Inkampani eyenza insimbi eNingizimu Afrika i-ArcelorMittal South Africa ifuna kusheshe kulungiswe izichibiyelo ezenziwe emthethweni wezinsimbi ezindala ezilawula amanani okudayisa kwazo. Isithombe: Sithunyelwe

I-ArcelorMittal South Africa ayineme ngomthetho wokudayisa izinsimbi ezindala 

YINTATHELI YOMBELE 

I-ARCELORMITTAL South Africa ifuna zibuyekezwe ngokushesha izinguquko ezenziwe emthethweni wokudayisa izinsimbi ezindala ezimenyezelwe yi-International Trade and Administration Commission of South Africa (i-Itac) kule nyanga. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uMnu uTami Didiza wezokuxhumana e-ArcelorMittal uthe yize i-Itac ithe ukuchibiyela umthetho wokudayisa izinsimbi ezindala uzosiza imboni yensimbi kodwa akulona iqiniso loku.

Uthe kuzoholela ekuvalweni kwezimboni ezincane zensimbi futhi kuphazamise nezinye izimboni ezisebenza ngensimbi ngisho nabantu abaziphilisa ngokudayisa izinsimbi ezindala. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/01/i-arcelormittal-sa-itakulwe-wuhulumeni-ngor1-6-billion/

Ukhale ngokuthi amanani anqunywa yiNingizimu Afrika azokwenza ukuthi abantu bangakwazi ukuziphilisa ngoba asephansi kakhulu futhi awahambisani nokwenzeka emhlabeni jikelele. 

“Ucwaningo oluzimele lukhombisa ukuthi ukwehla kwamanani ensimbi edayiselwa amanye amazwe kucindezele imboni yensimbi kuleli zwe. Kunciphise imisebenzi futhi uma siqhubeka ngale ndlela kusho ukuthi izophela nya imboni yensimbi eNingizimu Afrika. Kufanele sikwazi ukuncintisana nabakhiqizi bensimbi kwamanye amazwe, hhayi ukuthi sicindezelwe,” kusho yena.

UDidiza uthe bazithumela iziphakamiso zabo kwi-Itac ngokufanele kwenzeke embonini ukuze abakhiqiz bemboni abakhulu, abancane nabaziphilisa ngokudayisa izinsimbi ezindala bakwazi ukuziphilisa. 

“Izinto esasizishilo kubukeka sengathi azizange zinakwe. Kufanele kulungiswe ngokushesha loku ngoba kuzobanomphumela omubi. Kubalulekile ukuthi insimbi idayise ngamanani afanle ukuze imboni izokwazi ukudala imisebenzi kubenokuncintisana okuhle futhi imboni isebenze isikhathi eside,” kusho yena. 

Khonamanjalo, i-Amsa ithe izosidlulisela enkantolo yokudlulisa amacala isinqumo sokuthi kufanele iziqale kabusha izingxoxo zokudiliza abasebenzi emafemini ayo aseNewcastle, KwaZulu-Natali, naseVereeneging, eGauteng. 

Loku kuza emva kokuthi iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) iluhambise enkantolo udaba lokudilizwa kwabasebenzi ikhala ngokuthi akuzange kulandelwe izinhlelo ezifanele zokudiliza. 

Inkantolo yabasebenzi ivume iNumsa yanquma ukuthi kufanele ziqale phansi izingxoxo zokudiliza futhi nabasebenzi abadiliziwe babuyiselwe emsebenzini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page