UNkk uBusi Skenjana, umsunguli weStokvel Academy, isikhungo esicija izitokfela ezihlukene. Isithombe: Sithunyelwe

Ingaphezu kweminyaka ewu-50 eyibambe ishisa ezitokfeleni

WUSLINDILE KHANYILE

IMBONI yezimali kuyithathe isikhathi eside ukubona ukunotha kwezitokfela futhi namanje abanye kuyona abakakuboni ngokuphelele ngenxa yomlando wezwe wobandlululo nendlela le ndlela yokonga imali eyaqala ngayo.

UNkk uBusi Skenjana, umsunguli weStokvel Academy, usho kanje njengoba umsuka wezitokfela uhambisana nokufudukela kwabantu emadolobheni ngenxa yomsebenzi.

Namanje abanye abakakuboni (ukunotha kwezitokfela), basathatha ngokuthi yimali encane lena eyayibekwa abantu ababehlala emadolobheni ngenxa yomsebenzi.

“Lonke ibhizinisi linamakhasimende futhi liyakwazi ukubaluleka kwawo. Kuyamangaza ukuthi amabhange awanabudlelwano obuhlelekile nezitokfela… awathi uma enza imikhiqizo ebe ecabanga izitokfela. Kufanele ngabe kubanemicimbi yokuzifundisa izitokfela, hhayi nje ukuzidayisela,” kusho yena.

Yiloku kanye okwagqugquzela uNkk uSkenjana ukusungula inkampani esebenza nezimboni ezihlukene ukuzivula amehlo ngokubaluleka kwezitokfela nokuthuthukisa abantu abonga imali ngale ndlela ukuthi bangagcini nje ngokuyibekela ukuyihlukanisa ekupheleni konyaka kodwa bakhe umnotho ngayo.

Lo ngoti wezokukhangisa, oke wasebenzela i-Anglo American, uneminyaka engaphezu kwewu-50 esebenza nezitokfela ngezindlela ezihlukene njengoba aqala esafunda isikole esebenza no-anti wakhe. I-Stokvel Academy uyisungule ngo-2017 ngenhloso yokufukula izitokfela, kwazise seziyamthemba ngoba kade aqala ukusebenza nazo.

“Siyazi imali iyabekwa kodwa manje sesibheka ukuthi le mali engaka iyowakha nini umnotho, yini okunye izizukulwane ngezizukulwane ezingakukhomba. Inhloso wukuthi sisuse izitokfela ekubeni ngabantu ababekela ukuthenga kuphela kodwa futhi zibeyindlela yokutshala imali. Ake sime kancane ukuthenga, kesibe yingxenye yabantu abatshalayo,” kusho uNkk uSkenjana.

Ngokusho kweNational Stokvel Association of South Africa, imboni yezitokfela eNingizimu Afrika ilinganiselwa kuR50 billion kanti kunezitokfela ezingaphezu kweziwu-800 000 ezweni okungezomasingcwabisane, ezokuthenga ukudla, ukubeka imali, umholiswano nezitshala imali.

UNkk uSkenjana ukhulele e-Evaton naseSoweto, eGauteng, yize kubo kwaZamisa babedabuka eBergville, KwaZulu-Natali.

Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, wayefisa ukuba wummeli futhi waqala ukukwenza lezi zifundo oNgoye ngaphambi kokuphazanyiswa yimibhikisho yabafundi ngo-1976.

Kwathi esebuyela enyuvesi wakhetha i-Unisa futhi washintshintela kwi-B Administration futhi wagxila nakwezokukhangisa. Nokho umsebenzi awuthola kwabangowokubawunobhala, athi yikona okwamgqugquzela ukuqhubeka nokuzithuthukisa ezifundweni zokukhangisa ngoba wayazi ukuthi akazimisele ngokwenza lo msebenzi impilo yakhe yonke.

Kwenzeka konke lokhu nje, wayegana futhi wathola nomntwana wakhe wokuqala. “Ubaba wuyena muntu engibukele kakhulu kuyena benomkhulu. Yindoda enothando futhi enakekela ngendlela emangalisayo. Umama washona nginezinyanga eziyisihlanu kanti umfowethu wayenezinyanga eziwu-18.

“Ngazitshela nje ukuthi angikwazi ukumphoxa ngoba kwakungavamile ngalezo zikhathi ukuthi obaba bangene bagamanxe kangako ekukhuliseni izingane. Ngangifuna aziqhenye ngami. Ngathi sengiqede i-B Admin, wayetshela wonke umuntu ekhaya ukuthi sengiwummeli,” kukhumbula uNkk uSkenjana ehleka.

Imbewu yokuzisebenza yatshaleka kubo. Yize uyise wayeyiphoyisa kodwa wayenamabhizinisi njengoba wayewumlimi futhi kwakudayiswa ufishi nama-chips kubo. Wasebenza kulelo bhizinisi ngemva kokuphothula izifundo zokukhangisa.

Uthi: “Ngathi awuthi ngisebenzise lolu lwazi ukukhulisa ibhizinisi lasekhaya. Mhlawumbe ngabe angikho lapha ngikhona manje.”

Ngale kokufukula izitokfela esezivele zikhona, iStokvel Academy isiza nabantu abafisa ukusebenzisa le ndlela yokonga imali kodwa abangazi ukuthi bazoqala kuphi. Ngale kweziko abafundisa ngalo, loku bakwenza nangokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ezifana neTikTok neYouTube.

“Umongo wezitokfela ubuntu ngoba sithi masisizane. Ukonga imali wedwa kunzima kodwa estokfeleni siyabambisana, wubuhlobo,” kusho uNkk uSkenjana.

Uthi kungakuhle nentsha izikhuthalele izitokfela futhi ithathe izintambo uma abazali sebekhulile. Ukhuthaze kakhulu izitokfela ukuthi zilwamukele ushintsho, zibashintshe abaphathi, kungabingabantu ababodwa njalo, zibhale kahle yonke into phansi futhi wonke umuntu ahlale eyazi imigomo, imibandela nomthethosisekelo olawula istokfela sabo.

Okunye ngaye:

  • Unabantwana abathathu nabazukulu
    ababili;
  • Ukhonze ufishi, igwinya ne-bunny chow;
  • Ukhonze umculo wokholo;
  • Uthanda ukufunda izincwadi ezingamabhizinisi;
  • Ukhonze ukuvakasha;
  • Uphumula nangokuzihlalela nabangani bakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page