Ngeke isehla imalimboleko kulo nyaka – ingqapheli
YINTATHELI YOMBELE
ISAZI somnotho uSolwazi uBonke Dumisa sithi iBhange lomBuso ngeke lisayehlisa imalimboleko ezinyangeni ezizayo ngenxa yokuthi amandla emali asehle afika ku-3,5% ngoJulayi, esuka ku-3,0% ngoJuni.
“Umbiko omusha wamandla emali weStatistics South Africa (iStats SA) ukhombisa ukuthi amandla emali ehlile abawu-3,5% ngoJulayi, esuka ku-3,0% ngoJuni no-2,8% ayekuwona ngoMeyi. Amanani okudla anyukile nawo afika ku-5,7% ngoJulayi. Yizindaba ezimbi lezi ngoba namanani kagesi, awamanzi nama-rates kamasipala anyukile. Loku kusho ukuthi ngeke isehla imalimboleko kulo nyaka,” kusho yena.
Uthe iBhange lomBuso selizibekele isilinganiso esisha samandla emali esiwu-3% “okusazoxoxiswana” ngaso, ngakho ngeke liyehlise imalimboleko.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/24/amanani-okudla-ayaqhubeka-nokudla-amagalani/
I-Stats SA ibike ukuthi amandla emali ehliswe wukunyuka kwamanani okudla neziphuzo ezingenabo utshwala asuke ku-5,1% ngoJuni aba wu-5,7% ngoJulayi. Kunyuke amanani amaveji nawenyama yenkomo aloku enyuka ngo-10,5%.
Inyama yenkomo inyuke ngaphezu kwango-28,8% ezinyangeni eziwu-12 ezidlule nango-7,6% ngoJuni nangoJulayi. I-kilo lenyama yenkomo beliwuR94.80 ngoJulayi wangonyaka odlule kulo nyaka beseliwu-R123.87. Ele-beef mince beliwuR102.95 ngoJulayi walo nyaka beseliwuR126.79.
Amaveji nawo anyukile njengoba amanani awo ebesewu-14,6% ngoJulayi, esuka ku-13,6% ngoJuni.
Amaveji anyukile wukherothi, u-lettuce notamasisi. Ezinye izinto ezinyukile yi-salad dressing amanani ayo asewu+6,7%, aka-vinegar asewu+6,6%, awama-spice awu+6,2% bese awesobho awu wu+5,9%.
Amaqanda neziphuzo ezenziwa ngombila nobisi ehlile, izinhlobo ezihlukene zikashizi ziqhubekile nokunyuka amanani e-gouda ebewu-7,2%, awe-cheddar ewu-5.5%.
Imali yezidingo zomasipala inyukile ngemva kokuqala unyaka wezimali omusha ngoJulayi. Amanani amanzi anyuke ngo-12,1%, akagesi ngo-10,6%, awokuqoqa udoti ngo-6,6% bese awokuthutha indle akhuphuka ngo-6,5%.
Amanani kaphethroli anyuke ngo-2,8% phakathi kwangoJuni noJulayi emva kokwehla izinyanga ezine zilandelelana.

