Ukhamba lufuze imbiza kwabakhula ngamandla ebhizinisi lezimbali. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

IZITHANDANI zikhuthazwe wukubona onina bezimisela ukushiyela imndeni yabo ifa zase zinquma ukuzicabela indlela ngokuzisungulela ibhizinisi lazo.
UMnu u-Ikaneng Khunoana nentombi yakhe uNksz uLesego Lesetedi bangabanikazi be-Ellen Rose Fresh Flowers and Gifts, ibhizinisi lezimbali nezipho abathi ngalo baphokophele ukujabulisa amakhasimende abo ngezinto angasoze azikhohlwa.
UKhonoana utshele iVutivi News ukuthi igama lebhizinisi lisuselwa kugogo kaNksz uLesetedi owayengusomabhizinisi ovelele nowayegqugquzela nomndeni wonke ukuthi uphumelele.
Unina kaNksz uLesetedi waqala ibhizinisi lezakhiwo i-Ellen Rose Properties ngo-2009. UKhunoana wayeqashwe kulona ngaphambi kokuziqalela ibhizinisi lakhe noNksz uLesetedi ngo-2020. Lo somabhizinisi waseTshwane okhulele emabhizinisi, wakhuthazwa wunina.
“Umama uwungoti wezimbali, waqala ibhizinisi lakhe emva kokuhlukana nobaba emva kweminyaka ewu-20 beshadile. Waqala enesitolo esisodwa okwagcina sekuba izitolo ezintathu eTshwane. “Bangikhuthaza labo mama bobabili, ngakhetha ukusebenzisana nomuntu wami ukuze siqale lo msebenzi.”

UKhunoana uthi ibhizinisi labo lihlinzeka ngezimbali nangezipho zayo yonke imicimbi. Izimbali zidayiswa ziyisixha noma zihambisana nengxubevange yezipho. Izimbali bazithola emakethe yezimbali eGoli.
Inkampani ihlela imicimbi ekhethekile njengama-picnic.“Engikuthanda kakhulu ngalo msebenzi wukubona indlela abantu abenza ngayo uma bethola izipho. Loko kukodwa kuwumuzwa engingeke ngikwazi ukuwuchaza,” kusho yena.

UKhunoana uthi bebesebenzela ePretoria East naseMabopane lapho khona ababa nenkontileka yabo yokuqala noSpar. Uthi babenza imali enhle kodwa kwadingeka ukuthi bathuthe ngoba kwakunzima ukusebenza beseTshwane ngenxa yezindleko zokuthutha nokukhiqiza izimbali eziningi ezidlula inani abakwazi ukulidayisa.
“Senza imali eningi eTshwane East ngoba safaka imali eningi ekuzikhangiseni, sabona ukuthi izakhamuzi zaseTshwane East ziyazifela ngezimbali.”
UKhunoana uthi ukuvulwa ngokusemthethweni kwebhizinisi labo ePretoria East ngoSepthemba kube yimpumelelo enkulu.
“Kwafika abantu abaningi emcimbini, ngashaqeka uma ngibona ukuthi abantu abaningi kangaka bathanda izimbali,” kusho yena.
Iphupho lalezi zithandani wukuvula ezinye izitolo ezimbalwa kwezinye izifundazwe. “Ngifuna i-Ellen Rose Fresh Flowers and Gifts kube yiyona abantu abayicabangayo uma befuna ukuthenga izipho,” kuphetha uKhunoana.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: @ellenrose_za

