Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uMbalezinhle ‘Magcwabe’ Mabaso, umlingisi womdlalo wethelevishini U-Bettina Wethu, imbongi nomculi we-Afro house

Usemcane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa encane yokudla esikoleni
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngayivula eStandard Bank ngo-2013.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali isengqondweni yomuntu njengoba ngaqala ngisemncane kabi ukuzibekela imali esikoqokoqweni.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Seloku kwathi nhlo ngiwumuntu ozisebenzayo ngokuhaya izinkondlo. Yize ngingasakhumbuli ukuthi kwakuyimuphi unyaka kodwa umholo wami wokuqala kwakuwuR2 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathengela umama ukudla kwasendlini, kwathi eyasala ngazithengela izingubo zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuzifundisa ngize ngifike ezikhungweni zemfundo ephakeme
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Imali encane engenayo yenza okunye ngayo, njengokudlala istok’fela, ukuze ibuye isiningi.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingavula ibhizinisi engibonayo ukuthi umphakathi uyalidinga bese ngiyibeka esalayo ukuze ngibolekise ngayo.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi uma uthola imali ungayibhubhudli kodwa uyiphathise okwezikhali zamaNtungwa. Ungaphiki nabangani (bamanga) ngoba bayakushiya uma ungesenayo imali.
