Akukho okungenziwa wuhulumeni ngamanani kapharafini – umGcinimafa
WUBONISWA MOHALE
UBUSIKA yisikhathi lapho wonke umuntu edinga ukufudumala ngokubasa ama-heater, izimbawula nokudla okushisayo kodwa abantu abangaphezu kwango-500 000 abasebenzisa upharafini bangase baqhuqhwe ngamakhaza ngenxa yokubiza kukapharafini.
Namhlanje ilitha kapharafini lizonyuka ngoR4,22 kanti yize inyuke kancane kunangoR11.67 eyayinyuke ngawo ngenyanga edlule kodwa isabiza njengoba isizoba ngaphezu kwangoR30 ezitolo eziseduze nabantu.
Iphini likamengameli wenhlangano i-Abahlali baseMjondolo uMnu uMqapheli Bonono lithe yize bazi ukuthi ukunyuka kukaphethroli kudalwa yimpi ephakathi kweMelika ne-Israel abahlasela i-Iran kodwa balindele ukuthi uhulumeni wehlise izindleko zabantu ezweni.
“Thina sibona ukuthi uhulumeni ufuna abantu babulawe ngamakhaza nendlala emakhaya nasemijondolo lapho kungekho ugesi khona njengoba kunyuka amanani kaphethroli, akapharafini nawegesi. Uma sekunyuke zonke lezi zinto, amanani okudla nawo ayanyuka ezitolo. Sizofa ngamakhaza emijondolo nasemakhaya,” kusho yena.
Uthe uhulumeni bekufanele uze nezinye izindlela zokwehlisa amanani kapharafini nezindleko zempilo kubantu abawu-500 000 abahlala emijondolo nasemakhaya angenagesi nasebenzisa upharafini.
FUNDA NALAPHA: Bangaphezulu kwango-500 000 abasindwa yizindleko zokukhuphuka kukapharafini
UmGcinimafa uthe akukho ongakwenza ukwehlisa amanani kapharafini ngoba awunantela njengophethroli nodizili. Ubalule ukuthi umise intela ekhokhwa ngabantu ngokuthenga ilitha likadizili nophethroli, okusho ukuthi njengoba ingekho intela kupharafini akukho angakumisa uma kunyuka amanani awo.

Abantu abapheka ngopharafini nezinkuni bazoshayeka kakhulu
UBonono uthe uhulumeni kufanele usheshise ngesibonelelo sabantu abangasebenzi esiwuR1 500 esingabasiza ukuthenga ukudla okunomsoco nopharafini owanele.
UmNyango wezaMandla nokuMbiwayo umemezele ukuthi ilitha kaphethroli lizonyuka ngoR3,27, ekadizili inyuke ngoR5,27 kuthi ikhilo legesi linyuke ngoR5,07.
Kusho ukuthi ilitha kaphethroli isizobiza uR25,73 ezifundazweni ezimaphakathi nezwe, ekadizili ibewuR31,88.
I-Pietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, eyenza ucwaningo ngamanani okudla, ithi ukunyuka kwamanani kaphethroli sekuqalile ukukhuphula amanani okudla ezitolo.
Inxuse abantu ukuthi babheke amanani okudla ngoba impilo inzima njengoba kunyuke namanani kagesi. Igrosa yomndeni manje isibiza uR5 452,09.
Ithe njengoba iNingizimu Afrika ilanda uwoyela nemikhiqizo kaphethroli nekadizili ngaphandle kusho ukuthi uma kunokunyakaza kwamanani alezi zinto ezimakethe zomhlaba, amanani ayaphazamiseka nakuleli zwe.
Umfelandawonye wezinyunyana uzwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwamanani kaphethroli, akadizili, awegesi nakapharafini ngoba izisebenzi nabantu baseNingizimu Afrika bethwele kanzima ngenxa yokubiza kwempilo.
Umkhulumeni weCosatu uNksz uZanele Sabela uthe: “Uma impi eseMiddle East iqhubeka kufanele uhulumeni ukhuphule izibonelelo, okubalwa kuzona nesabangasebenzi. Kufanele abantu abathola izibonelelo banikwe nokudla. IBhange lomBuso kufanele lehlise umthwalo kubantu ngokuthi lingayinyusi imalimboleko. I-Eskom kufanele yehlise amanani kagesi okwamanje”
Isikhulu esiphezulu senhlangano yosomabhizinisi iDurban Chamber of Commerce and Industry uNkk uPalesa Phili sizwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwamanani kaphethroli nodizili ngenxa yempi ese-Iran.
“Njengoba iNingizimu Afrika ilanda uwoyela ongahluziwe ngaphandle, loko kubeka izwe engcupheni. Ukunyuka kwamanani kaphethroli nodizili kuphazamise zonke izimboni, hhayi eyokuthutha kuphela kodwa nabalimi bayaphazamiseka nemboni yokukhiqiza. Loko kufaka ingcindezi kubathengi ngoba abakwazi ukumelana namanani aphezulu,” kusho yena
Uthe okubi wukuthi amanani kawoyela anyuka ngesikhathi amabhizinisi amaningi ezama ukubuyela esimweni esijwayelekile.
“Amabhizinisi amakhulu azokwazi ukumelana nezindleko zokunyuka kwamanani kaphethroli nodizili kodwa amancane anezinselelo eziningi. Ukunyuka kwamanani kaphethroli nodizili kuzonyusa izindleko zawo, okungaholele ekutheni avale. Lesi simo sinciphisa imali yawo wonke umuntu sizophazamisa nokutshala imali eThekwini naseNingizimu Afrika,” kusho uNkk uPhili.
Unxuse uhulumeni ukuthi uze nohlelo olucacile lokuthi iNingizimu Afrika izobhekana kanjani nalesi simo ngoba wuhlelo olucacile oluzobuyisa ithemba losomabhizinisi.
Uthe kufanele uhulumeni ubuyekeze intela kaphethroli ezosiza ukwehlisa izindleko kosomabhizinisi ukuze bakwazi ukusimamisa umnotho.

