‘Akubenemikhiqizo ekhuthaza abantu ukonga ngisho utiki’
WUBONISWA MOHALE
YIZE izinto ziguquka ngenxa yobuchwepheshe kodwa kusekhona abantu abaziphilisa ngokudayisa bese bekhokhelwa ngokheshi. Laba bantu kufanele bakhuthazwe ukuthi bonge imali.
Isanda kusho kanje inhloko yezinhlelo zokufundisa abantu ngokuphatha imali eFinancial Sector Conduct Authority (iFCSA) uMnu uLyndwill Clarke.
Ngesonto elidlule utshele izethameli zengqungquthela yeFSCA ukuthi ziningi izithiyo ezenza abantu bangabinolwazi olwanele lokuphatha imali. Phakathi kwazo kubalwa ukungasebenzi, ukungaqedi isikole, ububha nokucwila ezikweletini.
“Abantu abaningi eNingizimu Afrika bathembele kwisibonelelo sikahulumeni. Abanalo ulwazi olwanele lokuphatha imali. Abanye abayanga ngisho esikoleni, okwenza baqolwe kalula yizigebengu ezidlala ngabantu abantulayo. Kuwumsebenzi wethu sonke ukucija abantu ngolwazi lokuphatha imali,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/09/asafufusa-ayinsika-ekufundiseni-ukuphatha-imali/
Uthe zonke izikhungo ezisebenza ngemali kufanele zibenomkhiqizo okhuthaza abantu abahola kancane nabaziphilisa ngokudayisa emgwaqweni ukonga imali. Wenze isibonelo sokuthi abantu abadayisa izithelo namaveji emgwaqweni abafani nabanikazi bezitolo abakwazi ukubanemishini yekhadi.
“Umuntu wesifazane odayisa izithelo namaveji kufanele azi ukuthi uma kuthengwe ngoR50 ngeke ayisebenzise yonke leyo mali. Kufanele athenge izidingo ngohhafu bese omunye uhhafu kubenendawo azowulondoloza kuyo imlethele inzalo. Ngabe sinawo ama-akhawunti okubeka uR25, asiza abadayisa emgwaqweni?,” kubuza yena.
Ukhale ngokuthi uma ingekho imikhiqizo egqugquzela abantu abahola kancane ukulondoloza, ngeke sishintshe isimo somnotho ezweni.
Uthe banethemba lokuthi izingane zizokwazi ukufunda ukuphatha imali esikoleni ngoba sebewucelile umNyango weMfundo eyiSisekelo ukuthi bafuna ukuthula izinhlelo zokufundisa izingane ngemali.
Ubalule ukuthi izikhungo zemali kufanele zifundise abantu ngokuphatha imali ziyeke ukukhala ngokuthi ukwenza loku akungenisi mali.
Uphethe ngokuthi izinhlelo zabo zokufundisa abantu ukuphatha imali azigcini ezikoleni nasemphakathini kodwa azibashiyi ngaphandle abantu abakhubazekile njengoba kunezincwadi ezifundisa abantu abangaboni nezinsiza zolwazi okwenzelwe abantu abangezwa kahle nabayizithulu.