UMnu uLungisani Zwane weZebra Paints yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali

Isithombe: Sithunyelwe

Liyadlondlobala ibhizinisi likapende eselinabele nakwezinye izindawo. Umnikazi walo uxoxe noTEBOGO MOKWENA ngokukhula kwalo

UMKHIQIZI kapende waKwaZulu-Natali usevule isitolo sesibili, okufakazela ukuphumelela kwebhizinisi lakhe ekuthembekeni nokusebenza ngobungcweti.

NgoSephthemba 2021 iVutivi News ibhale ngebhizinisi likaMnu uLungisani Zwane iZebraah Paints, elikhiqiza upende KwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali. UZwane usenegatsha lesibili eMlaza, lapho eqashe khona umuntu oyedwa.

Isitolo sivulwe ngoMeyi sibhekane nezinselelo eziningi esicishe sangavulwa ngenxa yazo. Lezi zinselelo yizikhukhula ezabakhona esifundazweni, ugulelwe ngabazali bakhe bephethwe iCOVID-19 nezinkinga zokuphepha endaweni akhiqizela kuyona.

UZwane uthe le ndawo okwakumele ivulwe ngoJulayi ngonyaka odlule, iyisitolo kuphela kodwa le endala eKwaMashu iyisitolo futhi kukhiqizwe kuyona.

“Indawo yatholakala ngonyaka odlule. Emva kokuthola indawo sahlela ukuvula, abazali bami bahaqwa yiCOVID-19. Kwakumele ngibanakele, ngagcina sengingakwazi ukugxila ebhizinisini. Emva kokuthi sebengcono kwakumele sivule kodwa kwaba nezinkinga ezazithinta inkontileka yabezokuphepha endaweni esisebenzela kuyona KwaMashu. Sasingakwazi ukuthutha isitokwe, kwafanele sihlehlise ukuvula. Asizange sivule ngo-Okthoba nangoNovemba ngoba yizikhathi ezibhizi kakhulu lezo onyakeni.

“Nakulo nyaka sithe sesizovula saphazanyiswa yizikhukhula kwaba nezinkinga zamanzi nogesi okwakumele zilungiswe.”

UZwane uthe nakuba bekunzima kodwa umphakathi usemukela ngemfudumalo isitolo. Sesiqalile sihambisa umkhiqizo ezindaweni ezikude njengaseMpumalanga Kapa naseGoli.

UZwane uthi ukuphumelela kwakhe kungenxa yomsebenzi nemikhiqizo esezingeni eliphezulu. “Kubaluleke kakhulu kumina ukuthi ngithembeke kubathengi bethu, nokusebenza ngendlela efanele necacile uma sisebenzisana nabo.

“Sekuphele inyanga sivulile sibona inqwaba yabathengi nama-oda angena esitolo sethu. Ibhizinisi lethu lithola izincomo ezinhle zodwa kuFacebook, loku sekuholele ekutheni abantu bayeke abakhiqizi bapende abaziwayo ngenxa yomsebenzi wethu,” kusho yena.

UZwane uthe isitolo esisha siqale kahle ngoba benze indlela yokuzikhangisa ezozwana nezidingo zabantu baseMlaza.

Ukuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwesitolo kuba impumelelo omunye wezisebenzi zakhe nguye ophethe isitolo. Uzoqasha omunye ukulekelela njengoba isitolo sikhula ngamandla.

Uveze ukuthi uzovula isitolo sesithathu ungakapheli lonyaka.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page