Kuyingozi ukuhudula izinyawo ngezinguquko ezinqala embonini efana nekagesi, kusho umbhali wengosi. Izithombe: Zithunyelwe

Asikwazi ukudembesela ngezinguquko ezinqala, kuloba uBusi Mavuso

IZIKO leBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eligada nelibuyekeza ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala iBLSA Reform Tracker lithule umbiko omusha ngesonto elidlule. Angisho ukuthi kuyakhathaza okuvelile.

Zikhona izindawo ezinenqubekelaphambili kodwa ezindaweni ezimbili ezimqoka kakhulu ekukhuleni komnotho – imboni kagesi neyamanzi – izinto ziyatotoba.

Njengoba ukucima ugesi sekuphelile namachweba esesebenza kangcono kunangesikhathi inkinga isabhokile, nginovalo lokuthi sengathi sesibona “kwanele loko”. Ezweni lapho kunabantu abangasebenzi abawu-32%, asikwazi ukujatshuliswa wukuphucuka kwezinto kancane.

Kunezinto ezinhle eziqhamukile ezinginike ithemba. Ngesonto elidlule emva kokuphela kwekota ebesiyibuyekeza, umNyango wezaseKhaya ushicilele ukuthi uyaselula isikhathi se-Trusted Employers Scheme, uhlelo oluvumela abaqashi abathile ukuthi basheshise ukuthi izisebenzi ezithile ezinamakhono zithole izimvume zokuzosebenza ezweni, okuyiyonanto esiyidingayo ukuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyona.

Iziko liwuncomile futhi lo mnyango ngenqubekelaphambili esibekhona ngezicelo zama-visa ezenziwa ngobuchwepheshe okwenza izinto zibelula kubantu abavakashayo nemisebenzi edalekayo ngenxa yaloko.

Iyancomeka nenqubekelaphambili ekhona ekulungiseni ukusebenza komasipala nohulumeni wonke.

Nokho kukhona nalapho izinto zihlehlele khona emuva, okuyinto ekhathazayo, kanti asikwazi ukukwamukela lokho. Embonini kagesi kubenezinto ezingenziwanga ngesikhathi ebesinqunyiwe. Inqubo ezolandelwa abanye abaphehli bakagesi uma bedayisela amakhasimende ugesi bekufanele iphothulwe ngo-Ephreli kodwa leso sikhathi sesihlehliselwe uSepthemba.

Ukuphothula imithetho ezolawula abadayisa ugesi omningi nokuzokwenza kubenokuncintisana ngempela embonini kagesi, into umnotho wethu oyidinga ngempela, nakho kubambezelekile.

Abakhiqizi bakagesi abazimele kufanele banciphise imikhiqizo yabo kanti i-Eskom isikweleta cishe uR2 billion kagesi ongasetshenzesiwe, okuzokwenza abatshalimali bahudule izinyawo ekutshaleni imali embonini ezimele yokukhiqiza ugesi.

Okubaluleke kakhulu, okuwuhlukanisa i-Eskom phakathi nakho kuyatotoba yize kuwumgomo kahulumeni okwavunyelwana ngawo ngo-elethu. Akuseyona into okufanele kuxoxiswane ngayo, yinto osekufanele kwenziwe osekuvele kunqunyiwe.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/08/ukuphatha-ngobuqotho-kusho-ukulandela-umgomo-okuvunyelenwe-ngawo-kuloba-ubusi-mavuso/

Inkulu ngempela ingozi yokudembesela njengoba ukucima ugesi sekuphelile futhi nengcindezi yepolitiki ebifaka ingcindezi yezinguquko isinciphile. Ukhona wona umehluko kusukela endleleni i-Eskom esebenza ngayo kuye emalini etshalwe embonini ezimele ukuze iphehle ugesi. Nokho leyo nqubekelaphambili ayikwazi ukuthi ingavunyelwa ukuthi bese itotobisa ukwenziwa kwezinguquko ezisele.

Ugesi umqoka ekukhuliseni umnotho. Uma umnotho uzokhula ngezinga esilidingayo ukunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi, indlela okukhiqizwa ngayo okwamanje ayenele futhi uma kungancintiswana okwangempela, amabhizinisi nabathengi ngeke bahlomule ngamanani abantu abancintisanayo.

Kufanele zilandelwe izinguquko. Uma zingayekwa manje, umvuzo kuzobawukungakhuli komnotho nokuqhubeka ukuthi kuntuleke imisebenzi. 

Kunengozi efanayo nakwezokuthutha. Izitimela namachweba kusebenza kangcono kunangesikhathi inkinga isadlangile kanti kufanele sikusho lokho. Ukushicilela i-Network Statement yesine ekuqaleni kwenyanga, okuyikona okucacisa ngemibandela yokusebenza kwemboni ezimele emizileni yezitimela yinto enkulu.

Nasemachwebeni kuyaqhubeka ukungena kwemboni ezimele. Ngesonto elidlule iCape Town Container Terminal ibeyichweba elingene ohlwini laseqalile ukubheka ukusebenzisana nemboni ezimele, okuyichweba laseThekwini, eRichards Bay, iCape Town Liquid Bulk Terminal neNgqura kanti iDurban Gateway Terminal isiphothulile nesivumelwano semali nokuvula umnyango wokungenisa uR11,1bn. Yizinto ezinkulu lezi.

I-Cape Town Container Terminal isanda kungena ohlwini lamachweba azosebenzisana nemboni ezimele

Kodwa azikwazi ukwenza sivele sidembesele. Umlawuli ozobheka umnotho kwezokuthutha, nomqoka ekutheni kuncintiswane kahle kule mboni, i-Transport Economic Regulator, akakaqali ukusebenza.

Ukuhlukanisa iTransnet ukuze uphiko olulawula ingqalasizinda yezitimela luzimele futhi lukwazi ukusebenzisana nabo bonke abantu abasebenza emizileni yezitimela luhlehlela emuva.

Ngaphandle kwalezi zinto zombili, imibandela ebhalwe kwi-Network Statement ngeke ilandeleke kanti yonke imihlomulo okufanele itholakale ngokusebenzisana nemboni ezimele ngeke izuzwe. Sidinga ushintsho ekusebenzeni kwezokuthutha, hhayi ushintsho oluncane nje kodwa uhlobo lo shintsho oluzokwenza amachweba ethu abalwe namanye avelele emhlabeni futhi aqinisekise ukuthi abezimayini nabakhiqizi bayakwazi ukuthutha izimpahla kahle futhi ngamanani abiza kahle.

Izinto ziyafana yonke indawo: ushintsho luyenzeka uma uhulumeni uzimisele ngokuthi lwenzeke futhi uphokophela. Luyama uma izinkampani zikahulumeni zingafuni lwenzeke futhi ongqongqoshe bezivumela.

Ukuhlukanisa ingqalasizinda kagesi nemizila yezitimela akuyona into engenzeka noma ingenzeki, kuye nokuthi abantu abathile babona kanjani, yizinguquko ezinqala okuvunyelwene ngazo. Ziyadingeka ukuze kungene izigidi zamarandi eziqhamuka kubatshalimali ezidingeka ukukhulisa umnotho.

Ukuhluleka ukwenza loku kusho ukuthi umnotho uzoqhubeka ungakhuli futhi nemisebenzi izobamincane kunengadaleka. Uhulumeni usuwubekile umgomo, amabhizinisi kahulumeni kufanele awulandele. I-BLSA izoqhubeka nokubheka loku. Asikwazi ukuvumela umgqigqo wokuthula izinguquko wehle, ikakhulu esikhathini esimqoka kanje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page