Inselelo yokugula kwakhe imholele ekusunguleni ibhizinisi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WASIZWA wukuthi abazali bakhe bangapholisi maseko ukusukuma bayofuna usizo uma bebona okusolisayo ngaye. Lolo sizo aluthola eneminyaka ewu-14 lwamenza wakwazi ukuqeda isikole, waze wayoqeqeshelwa ukuba wudokotela.
Nanamuhla luyamsiza njengoba ekwazi ukuphila impilo ejwayelekile njengawo wonke umuntu nakuba enesinye sezifo okunzima ukuziqonda kubantu abamnyama, i-bipolar.
Akukhona nje loku akuhlomula ngokugula kwakhe uDkt uSamke Ngcobo. Kumzalele nebhizinisi iVocal Mentality. Le nkampani yakhe eneminyaka emibili igxile ekufundiseni abantu nge-bipolar ezinkampanini nasemphakathini. UDkt uNgcobo ufundisa ngokusebenzisa impilo yakhe nolwazi analo njengodokotela; nokho akasiye udokotela ogxile ekwelapheni izifo ezithinta umphefumulo nengqondo.
Uma eyichaza i-bipolar, uDkt uNgcobo uthi lesi yisifo esenza imizwa yomuntu ingasebenzi kahle futhi indlela umuntu asuke ezizwa ngayo ngalelo langa iba mandla njengokuthi uma umuntu ejabule, ujabula kuze kweqe kanti uma edangele, ucobeka kakhulu.
“Ngangimncane kakhulu ukuthi ngiqonde ukuthi kwenzakalani ngami. Abantu ababona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngabazali bami. Yize ngangimncane kodwa into engangiyibona wukuthi imizwa yami yayiba ngaphezu kwengikwazi ukukumela. Ngangicabanga nokuthi wukucikeka nokushintsha kwemizwa okuhambisana nesigaba sokukhula kodwa abazali bami babona ukuthi kuyanyukela.
“Ngangithi uma ngithule ngithule kakhulu futhi vele ngangingeyena umuntu okhuluma kakhulu ngaleso sikhathi. Kepha ngase ngiqala ukusho ukuthi ngibona abantu abangasekho, ngikhuluma nabo, ngizwa izinto ezindlebeni bona ababengaziboni. Abazali bami bangiyisa kwi-psychologist, yona eyagcina ingidlulisela kwi-psychiatrist, ngalala esibhedlela.”

Izinto zaba nzima esefundela ukuba wudokotela e-University of KwaZulu-Natal njengoba ethi wayelala esibhedlela okungenani kabili noma kanye ngonyaka. “Kwakulukhuni ukwamukela ukuphila (nalesi sifo) futhi ngangingawadli amaphilisi. Angiqedanga ngesikhathi okwakufanele ngiqede ngaso. Ukuthi ngafunda ngaze ngaqeda ukuba wudokotela kuyamangalisa futhi yinto engiyibongayo kakhulu.”
UDkt uNgcobo, oneminyaka ewu-35, uzalelwe futhi wakhulela eThekwini, KwaZulu-Natali. Uthi enye yezinto edingekayo uma sekwaziwa ukuthi une-bipolar wukuthi udle amaphilisi impilo yakho yonke nokuthola usizo lwe-psychologist. I-Vocal Mentality ihlomisa abantu ngalo lonke lolu lwazi.
Omunye umsebenzi omkhulu owenziwa yile nkampani wukwenza abantu baqonde kahle abantu abane-bipolar ukuze bezogada nendlela abababuka ngayo nabakhuluma ngayo ngabo njengoba kwesinye isikhathi kungabantu okuvele kuthiwe baneconsi noma banenhliziyo encane.
UDkt uNgcobo wake wahlukumezeka naye ngezindlela ezihlukene abantu bembiza ngohlanya, bethi unamadimoni futhi uyathakatha. Muzwe echaza.
Ngaphambi kokusungula iVocal Mentality, uDkt uNgcobo ubeqashwe wumNyango wezeMpilo ewudokotela wezifo zonke. Ubezenzela eceleni umsebenzi wokufundisa ngezifo eziphazamisa ingqondo emphakathini, emasontweni nasezinkampanini. Kugcine kuholele ekutheni agxile kuwona.
Uthi ukunakwa kwalezi zifo, okunyuke kakhulu emva kweCOVID-19, kukhulise umsebenzi awenzayo. Kepha naye uyabhekana nezinselelo bonke abanye osomabhizinisi abasafufusa ababhekana nazo. “Kunzima ukuzisebenza, angifuni ukuqamba amanga. Uma uqashiwe unosuku ohola ngalo. Kodwa uma uzisebenza kulukhuni, ikakhulukazi ngasekuqaleni ngoba usadinga abantu bakuthembe, kufanele ukwazi ukubekezela, sengifunde ukuphokophela nokubekezela. Abantu uma bekhuluma ngokuzisebenza baye benze sengathi kumnandi futhi kulula kodwa akunjalo. Awunaso isikhathi sokuthi ungena ngesikhathi esiwukuthi, uphume ngesithile, usebenza noma yinini.”
Usebhale nencwadi esihloko sithi Reflections of a Convoluted Mind: A Journey with my Mental Illness. Uthi lena yincwadi eyamsiza emva kokuthi “ewile” ukugula kwakhe kwamehla ngenhla washiya imiyalezo eyayinganambitheki kwenye i-WhatsApp Group ayeyikuyona. Uthi ukusabalaliswa kwaleyo miyalezo kwamhlukumeza kodwa ngosizo lomndeni wakhe, odokotela nomkhuleko wadlula kusona. Yizwa echaza ngokubhala incwadi.
Usesungule nenhlangano engenzi inzuzo iSisters for Mental Health. Igxile ekutheni abantu babenesigcawu lapho bengakhuluma khona bakhululeke ngezinselelo zezifo zengqondo.
Uthi kuyathokozisa ukubona ukuthi izifo zengqondo sekukhulunywa ngazo njalo eNingizimu Afrika hhayi nje ngo-Okthoba kuphela, inyanga yokuqwashisa ngazo.
UDkt uNgcobo uwumsakazi kwiWoman Radio, esakaza kwi-internet, lapho enohlelo olufundisa ngezifo eziphazamisa ingqondo.
Instagram: @_vocalmentality

