UNks uSinenhlanhla Mkhize, umsunguli weSiyabangena Group yaseGoli, eGauteng

Isithombe: Sithunyelwe

Ungene kwazwakala embonini yezokukhangisa ongazibekile phansi nangamakhasimende amakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UWUMUNTU othi uma esebonile ukuthi akwenzayo akumsebenzeli bese eyasukuma athathe izinyathelo zokukushintsha ukuze ezothola umphumela awufisayo. Yiwona lowo mqondo omgqumgquzele ukuthi asungule ibhizinisi elingelinye lalawo asefike kwezakala embonini akuyona.  

UNks uSinenhlanhla Mkhize uwumsunguli weSiyabangena Group, inkampani ekhangisa amanye amabhizinisi ngezindlela ezihlukene. Ineminyaka eyisikhombisa ikhona le nkampani ezinze eGoli, eGauteng. 

UNks uMkhize uthi emva kokusebenzela enye yezinkampani ezinkulu zokupakisha, lapho agcina eseyimenenja yophiko lwezokukhangisa, wabona kungaba kuhle ukusungula inkampani yakhe ngoba kukhona ezinye izinto ayengakwazi ukuzenza lapho eqashwe khona.

Uze agcine esebona amathuba amasha nawokuzisebenza nje kwakhona lapho ayeqashwe khona wayengaqashalwanga lo msebenzi agcina esewenza. Wayeqashwe njengethwasa ophikweni lakwandabazabantu kodwa waphelela kwelezokukhangisa. 

“Impilo yami ngiyayisukumela uma into ngingayizwa kahle. Ngezwa ngesikhathi ngisakwandabazabantu ukuthi njalo ngihlale ngibuka ngaphesheya (kwezokukhangisa) ngibona benza imicimbi nezinye izinto ezazingichaza. Angikwazi ukuthula; ngenhlanhla abantu ababengiphethe babengenalo ubandlululo ngoba babengenakho ukuthi asifuni ukukudedela, babengivumela ngiyosiza kwezokukhangisa uma singekho matasa. 

“Ngithe sengisebenza kwezokukhangisa ngokugcwele ngakhuphuka ngagcina sengiyimenenja. Ngabuye ngabona ukuthi kuningi okunye engingakwenza lapha kodwa inkampani uma kungeyona eyakho futhi kunemidanti yakhona elandelwayo, kunezinto ongakwazi ukuzenza. Ngavula inkampani yami ngoba ngibona ukuthi ulwazi senginalo. Kuthe sengibona ukuthi imali yenele ngoba inkampani ngayivula eceleni ngisasebenza (kukhona omunye abambisene naye), ngase ngiyayeka emsebenzini,” kukhumbula yena

Nakuba iSiyabangena Group isafufusa kodwa imisebenzi yayo akusiyo eyengane ekhasayo njengoba kumanje ibala izinkampani ezinkulu uma ikhuluma ngamakhasimende ayo. Ezinye zalezi zinkampani yi-Adcock Ingram, eyikhangisela amaphilisi iCompral, iPlush SA nePremier Foods, eyikhangisela Iwisa.  

Le nkampani iqashe abantu abayisikhombisa abasebenza ngokugcwele kodwa uNks uMkhize uthi lesi sibalo siyakhuphuka sifinyelele ngisho ku-100 kwesinye isikhathi kuye ngomsebenzi abasuke bewenza ngaleso sikhathi. 

UNks uMkhize, oneminyaka ewu-33, uzalelwe futhi wakhulela eThekwini. Une-Bachelor of Social Science in Industrial Labour and Organisational Studies ne-Bachelor of Social Science Honours Management zase-UKZN ne-Postgraduate Diploma in Marketing Management yase-IMM Graduate School. 

“Ukufunda kubalulekile uma uzozisebenza ngoba awuzithembi nje wena kodwa nolwazi lomsebenzi usuke unalo. Ukufunda akuzona iziqu kuphela, ukucwaninga usebenzisa ucingo, ukuhambela izingqungquthela, ukufunda wazi izinto ezenzeka embonini okuyona.”

Uthi ukuzisebenza kunemivuzo nezinselelo ngendlela efanayo. Mlalele echaza. 

Uthi okunye akuthandayo wukukwazi ukusiza emphakathini ngoba ukholwa wukuthi umuntu ubusiswa ukuze naye abusise abanye. Enye yezinto inkampani ebizenza, ikakhulukazi ngaphambi kweCOVID-19, yizigcawu zokucobelela intsha ngolwazi emalokishini iSiyabangena Seminars. 

UNks uMkhize uthi uyazazi ukuthi uwumholi onozwelo nothando njengoba engabheki nje ukuthi abantu bawenzile yini umsebenzi kuphela kodwa ezihlupha nangesimo sempilo yabo. Nokho uthi loku akusho ukuthi akayifuni imiphumela emsebenzini njengoba ethi bahlale bephokophela ukwenza umsebenzi ocokeme kwazise embonini abakuyona kusakhonya ezinye izinhlanga.

Lo somabhizinisi usengene nasembonini yokushicilela izincwadi njengoba enencwadi yezingane ezifundisa ukukhuluma isiZulu, iZiyana Books. Le ncwadi enezithombe ezinamagama abhalwe ngesiNgisi nangesiZulu nendlela igama eliphinyiswa ngayo uthi uyibhale ngoba enzela ukufundisa indodakazi yakhe uZiyana izibusiso ukukhuluma isiZulu. “Kuhamba kahle kakhulu nangayo (incwadi) futhi kukhona abantu abathi bacela ngibenzele yona nangezinye izilimi zesintu.”

“Isifiso sethu wukuthi eminyakeni embalwa ezayo sibalwe nezinye zezinkampani ezinkulu (embonini yethu). Icebo lethu wukuthola wona impela amakhasimende amakhulu ngoba umsebenzi nathi siyawazi njengazo lezi zinkampani ezinkulu yingakho futhi sikwazi ukuwuthola,” kuphetha uNks uMkhize. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page