UNks uNosipho Maphumulo uqokwe wayisikhulu esiphezulu sezimali esisha eTransnet. Isithombe: Sithunyelwe

Amanqampunqampu esonto

INTATHELI YOMBELE

  • ISIKHULU esiphezulu sezimali esisha eTransnet uNks uNosipho Maphumulo siyi-chartered accountant enamava eminyaka ewu-26 sisebenza e-Eskom, lapho siphathe khona izikhundla ezihlukene. Esinye sazo wukuba yisikhulu esiphezulu sezimali e-Eskom Rotek Industries phakathi kwango-2016 no-2020. Usebenze eConcor Holdings, lapho nakhona ayeyisikhulu esiphezulu sezimali ngaphambi kokubuyela e-Eskom Rotek Industries.
  • UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhule ngo-0.1% ngekota yesine ka-2023, nokwenze ukuthi unyaka wonke ukhule ngo-0.6%. Ngekota yesine, izimboni eziyisithupha kweziyishumi kanti ezikhule kakhulu ezokuthutha, ukugcina izimpahla nokuxhumana ezikhule ngo-2.9%. Izimayini zikhule ngo-2.4%, kwathi imboni kagesi, yigesi namanzi yasimama ngo-2.3%. 
  • I-ASPEN Pharmacare iqoke uNks uNeo Dongwana ukuthi abengomunye wabaqondisi bebhodi yayo futhi uzoba yilungu lekomidi le-Audit & Risk. Uyilungu lebhodi leNedbank kanti uke waba wusihlalo webhodi leBarloworld Limited. Uyi-chartered accountant ene-MCom yaseWits University, i-BCom ne-BCom Hons kwase-University of Cape Town.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page