UNks uDesree Ngema, umsunguli nomnikazi weDesbaked yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Owayengakaze aziphuphe ezisebenza, ethanda ukuqashwa usenebhizinisi elivutha uphondo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UWUMUNTU owayemangala uma ebona abangani bakhe bexakwe yizinselelo zokuzisebenza. Uthi wayengaqondi ukuthi bazihluphekiselani kangaka esikhundleni sokuthola umsebenzi ozobaholela kahle baphume osizini.

Kuthe engazelele wazithola naye esenentshisekelo yokusungula ibhizinisi emva kokuthola umsebenzi lapho ayeqondone khona nokulekelela osomabhizinisi emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya ukukhulisa amabhizinisi.

Waliqala kanjalo ibhizinisi lokubhaka uNks uDesree Ngema weDesbaked, enye yezindawo zamakhekhe ezinedumela eThekwini, KwaZulu-Natali. Ayigcini ngokubhaka amakhekhe amnandi namahle kodwa uyawathola nathandwa ngabantu abangawadli amakhekhe anobisi namaqanda futhi iyindawo lapho abantu bephuza ikhofi khona. 

“Ngiwumuntu okukhonzile ukusebenza ngokudla, nokuya kwami e-Unilever ngangibuka kona ukuthi banophiko lokudla olukhulu engangithi ngizosebenza kulona,” kulanda yena.

UNks uNgema uzalelwe KwaMashu, eThekwini, kodwa ukhulele nasoLundi. Emva kokuphothula isikole wenza i-Marketing eNatal Technikon (esiyiDurban University of Technology).

Usebenzele izinkampani ezinkulu enza lo msebenzi wokukhangisa ngaphambi kokushintshela kowokulekelela osomabhizinisi basungule amabhizinisi abo. Ukuqeqeshelwe ukubhaka njengoba eyi-pastry chef efunde ePrue Leith Chefs Academy kanti uyilungu le-SA Chefs Association.  

Elinye lamakhekhe abakhipha unyawo ngawo eDesbaked

Uqale ukuzisebenza ngo-2017 esebenzela ekhaya izinyanga eziwu-18. Emva kwaloko uvule isitolo sakhe sokuqala ePinetown, eThekwini. Usanda kuvula esesibili eMoses Mabhida Stadium eMngeni.

“Ngithe sengiqala sengenza amakhekhe omshado ngase ngiba matasa kakhulu, ngoba ngase nginezingane, ngase ngifisa ukuthola indlela yokuhlukanisa ikhaya nomsebenzi. Leso sibindi sokuyovula isitolo yinto engiziqhenyayo ngayo ngoba angiyena umuntu okukhonze kangako ukwenza izinto ezinobungozi. 

“Sikwazile ukuqhubeka ngesikhathi kuneCOVID-19 noma bekungelula. Kuyangijabulisa loko njengoba manje sesithi asizame isitolo sesibili sibone,” kusho yena.

Amakhekhe aseDesbaked ayatholakala nasesitolo esi-online kodwa uNks uNgema uthe le ndlela yokudayisa ayikamsebenzeli kahle njengoba ethi amakhekhe agcina esebiza kakhulu. Uthi usazoyibuyekeza le ndlela ukuze athole ezomsebenzela kahle. 

I-Desbaked yenza namakhekhe abantu abangawathandi anobisi namaqanda

UNks uNgema uqashe abantu abayisikhombisa ezitolo zombili kanti uthi wonke umuntu wenza yonke into ukuze umsebenzi uqhubeke kahle. Uthi ukuba nethimba elizohlala isikhathi eside yiyona nselelo enkulu abhekene nayo. 

“Abantu bahamba njalo embonini yethu yokudla futhi umuntu uvele ahole bese eyashiya kanjalo. Kufanele uqale phansi, yiko manje sengabona ukuthi kungcono wonke umuntu akwazi ukwenza yonke into ukuze singahlupheki ngisho kukhona ongakwazi ukuza emsebenzini.” 

I-Desbaked inobudlelwane neqembu lebhola AmaZulu. Indawo abasebenzela kuyona eMabhida babambisene kuyona naleli qembu kanti yibo abenza amakhekhe emicimbi yaleli qembu.

UNks uNgema useke waba ngomunye wababhaki umsebenzi wabo okubhalwa ngawo kwi-Taste Magazine yaseWoolworths, enye yezinto ezimthokozisayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page