UMnu uSamuel Mazibuko, umsunguli we-iTaxi Ubuntu App yaseGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ubeke ithemba lakhe emncintiswaneni onebhizinisi lobuchwepheshe wezokuthutha. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UMNIKAZI wenkampani yezokuthutha esebenza ngobuchwepheshe uMnu uSamuel Mazibuko ukholwa wukuthi uma eke wanqoba umncintiswano we-Amstel wosomabhizinisi baselokishini maduze uzoncintisana kahle nezimbangi ezinkulu embonini akuyo. 

UMazibuko wumsunguli we-iTaxi Ubuntu App kanti ungomunye wabaqokwe emkhakheni i-The Entrepreneur Award. Ngokusho kwe-Amstel, inhloso yalo mncintiswano wukuthola, ukukhulisa nokusiza osomabhizinisi abasafufusa ukuze bahlonipheke futhi bahehe amakhasimende amasha ukuze bezokhula.

I-Amstel ibambisene nemisakazo iJozi FM neKasie FM kanti imiklomelo ezohlonyulwa eyenani likaR1 million. Kunosomabhizinisi abawu-40 asebevele bakhethiwe kanti lesi sibalo sisazoncishiswa, bagcine sebewu-20. Bonke banikwa ithuba lokuzidayisa emoyeni, emva kwaloko bese abalaleli bevota.

Osomabhizinisi abawu-12 abaphambili bazokhangiselwa amabhizinisi abo futhi bacathuliswe ngosizo likaR50 000. Bazomenyezelwa ngoFebhuwari kanti bazolekelelwa izinyanga ezintathu.

Emva kwaloku kuzobhekwa ukuthi ukhona yini umehluko ebhizinisini labo nokuthi obani abaqhamuke nezindlela ezintsha zokuzikhangisa. Abane abahambe phambili bazohlomula ngoR70 000 wokwengeza ekuzikhangiseni.

I-iTaxi Ubuntu app, wubuchwepheshe obenza impilo ibe lula kubagibeli

UMazibuko uthi waze ngomncintiswano kuFacebook, wase ewungenela. “Ibhizinisi lami lifuna ongalixhasa kanti ukuba yingxenye yalo mncintiswano kuzokwenza i-iTaxi Ubuntu App ifinyelele kubantu abaningi futhi izakhele igama eNingizimu Afrika,” kusho yena ngenkathi exoxa neVutivi Business News.

Uthe: “Ukuwina kuzolisiza ibhizinisi lami likhule, lithenge izinsizakusebenza futhi lisabalalele kwezinye izindawo ezweni.”

Ibhizinisi likaMazibuko lisatholakala eGauteng lapho enabashayeli abawu-30 eSoweto, abawu-15 Ekurhuleni nabawu-20 eWest Rand.

UMazibuko uthi akusikho nje kuphela ukuthi i-app yakhe ibiza kahle futhi yakhelwe abafundi, abantu abasebenzayo nezaguga kodwa izovula namathuba emisebenzi. I-Amstel izosiza onke amabhizinisi ngezifundo zokukhangisa nezokuzithuthukisa.

Ukuvota kuvala mhla ka-5 Febhuwari, emva kwaloko bese kuhlungwa abawu-12.

 Facebook: itaxi ubuntu app/Samuel Jr Mazibuko

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page