yalahlekelwa wuR8.7bn. Ithe isiyonke imali engenile inyuke ngo-1.8%, yafinyelela kuR68.5 bn kanti imali eyenzile ingakabanjwa inzalo, intela nemali egada ukwehla kwenani lezimpahla ikhuphuke ngo-20.5%, yafinyelela kuR23.4bn.

I-Transnet ithe imali eyingenisile ikhushulwe wukunyuka komthamo womsebenzi emachwebeni nethuthwa ngamapayipi ngenxa yokuphucuka kwesimo somnotho. Ithe loku kwenzeke nakuba kube khona imililo ephazamisile emachwebeni, kwehla umthamo ezitimeleni ngenxa yezinselelo zamaguzu, ukutshontshwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yojantshi. 

“Siyabona ukuthi mkhulu umsebenzi okufanele siwenze ukuphucula izitimela, ezobunjiniyela namachweba,” kusho isitatimende.

I-Transnet inezinkampani ezingaphansi kwayo iTransnet National Port Authority (yengqalasizinda yamachweba), iTransnet Port Terminals (elawula umsebenzi wamachweba), iTransnet Freight Rail (yezitimela), iTransnet Pipelines (yamapayipi) neTransnet Engineering (eqondone nezobunjiniyela). 

Kuhambe kahle ezimalini eTransnet

Le nkampani ithe izindleko zayo zingaphansi ngenxa yemizamo ebiyenza yokonga ngezindlela ezihlukene. Nokho ithe imali eyongile iphazamisekile kancane ngenxa yemali eyikhokhele izisebenzi eziqoke ukushiya nangenxa yokunyuka kwamanani kagesi.

Iphawula ngekota yokuqala yalo nyaka wezimali wango-2022/23, ithe ibhekene nezinselelo okuyizikhukhula KwaZulu-Natali, ukutshontshwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda. Nokho ithe isazibophezele ekulungiseni izinkinga ezinqinda umsebenzi ngenxa yengqalasizinda, amaguzu nezokuphepha. 

“I-Transnet Freight Rail isanda kuqala uhlelo lapho ibambisene khona nomNyango wezokuVikela ukubheka izinsiza zezokuphepha ukusiza ukuvikela ingqalasizinda,” kuqhuba isitatimende.

I-Transnet ithe iyaqhubeka nokubambisana namakhasimende ukuphucula ezokuphepha. Yengeze ngokuthi iphezu kwezinhlelo zokuthenga amaguzu amasha, yathi izomemezela imininingwane yalokhu maduzane. 

Le nkampani imemezele ukuthi lo mbiko wezimali uthole umbiko omuhle eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele, obekungokokuqala eminyakeni emine.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page