Isinqumo sikahulumeni sokonga imali siklinya abantu abahluphekayo, kuloba uJabulani Sikhakhane
USIZO uhulumeni waseNingizimu Afrika olunika abathengi bakaphethroli nodizili luyisibonelo sobunzima obuthwelwe abantu abahluphekayo. Obunye balobu bunzima budalwa yindlela uhulumeni owenza izinto ngayo.
Izindleko zosizo lwezinyanga ezintathu, u-Ephreli kuya ngoJuni, luwuR17,2 billion. Lolu sizo lutholakale ngokwehlisa intela ekhokhwa ngelitha likaphethroli ngoR3, yaya kuR1,10 nokumisa intela ngelitha kadizili ngoR3,93.
Ukuze lolu sizo lungaphazamisi izinhlelo zomNyango weziMali zokwehlisa umthwalo wezimali ezibolekwayo, igebe eliwuR17,2 lizovalwa ngemali yentela okulindeleke ukuthi ibengaphezulu kweyabikezelwe kwiSabelozimali esethulwa ngoFebhuwari nemali okulindeleke ukuthi ibuyele emuva esikhwameni sezimali zikahulumeni ngoba ingasetshenziswanga ngesikhathi esinqunyiwe.
FUNDA NALAPHA: INingizimu Afrika kufanele isukumele ukulungisa imboni kawoyela, kuloba uJabulani Sikhakhane
Ingxenye enkulu yalolu sizo ingase ikhokhwe yimali umNyango weziMali olindele ukuthi eminye iminyango kahulumeni ezweni, ezifundazweni nomasipala bayibusele kulo mnyango ngoba bengayisebenzisanga ekupheleni konyaka.
Onyakeni wezimali u-2025/26 umNyango weziMali wabe imali ulindele ukuthi kubuyele emuva uR9,8bn. Ziningi izizathu ezidala ukuthi iminyango yohulumeni ezweni nasezifundazweni nomasipala ibuyisele imali emuva. Phakathi kwazo wukungabinamakhono okwenza okufanele kwenziwe ngaleyo mali ngesikhathi esinqunyiwe.
Ukubuyisela imali emuva kungathathwa njengesinyathelo esihle njengoba uhulumeni uthwele kanzima ngezimali ozibolekayo. Kunenkinga nokho, edalwa wukuthi ukubuyisela izimali emuva ngoba izingxenye zikahulumeni zihlulekile ukuyisebenzisa ngesikhathi esinqunyiwe kubawumthwalo onzima emahlombe wabantu abahluphekayo. Yibo abancike kakhulu kwizinsiza nezinhlelo zikahulumeni.
Uma uhulumeni – wezwe, owezifundazwe nomasipala – ohluleka ukusebenzisa izimali kusho ukuthi abantu abahluphekayo bathola izinsiza ezingaphelele noma izinga lazo elingekho esimweni esifanele.
Yingakho nje ukusetshenziswa kwale mali umNyango weziMali olindele ukuthi ibuyiselwe kuwona ukuxhasa abathengi bakaphethroli nodizili kuyinkinga. Phezu kwaloku, uhulumeni awuyisebenzisi le mali ukuxhasa abathengi bakapharafini, iningi labo okungabantu abahluphekayo.
Bona banomthwalo onzima wokwenyuswa kwentengo kapharafini, esinyuke isuka kuR12,63 ilitha ngoJanuwari yafinyelela kuR24,21 ngo-Ephreli. Isazonyuka futhi ngoR5,63.
Emva kweminyaka yokwehla kokusetshenziswa kukapharafini ezweni ngenxa yokwanda kwemizi enogesi, imindeni eminingi ehluphekayo isiphoqeke ukuthi ibuyele kuwo. Isizathu saloku ukunyuka kwezindleko zokuthenga ugesi, esezinyuke ngaphezu kwango-800% kusukela ngo-2008, osekwenze imindeni eminingi ehluphekayo nehola kancane ingabinamandla okuthenga ugezi owenele ukupheka nezinye izidingo.
Yingakho eminye yale mindeni isibuyele kupharafini. Iminingwane ngokusethenziswa kwawo ikhomba ukuthi ngo-2014 kwathengwa amalitha awu-558 million. Kwathi ngo-2024 kwathengwa angu-1.2bn, okuyinani elinyuke ngokuphindwe kabili.
Ukubuyiselwa emuva esikhwameni sikahulumeni izimali ezingasetshenziswanga ngesikhathi esinqunyiwe sekuyinhlalayenza kuleli zwe. Ngo-2024/25 iGauteng yabuyisela emuva uR1,8bn, isamba esasingaphansana kwango-1% wesabelo sezimali salesifundazwe.
Okuthusayo wukuthi ingxenye enkulu (58%) yalemali eyabuyiselwa emuva yaphuma eminyangweni emibili ebalulekile kakhulu ezimpilweni zabantu abancike kakhulu kwizinsiza zikahulumeni. Iminyango yezemfundo nezempilo.
U-66% wezakhamuzi zaseGauteng usebenzisa izikhungo zempilo zikahulumeni, ngokwemininingwane yango-2022/24 ekhishwe yiGauteng City-Region Observatory, inani eselinyukile uma liqhathaniswa no-2013/14 (u-62%). Inani lezakhamuzi eligculisekayo ngokusebenza yalezi zikhungo selehlile, lisuka ku-66% ngo-2015/16 lafinyelela ku-57% ngo-2023/24.
UmNyango wezeMpilo eGauteng uthwele kanzima njengoba unezibhedlela nezinye izikhungo zempilo ezingakwazi ukumelana nezidingo zezakhamuzi. Sekujwayelekile ukuthi iziguli zihlale eside isikhathi zilinde ukuthola usizo ezibhedlela. Kuyenzeka nokuthi uma isiguli sesitholile usizo kodokotela siphinde silinde isikhathi eside futhi ukuze sithole amakhambi. Kwenye inkathi sithole ukuthi uhlobo lwamaphilisi okufanele siwathole awekho, kufanele sibuye ngelinye ilanga.
Okunye wukuthi sekujwayelekile ukuthi izibhedlela zingabisesimweni esifanele ngenxa yokuthi sekuneminyaka singalungiswa. Ama-lift aquleka imihla yonke, okwenza kubenzima ukuthutha iziguli zisiwe lapho kufanele zithole usizo khona.
Ngamanye amazwi yihlazo ukuthi umNyango wezeMpilo eGauteng uhluleke wukusebenzisa izimali owabelwe zona. Loku kwandisa ubunzima obuthwalwa yizakhamuzi zesifundazwe ezisebenzisa izikhungo zempilo zikahulumeni.
Kodwa sekuyinto esijwayelekile ukuthi uhulumeni uthathe izinqumo ezithwalisa abantu abahluphekayo nabantula amathuba omsebenzi ubunzima. Umkhankaso kahulumeni weminyaka wokwehlisa umthwalo wawo wezimali zokuboleka usuhlale kanzima emahlombe abantu abahluphekayo.
Loku kudalwa yindlela uhulumeni obunciphisa izabelomali ngayo. Awucophelelanga ukuthi kubhekelelwa izinhlelo zikahulumeni – njengezemfundo nezempilo nezinye – okuncike kuzo ikakhulu abahluphekayo.
Lokhu ngesinye sezizathu ezenze iminyango yezeMfundo nezeMpilo ezifundazweni eziningi ezweni zingabinamandla okumelana nezidingo zemiphakathi. Zikhona nezinye izizathu, phakathi kwazo esingabala inkohlakalo nokuncipha kwamakhono okuphatha umsebenzi kahulumeni.


