Uhulumeni kufanele ushintshe ukwenza ngeSabelomali – isikhulu seBLSA
ISABELOMALI esithulwe namhlanje esifaka ukunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value-added tax (i-VAT) ngo-0.5 percentage points kulo nyaka okuzophinda nangonyaka ozayo, ngeshwa kubanga uvalo olufanayo nolwaqhamuka ngesikhathi singethulwa iSabelomali ngenyanga edlule.
Ngisho engakaqali nokuyethula inkulumo yakhe ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana, iDemocratic Alliance ibisishilo esidlangalaleni ukuthi ngeke iseseke iSabelomali, ngakho kungenzeka ukuthi iSabelomali singaphasiswa.
Kuyakhathaza ukuthi, njengoba eshilo ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz uKhumbudzo Ntshavheni izolo, kubenesikhathi esanele sokubonisana nazo zonke izinhlangano zepolitiki kodwa yize kunjalo, akuvunyelwana.
Ubeqinisile futhi uma ethi izisombululo ezizothatha isikhathi ngeke zisivale isikhathi sikaR60 billion oshodayo kwiSabelomali njengoba kuchithwe ukuthi i-VAT inyuswe ngo-2 percentage points obuzosivala.
Okunye okukhathaza kakhulu wukuthi kuncane okushiwo kwiSabelomali mayelana neziphakamiso zokunciphisa izindleko zikahulumeni ngokuhamba kwesikhathi okuyinto edingekayo ngoba akusekho okunye okungenziwa ukunyusa intela ukudlula osekwenziwe.
INingizimu Afrika ayikwazi ukunciphisa imali eyabelwa imfundo, ezempilo namaphoyisa ngaphezu kokwenziwe ngoba kuvele kuyashoda kulezi zindawo, indawo esele okungahleshulwa kuyona wukunciphisa kuwona wuhulumeni uqobo. Nokho loko akusho ukunciphisa amanesi nothisha kodwa amabhizinisi kahulumeni nezikhulu zikahulumeni. Kudingeka ukucabanga ngendlela ehlukile ngale kwaloko, sizobhekana nale nkinga futhi uma kuthulwa iSabelomali ngomuso.
Okwamanje ukushoda ngoR60bn kuzovalwa ngokunyusa i-VAT, okuzoshaya u-2026/27 isiwu-16% nangokwenza ezinye izinguquko kwintela ebanjwa emiholweni. UGodongwana uthe loku kuzongenisa uR28bn ngo-2025/26 bese kuthi ngo-2026/27, kungenise u-R14.5bn.
Ukubhekana nokunyuka kwezindleko zempilo, izibonelelo zinyuswe ngemali engaphezu kwalena amanani ezimpahla akuzo yize le mali yehlela kuR422.3bn, isuka kuR427bn kwiSabelomali esagcina singathulwanga ngenyanga edlule kanti isibonelelo sabantu abangasebenzi sizoqhubeka omunye unyaka.
Njengoba bekulindelekile, uhla lwezimpahla ezingakhokhiswa i-VAT luzokwanda njengoba sekuzofakwa amaveji asemakanini, eminye imikhiqizo yokusabisi, enye inyama yesiklabhu, eyenkukhu nezinye izilwane. Intela ebanjwa kuphethroli ayizukushintsha.
Into eyodwa iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ekhathazekile ngayo wukuthi akushiwongo lutho ngesimo sezombusazwe emhlabeni, ikakhulu ukuthi zinamphumela muni izinto ezingezinhle ezishiwo wumengameli waseMelika uMnu uDonald Trump ngeNingizimu Afrika.
Ungqongqoshe akashongo ukuthi iNingizimu Afrika izokwenzenjani ngokuphunyuka kwemali elinganiselwa kuR8bn exhase izinhlelo ezilwa nesifo sengculazi ebiqhamuka kwi-USAID.
Mayelana nomshwalense wezempilo i-National Health Insurance, ungqongqoshe ukhulume ngohlelo lokuhlanganisa imininingwane yeziguli, ukuhlanganisa indlela okukhishwa ngayo imithi yezifo eziyimbelesela nokugada lapho kugcinwa khona imithi, okuzokhokhelwa wumNyango wezeMpilo kodwa akangacacisa ukuthi kuzokhokhelwa kanjani.
I-BLSA iyaphinda eseyake yakusho ngaloku. Uma kungakacaci ukuthi lo mshwalense uzokhokhelwa kanjani, kufanele umiswe. Ukuqhubeka nawo ngaphandle kokucabanga izindleko ohambisana nazo, ikakhulu uma kubhekwa ingcindezi ekhona kwiSabelomali kuzodala izinkinga emnothweni. Isisombululo esihle yileso esizokhulisa umnotho kanti ngalapho, kuningi okuhle ngeSabelomali.
Iqhinga likaGodongwana lokukhulisa umnotho lincike ezintweni ezine, okuwukusimamisa umgomo womnotho, ukuthula izinguquko ezinqala, ukusheshisa ukutshala kwingqalasizinda nokuphucula ukusebenza kukahulumeni.
Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe iSabelomali siyibambe ngakho kulezi zinto ezintathu zokuqala. “Ukuzibophezela kukangqongqoshe ekungasebenzisi imali budlabha kuyancomeka. Njengoba kuhlelwe ukuthi inzuzo ibewu-0.5% womnotho futhi nesikweletu sime ku-76.2% womthamo womnotho, nokuzogcina kunciphisa imali iSabelomali esishoda ngayo ibewu-3.5% womnotho ngo-2027/28, ungqongqoshe uGodongwana wenza kahle ngokugcizelela ukubaluleka kokunciphisa isikweletu,” kusho uNksz uMavuso.
“Kulo nyaka iNingizimu Afrika izosebenzisa uR389.6bn ukukhokha izindleko zesikweletu, okungaphezu kwemali esiyihlinzeka ezempilo, amaphoyisa nemfundo eyisisekelo. Ukulungisa le nkinga kuzogcina kuholela ekutheni kwande iSabelomali sezidingo ezibalulekile njengezempilo, ezemfundo,” kusho yena.
Mayelana nengqalasizinda yomphakathi, kunoR1 trillion owabelwe iminyaka emithathu, okukhona kuwo u-R402bn wezokuthutha, uR219.2bn wengqalasizinda kagesi no-R156,3bn wamanzi nokuthutha indle. Uhulumeni uzoqhubeka nokulwela izinguquko ezidingakalayo ukuze imboni ezimele ibambe iqhaza elithe xaxa, ukuguqula indlela okwabiwa ngayo imali nokuthola ezinye izindlela zokukhokhela ingqalasizinda.
Ukusebenzisana kwemboni ezimele nohulumeni kumqoka ekuthuthukiseni ingqalasizinda, enye into okukhulunywe ngayo. UNgqongqoshe uGodongwana uthe imithetho emisha elawula lokhu isiphothuliwe futhi izoqala ukusebenza ngomhlaka-1 kuJuni, kulo nyaka.
Sekunesikhathi imboni ezimele iphakamisa ukuthi kushaywe le mithetho njengoba yenza kubelula ukusebenzisana nohulumeni. Ukubona ukuthi ayikho enye imali eyabelwe amabhizinisi kahulumeni, manje yisona sikhathi sokuphuthumisa ukusebenzisana phakathi kwemboni ezimele nohulumeni ukufeza izinjongo ezibekiwe eminyakeni emithathu ezayo.
UNksz uMavuso uthe ukuvumela izinguquko ezihlongozwa ngohlelo i-Operation Vulindlela kumqoka futhi kuzokhulisa umnotho.
“Lolu phiko oluseHhovisi likaMengameli lusebenzisana nomNyango weziMali ukuxazulula izingqinamba nokuthula izinguquko seluvele luzuze izinto eziningi ezinhle embonini kagesi,” kusho yena.
Wengeze ngokuthi iBLSA ithokozile ngezinto lolu phiko oluzogxila kuzona kulo nyaka, okuwusimamisa ugesi, ukushintsha imboni yokuthutha izimpahla, ukunciphisa izindleko nokuphucula ezokuxhumana ngobuchwepheshe nokuqinisekisa ukuthi kunamanzi anele futhi asezingeni elifanele nokushintsha indlela okukhishwa ngayo ama-visa abantu abadinga ukuzosebenza kuleli zwe.
“Zonke lezi zinguquko zikhulisa umnotho,” kusho uNksz uMavuso.
I-BLSA ijabule nangoR3.5bn owabelwe uphiko oluqoqa intela kulo nyaka noR4bn eminyakeni emithathu ezayo, okuzophucula ukusebenza kwalo. UKhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthe kunoR800bn ongaqoqwa kubantu nasezinkampanini.
Nokho-ke inkinga ukuthi imiphumela yazo zonke lezi nguquko izobonakala emva kwesikhathi.
Inselelo yokungemukelwa kweSabelomali okwenzeka ngenyanga edlule kungase kuphinde ngalesi esithulwe namhlanje ngaphandle uma uhulumeni uzokwamukela iqiniso lokuthi izinto azikwazi ukuqhubeka ngendlela ebezikade zenziwa ngayo ngoba kuzoloku kuqhamuka imiphumela efanayo.