UMnu uKenneth Klaas, umsunguli we-Untrained Chefs yaseSoshanguve, eTshwane

Izithombe: Zithunyelwe

Ubhubhane iCOVID-19 lube yisibusiso kodlondlobalayo embonini yezokudla. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NGESIKHATHI eyeka umsebenzi ayeqashwe kuwona embonini yezokwakha ngoba enzela ukugxila ebhizinisini lakhe lokudla, wayengalindele ukuthi lizophumelela ngokushesha.

Okwamumangaza kakhulu uMnu uKenneth Klaas we-Untrained Chefs wukuthi ibhizinisi lakhe, ayeliqale ngo-2017, likhule ngamandla ngesikhathi izwe livaliwe – isikhathi lapho izinkampani eziningi bezitabalasa khona, ezinye beziwa.

Uthi uqale leli bhizinisi ngoba abangani bakhe bayayithanda indlela apheka ngayo.  “Ngiqhamuka emndenini wosomabhizinisi kanti kwakunesitolo ekhaya kodwa angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyoba nebhizinisi kule mboni. Bengazi ukuthi abantu bayakuthanda ukudla (engikuphekayo) kodwa ngibe sengisukuma uma ngibona ukuthi kukhona engingakwenza ngaloko,” kusho yena.

Ubambisane nabangani bakhe oMnu uPhatheka Malindzi, uThabo Ramasega noBathini Nhlapo baqala benza imicimbi eSoshanguve, eTshwane, besebenzisa igama elithi Untrained Chefs.

I-Untrained Chefs ikhule ngamandla izwe livaliwe

“Sasiba nomcimbi njalo ngoDisemba kusukela ngo-2017 kanti kusukela emcimbini wokuqala, izinto zaba yimpumelelo. Abantu bakuthanda ukudla kwethu kanti bayithanda nendlela esasithaka ngayo sizame ezinye izinto. Nokho bengingasebenzi ebhizinisi ngokugcwele ngoba bengiqashwe embonini yezokwakha. Kuze kwaba kuhlasela ubhubhane lapho engisukume khona nganaka indaba yokuzinikela kwami enkampanini.”

UKlaas utshele iVutivi News ukuthi umcabango wendawo yokudla wamfikela ngenkathi izwe livaliwe njengoba wayelokhu efaka amaresiphi kuFacebook .

“Ukuvalwa kwezwe thaqa kuyilimazile imboni yethu, ikakhulukazi ngoba thina besingakwazi ukusebenzela emakhaya ngoba kufanele sibe lapho umsebenzi wenziwa khona. Umkami wayesebenzela ekhaya (kanti) mina ngangingasebenzi, ngakho ngaqala ngabhala amaresiphi esidlo sasekuseni, esasemini nesasebusuku futhi abantu babewathanda. Babengithumelela imiyalezo eceleni bengitshela ukuthi bakhathele wukudla ababekudla ngesikhathi izwe livaliwe, kuthe uma uhulumeni esevumela abahwebi abancane ukuthi basebenze, ngaqala ukusebenza ngibadilivela ukudla emakhaya.”

Omunye wabantu abaqala naye wahlela indawo abazosebenzela kuyona kanti akuthathanga sikhathi indawo yayisihlale igcwele. “Sasicabanga ukuthi sidinga ikamelo elilodwa kodwa sasimatasa ngale ndlela yokuthi kwadingeka ukuthi sithole indawo enkulu. Saqasha abantu abane ngoba sicabanga ukuthi loko kuzosiza simelana nomsebenzi kodwa saba matasa kakhulu, emva kwaloko kwadingeka sithole enye indawo enkulu.”

Namhlanje sebeqashe izisebenzi eziwu-12 kanti banezihlelo zokusinyusa lesi sibalo.

Nakuba bematasa kodwa uthi imali isabuye ibe yinkinga njengoba ethi kwesinye isikhathi kusadingeka ukuthi athathe kweyakhe ukuthenga isitokwe, ikakhulukazi ngoba izinsuku ezimatasa nguLwesine kuya kwiSonto.

U-Klaas uthe isifiso sakhe wukunabela nakwamanye amalokishi njengoba ethi ufisa ukuthi babesebesemalokishini amahlanu emva kweminyaka emihlanu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page