UMasipala waseThekwini uyaqhubeka nezinhlelo zokusimamisa umnotho
YINTATHELI YOMBELE
IKOMITI lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini lithi ziningi izinhlelo eziheha abatshalimali futhi ezizongenisa imali kumasipala.
NgoLwesithathu leli komiti belihlangane ukubhunga ngemicimbi ebikhona nezinhlelo zokutshala imali eziza eThekwini.
Usihlalo waleli komiti uMnu uThembo Ntuli uthe bakuthathasele ukuthi imicimbi eyenziwa kuleli dolobha ihamba phambili ngaso sonke isikhathi, kuyona abale i-Africa’s Travel Indaba namaMetro FM Music Awards.
Le micimbi uthe ibenomphumela omuhle ekusekeni osomabhizinisi baseThekwini, yakhulisa ezokuvakasha, yadala amathuba omsebenzi futhi yangenisa imali emnothweni.
Uthe ziyaqhubeka nezinhlelo zokulungisa amabhilidi amadala nanganakiwe ngabanikazi bawo njengoba sekulungiswe awu-53.
Ukugqugquzela ukulungisa amabhilidi nenye intuthuko ehambisana esezindaweni ezidinga ukunakekelwa uNtuli uthe, umasipala unemihlomulo ezozixhasa ngo-50% wezindleko zomsebenzi.
FUNDA NALAPHA: UMasipala waseThekwini ubeke uR9 million ukulungisa izakhiwo ezindala
Loku kwenziwela ukubuyisa ithemba losomabhizinisi ngenkaba yaseThekwini, kwenze nedolobha lihehe izivakashi nabatshalimali.
UNtuli uthe bafuna kuphasiswe nemihlomulo okuthuthukisa umnotho ezinhlelweni ezizoletha uguquko emnothweni njengolwe-Image Packers and Distributors ezotshala uR17.3 million endaweni yokugcina izimpahla eseDube Trade Port. Sizodala inqwaba yemisebenzi futhi sizokwazi ukuthola isibonelelo sama-rates iminyaka emithathu esiwu-30%.
Enye intuthuko uNtuli nekomiti lakhe abaxoxe ngayo Insimbi Ridge ewuR653m yefemu yezolimo nokuthutha izimpahla ezobaseCato Ridge. Le ntuthuko inendawo yokwenza ukuthi izimpahla zihlale zibanda, eyokugcina izimpahla ezihlukene, ingqalasizinda yokuhambisa izimpahla kwamanye amazwe futhi izodala amathuba emisebenzi awu-120 ayitoho nawu-21 abantu abaqashwe ngokuphelele. Yona iyakwazi ukuthola isibonelelo esiwu-80% sama-rates.
Enye yintuthuko yeCarelli Investments ewuR1 billion eza nesizinda samafemu nezindawo zokugcina izimpahla ezobaseNew Germany, izodala imisebenzi ewu-330 yabantu abaqashwe ngokugcwele. Ngenxa yokuthi izobanomphumela omuhle emnothweni futhi idale imisebenzi eminingi, izokwazi ukuthola isibonelelo esiwu-100% sama-rates.
Ikomiti lithe zonke lezi zinhlelo kufanele zithole imihlomulo ehambisana nokusimamisa umnotho ngoba zizogcina amabhizinisi eThekwini, zandise ingqalasizinda, imisebenzi futhi zikhombise ukuthi idolobha likulungele ukumukela abatshalimali.

