I-Competition Commission ifuna ajeze amabhange akha uzungu lokwehlisa amandla erandi uma umuntu ethenga imali yakwamanye amazwe, icala liseNkantolo yomThethosisekelo. Isithombe: wuBoniswa Mohale

Seliyasongwa icala lamabhange ‘ahlangana ukwehlisa amandla erandi’

YINTATHELI YOMBELE

LIZOGOQWA kusasa eNkantolo yomThethosisekelo icala lamabhange asolwa ngokubawumbimbi olwehlisa amandla erandi. 

Ikhomishini engamele yokuNcintisana eNingizimu Afrika, iCompetition Commission yadlulisela icala lamabhange awu-28 asolwa ngokubawumbimbi lokwehlisa amanani erandi uma abantu bethenga imali yakwamanye amazwe eNkantolo yomThethosisekelo emva kokuchithwa yiNkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana ngonyaka odlule.

Leli cala laqala ngo-2015 ngesikhathi iCompetition Commission ithola ukuthi kunamabhange avumelana ngokwehlisa amanani erandi phakathi kwango-2007 nango-2013 ngokuthumelelana imiyalezo yemininingwane eyimfihlo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/01/11/ikhomishini-yokuncintisana-ibheka-isinqumo-esivune-amabhange/

Ngamabhange amabili kuphela avuma icala, okuyiCitibank eyakhokha inhlawulo ngo-2017 neStandard Chartered eyayikhokha ngo-2023. 

Amanye amabhange alidlulisa icala yaseNkantolo yokuDlulisa amaCala okuNcintisana ichitha amacala ayebekwe amabhange awu-23 okukhona kuwo iJP Morgan, iBNP Paribas, Credit Suisse, amabhange amane amakhulu kuleli zwe namanye, ayayiphika eyokwehlisa amanani erandi futhi athi lezi zinsolo ziyawathunaza.

Yi-Investec Bank kuphela ezweni engabanganenkinga nesinqumo seCompetition Commission.

Amabhange aphika icala athumele abameli bawo eNkantolo yomThethosisekelo abathe ayawuhlonipha umthetho, ngakho ayengeke abewumbimbi lokwehlisa amanani erandi. 

Ummeli weCompetition Commission u-Adv uTembeka Ngcukaitobi uthe banobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi amabhange abekwe icala ayewumbimbi futhi bafuna ajeze.

Uwafanise nemigulukudu esebenzisanayo ukufeza izenzo zobumnyama, wathi umehluko wukuthi wona “awabukeki” njengemigulukudu. 

Kusasa zonke izinhlaka zizogoqa izethulo zazo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page