UmNyango wezeziMali uthi abathathelwe izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe abangakhokheli osomabhizinisi abancane ngesikhathi

Isithombe: wuGoogle

Kuzoqina ibhawodi kuhulumeni kwabahudula izinyawo ukukhokhela osomabhizinisi abancane ngesikhathi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUBE ngcono ukukhokhelwa kosomabhizinisi wuhulumeni ngesikhathi njengoba abaningi bekhokheliwe ngezinsuku ezingu-30 ngonyaka wezimali wango-2021/22. 

Osomabhizinisi bayavumelana naloku kodwa bakhala bayazithulisa ngomasipala.

Ngokombiko obheka loku, osomabhizinisi abebefake izicelo eziwu-401 691 zemali ewuR33.7 billion bakhokhelwe yiminyango kahulumeni omkhulu neyezifundazwe ngonyaka wezimali wango-2021/22. Izicelo ezingakhokhelwanga, nobesekuphele izinsuku eziwu-30 zifakiwe, ziwu-67 862 kanti ezemali ewuR6.1bn

Lo mbiko okhishwe wumNyango wezeziMali wezwe uveze ukuthi izicelo ezingaphezu kwezinsuku eziwu-30 okuphele unyaka wezimali wango-2021/22 zingakakhokhelwa ziwu-134, nezihlanganisa uR5 million. Lesi simo singcono kakhulu (ngo-63%) uma kuqhathaniswa nesasekupheleni konyaka wezimali wango-2020/21 njengoba wona waphela kunezicelo eziwu-358 zenani likaR426m.

Kusukela ngo-2011, iminyango kahulumeni ilindeleke ukuthi ithumele umbiko njalo ngenyanga lapho ichaza khona imininingwane yezicelo zokukhokhelwa, inani lazo ezisuke zingakhokhelwe emva kwezinsuku eziwu-30 nezizathu zokungakhokhwa ngesikhathi noma ukungakhokhelwa kwazo.

Ukungakhokhelwa ngesikhathi ngenye yezinto osomabhizinisi abavame ukukhala ngayo ikakhulukazi abancane njengoba kwabanye kugcina kuholela ekuweni kwezinkampani zabo. 

Osomabhizinisi abaxoxe noMbele bathe kukhona lapho izinto zingcono khona uma kukhulunywa ngeminyango kahulumeni namabhizinisi kahulumeni kodwa bonke bathi kusabheda uhlelo komasipala.  

Omunye usomabhizinisi osemkhakheni wokukhangisa nezokuxhumana uthe iminyango avame ukusebenzisana nayo KwaZulu-Natali, okuyiHhovisi likaNdunankulu, umnyango owezokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha nezeMvelo noweziMali imkhokhela kahle futhi kwesinye isikhathi imkhokhela zingakapheli ngisho izinsuku eziwu-30.

“Namabhizinisi kahulumeni engisebenzisana nawo, okuyiRichards Bay IDZ neKZN Wildlife, bangikhokhela kahle. Abantu abadinga ukwenza kangcono womasipala. Kukhona omunye umasipala obungikweleta uR2 000 okuze kwaphela izinyanga ezimbili ungangikhokhele ngoba bethi kukhona engingakuthumelanga. Yinto engize ngayizwa ngoba sengibuza ngemali leyo. Bayazicothozela nje omasipala, ubonga ngelinye ilanga sekungena i-SMS,” kusho lo somabhizinisi. 

Omunye usomabhizinisi osembonini yobunjiniyela nokwakha uthe abayazi bona indaba yokukhokhelwa ngezinsuku eziwu-30. 

“Umnyango osikhokhela ngesikhathi owezokuHlalisa aBantu, nesingazi noma kwenzeka ngoba sisuke senza le misebenzi ethathwa ngokuthi ibalulekile futhi iyaphuthuma esifundazweni. Kumanje sekuphele izinyanga ezimbili silinde umNyango wezeMfundo; imvamisa silinda amasonto ayisithupha kuya kwayisikhombisa ngaphambi kokuthi sikhokhelwe.

“Omasipala nabo bayazihluphela futhi kokunye bona bake bakwenzise umsebenzi abathi besuka bebe bekutshela ukuthi uyoze ukhokhelwe uma kuqala unyaka wezimali omusha. 

“Kuke kuphele izinyanga eziyisithupha ungakhokhelwe kodwa siyawuthatha umsebenzi ngoba sisuke sazi ukuthi ngelinye ilanga imali izongena. Amabhizinisi kahulumeni esisebenza nawo uTransnet nePrasa. Hhayi bona abahluphi bandla, bazenza kusenesikhathi izinto zabo futhi bachazelana kahle ukuthi yini oyidingayo ukuze imali yakho ingabambezeleki,” kusho yena.

UmNyango wezeziMali usuphakamise ukuthi kuthathelwe abaphathi bemali izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe futhi kube yingxenye yezinto okubuyekezwa ngayo umsebenzi wabenza lo msebenzi.

Wengeze ngokuthi lolu daba kufanele lube sohlwini lwezinto okubhungwa ngazo emihlanganweni yabaphathi yanyanga zonke. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page