Beka imali ngenkathi kusahamba kahle

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noBrian Khumalo, umlingisi wemidlalo yakwithelevishini. Uselingise emidlalweni esingabala kuyo i-Mother of All ne-Adulting 

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo kodwa eyokuphatha esikoleni kuphela. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngo-2018 sengifunda eDUT, ngayivula eStandard Bank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ukuthi ekhaya sasikhuthazwa ukubeka imali nokuyisebenzisa ngokucophelela.  

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngiyi-extra kwiMbewu: The Seed, ngahola uR350. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngawo izinto ezincane engangizidinga endlini. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukulekelela ezidingweni zasekhaya, ngibe wusizo kubazali bami. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Elokungahleli ukuthi imali ngizoyisebenzisa kanjani, okudale ukuthi uma ngiyithola ngiyimose ezintweni ezingenasidingo. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokujwayela ukonga nokubeka imali ukuze ikusize ezimweni ezinzima. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingenza izindlela zokuthi izale yande, ngithenge amasheya ezinkampanini ezithile ukugwema ukufana nabantu abagcina bengenalutho ngenxa yokusaphaza imali abayithole kalula. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi abajwayele ukubeka imali uma kusabahambela kahle kule ndima ukuze kungabi nzima empilweni uma bengasasebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/02/17/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nomduduzi-nombela-umculi-umdansi-nomlingisi-wemidlalo-yeshashalazi-neyethelevishini-kwimbewu-the-seed-udlala-indawo-kaphunyuka-khanyile-kanti-kuzalo-wayewubho/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page