Wabona ithuba, washiya phansi ukufundisa ukuze angene ebhizinisini lokudiliva inyama enqabile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
UKHULE enothando lwamabhizinisi, yingakho ebengathembele emsebenzini wokufundisa kwelinye lamakolishi azimele njengoba ebenebhizinisi lokuhambisela abantu amaveji nezithelo emalokishini aseThekwini, KwaZulu-Natali.
UMnu uNzuzo Msani ugcine esungule i-Amavuna Foods, inkampani engasagcini ngokuhambisela abantu amaveji nezithelo kuphela, kodwa esidayisa nenyama ehlahleliwe.
UMsani, odabuka ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali kodwa osehlala KwaMashu, uthi yena nomlingani wakhe emsebenzini babevame ukuphuma ngesikhathi sekhefu beyothenga inyama yenhloko edolobheni.
“Okwenza ngafikelwa wumcabango webhizinisi lenyama wukuthi bekwenzeka ngesinye isikhathi singayitholi lapho ebesivame ukuyithenga khona, abayidayisayo bekhala ngokuthi ibuye ibe yindlala lapho beyithenga khona,” kusho yena.
Wacela ukubatholela yona, nebala bavuma. Waqala kanjalo eyithenga eMgungundlovu, bese ebalethela (laba ababili) abevame ukuthenga kubona.
“Kuqhubeke kanjalo kwagcina kwanda isibalo sabayifunayo, kwakhona nabafuna isisu senkomo. Ngiyakhumbula nje ukuthi kunosuku engenza ngalo uR30 000 ngenxa yobuningi babantu ababefuna inyama ngalelo langa,” kulanda uMsani.
Ngokwanda komsebenzi washiya phansi emsebenzini ngo-2020 ukuze agxile ebhizinisini.

Amavuna Foods anezisebenzi ezintathu eziyitoho. Mlalele ekhuluma ngenye yezinto ezimsiza ukuthola amakhasimende.
Uthe yize umsebenzi ukhula kodwa kunezinselelo adlule kuzo. “Inkinga engisabhekene nayo okwamanje wukuthi angikabi nemoto yokudiliva, okuphoqa ukuthi ngiqashe iveni njalo uma kukhona lapho engidiliva khona nokuthi angikabi nemishini emikhulu yokuhlahlela inyama engiyidayisayo.”
Kunzima kunjalo akapheli amandla ngenxa yokwanda kwamakhasimende afuna ukudilivelwa inyama eNanda, eNtuzuma KwaMashu naseMlaza, lapho ethe khona ukuthi kunemizi ewu-30 ayihambisela amaveji njalo ngenyanga.
“Manje senginesivumelwano sokudayisela iMoses Mabhida Stadium, izinkampani zomasingcwabisane noma wubani ofuna inyama yethu, kanti phambilini ngike ngasebenzisana ne-Octavia Hotel, i-Elangeni TVET College neCebolethu,” kusho yena.
- Facebook: Amavuna Foods
- Instagram: amavunafoods

