Ukugada ingozi yinto ayizwa emithanjeni yegazi
WUSLINDILE KHANYILE l slindilek@likhanyiletm.co.za
YIZE athatha isinqumo esadumaza abazali bakhe, ibandla nomphakathi omkhulisile ngesikhathi eshintsha izifundo ayezenza enyuvesi, namuhla usevuna okuhle ngaleso sinqumo futhi neNingizimu Afrika iyahlomula.
Inhloko ebheke ukugwema ingozi eStandard Bank Group naseStandard Bank South Africa, phecelezi i-chief risk officer, uMnu uThabani Ndwandwe wayeqale e-University of Natal (esiwuphiko lweNyuvesi yaKwaZulu-Natali) efundela ukubayi-chartered accountant (iCA) kodwa washintsha umqondo ngemva kokuthola ithuba lokusebenza ophikweni lwezikweletu nendlela abantu ababolekwa imali ngayo.
UNdwandwe, oneminyaka ewu-44, nowayefunda ngomfundaze, wathola ithuba lokusebenza kuleli bhange ngamaholidi nokwamvula amehlo ngokuthi umthetho wakhe ubizelwe kuphi.
“Ngaleso sikhathi kwakuqala ukusetshenziswa ubuchwepheshe ukwenza izinqumo zokuboleka abantu imali. Ngawuthanda kakhulu lowo msebenzi, ngavele ngayeka ukufundela ukuba yiCA. Baphoxeka ekhaya, esontweni nabantu nje endaweni.
“Wumsebenzi owawungijabulisa uma ngiqhathanisa nokucwaninga amabhuku. Ngaleso sikhathi kwakufuneka abantu abasha futhi kuqhanyukwa nezindlela ezintsha.
“Kodwa kwabuye kwasa ngokunye sengikhumbula ukuthi ngeke ngisahola imali ebengizoyihola uma ngiyiCA kodwa ngazitshela ukuthi iminyaka yami yokuqala ngisebenza ngizoyithatha ngokuthi yile minyaka ebengizobe ngiyithwasa ngaphambi kokuba yiCA ngokugcwele ukuze bathi nabangani bami (abaqhubeka nokubangamaCA) uma beqeda sibe singaqhelelene kangako,” kukhumbula yena.
UNdwandwe akaze asebenze kwenye indawo ngaphandle kwaleli bhange aneminyaka ewu-23 afika kulona. Uthi konke kwasebenzelana kwaba kuhle njengoba ngo-2003 kwakubuyekezwa imithetho ethile ezweni, njengeyokunika ithuba abantu abevalelwe ngaphandle ngenxa yobandlululo neyayilandelwa uma abantu bebolekwa imali.
“Kufanele umuntu akhulume ngezinye izinto ezimsizile njengokuthi kwakuyisikhathi se-Affirmative Action, nokwasho ukuthi kwakufuneka abantu abamnyama emisebenzini ethile ababeshoda kuyona kodwa futhi okwakudinga uzimisele futhi uwuhloniphe umsebenzi.
“Ngibenenhlanhla yokuhlangana nabantu abaningi abangicathulisile kanti omunye wabo wangitshela ukuthi ngingazihluphi ngemali, kunaloko ngigxile ekuphuculeni ithalente lami ngoba imali ilandela ithalente. Ngathi ngineminyaka ewu-28, ngaqokelwa esikhundleni esiphezulu okokuqala lapho ngangiphethe khona uphiko lwezikweletu ezingenasibambiso. Ngaqala lapho nokwazi ngale nto yokungazithembi emsebenzini, uzingabaze yize uwazi umsebenzi.”
Akuphelelanga lapho njengoba kwathi eseneminyaka ewu-34 waqokwa wayinhloko yophiko lwezikweletu ezibolekwa abantu eStandard Bank South Africa, lapho ayephethe khona ithimba labantu abawu-1 700 abaneminyaka engenani ewu-50 ubudala.
Uthi nalapho ngale kwamava ayevele esenawo, wasizwa yiseluleko sikaMnu uPeter Schlebush, omunye wabantu abamcathulisile.
“Wangitshela ukuthi angizithembe, ngicabange ngokuthi yikuphi lapho engifisa siye khona nokuthi into abantu abayifunayo wukuthi babone ukuthi uyakubona ukubaluleka kwabo. Asikho isidingo sokuncintisana nabantu obaphethe, yibona okufanele bagqame,” kukhumbula uNdwandwe.
Unezinyanga eziyisithupha eqokelwe kulesi sikhundla asiphethe manje. Umsebenzi wakhe ubheke ingozi, hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa kuwo wonke amazwe awu-21 leli bhange elisebenza kuwona e-Afrika.
Loku kusho ukubheka izingozi ezifana nokunyuka nokwehla kwamandla emali, ezingathinti imali, ukugwema ukukhwabanisa, yindlela abaziphatha ngayo, abanquma amanani ngayo, yingozi eqhamuka ngenxa yabanye abantu abasebenzisana nabo nobuchwepheshe nabalawula imboni yezimali emazweni abasebenzela kuwona ukuqikelela ukuthi bayayihlonipha yonke imithetho.
Wenza lo msebenzi nje, usaqhubeka nokuwenza nalapha eNingizimu Afrika njengoba kuyisikhundla abevele esiphethe. Uthi uwumuntu okholelwa ekulekeleleni ngayo yonke indlela angasiza ngayo futhi akakunqeni ukuzicelela ukunikwa ithuba emsebenzini ngoba ukholwa wukuthi yiyonandlela yokufunda izinto ezintsha nokukhula.
Bawu-84% abantu baseNingizimu Afrika abanama-akhawunti asebhange futhi lezi ngezinye zezinkampani ezinkulu ezweni. Ngenyanga edlule, amabhange amathathu kwamahlanu amakhulu ashicilele imibiko yawo yezimali kanti iStandard Bank Group ingenye yawo.
Embikweni wonyaka wezimali ophele ngoDisemba, leli bhange libike ukuthi inzuzo ibewu-R49.2 billion, kwathi imali eliyitshalile yabawu-R264bn kanti inani lamasheya awo uma ehlanganisiwe (i-market capitalisation) asengabiza uR478bn. Isiyonke imali elingenisile ngalesi sikhathi wuRxx.
UNdwandwe uvumile ukuthi kukhona izinto abathengi abangaziqondi ngokusebenza kwamabhange.
“Akesiqale ngemali esibolekisa ngayo ukuze abantu bathenge imizi. Abantu bacabanga ukuthi amabhange ayathanda ukudla imizi yabantu. Basibona nje sifana nolaqhasha kodwa eqinisweni, ingaphansi kwango-1% imizi edliwa amabhange.
“Okunye futhi wukuthi abantu bacabanga ukuthi asinandaba uma belahlekelwa yimali yabo kanti kuningi esikwenzayo ukunciphisa ubugebengu ngoba akusisizi thina uma ikhasimende lilahlekelwa yimali ngisho ngabe kuthiwa yiphutha lalo ngoba thina umsebenzi wethu wukuthatha imali yakho sikugcinele yona, kuthi uma usuyifuna uyithole. Yileso isethembiso esisenzile. Yingakho kufanele sihlale siyifundisa imiphakathi ngoba loko kwenza nathi sibengcono,” kusho uNdwandwe.
Kanti yize “ekhuliswe” yiStandard Bank futhi emaningi amathuba asewatholile kodwa uyavuma ukuthi zikhona izinkampani ezake zamshela futhi wakucabanga ukuziqoma kwazise ezinye zazimgabisela ngokuthi zizomnyusela umholo ngo-50% kuya phezulu. Uthi nangalezo zikhathi wasizwa ngabantu abamcathulisayo, abamkhuza ukuthi angaphaphi futhi angajahi imali.
Uthi: “Bangitshela ukuthi abantu bazokukhokhela imali eningi bese bekusebenzisa usungaphakathi kubona. Bathi into engcono wukwakha igama lakho, inqobo nje uma ugade ukuthi usakhula yini, zikhona yini izinto osazifunda futhi likhulu kabi leli bhange kodwa esinye isizathu wukuthi kunabantu engibafake lapha ebhange engikholwa wukuthi kuwumsebenzi wami ukubatshengisa ukuthi kuyahlaleka futhi kuyakhuleka.”
Ziningi izinto azifundile empilweni kodwa kunezinhlanu athanda ukuzigcizelela nahlale eluleka intsha ngazo, kungabe esebenza kuleli bhange noma kuphi lapho ekhuluma khona nayo njengasemasontweni. Mulalele echaza.
Okunye ngaye:
- Uzalelwe eHammarsdale kodwa ukhulele eShowe;
- Uganiwe futhi unezingane ezimbili;
- Uneziqu i-Bachelor of Commerce in Accounting and Finance. Kunezinye izifundo zokuphatha ibhizinisi azenze ezikhungweni eSaïd Business School (e-Oxford), iWits Business School, iGibs ne-Institute of International Finance eMelika;
- Uphumula ngokugijima;
- Uzijabulisa ngengilazi yewayini nokuvakashela amanye amazwe nomndeni wakhe;
- Uthanda i-R&B, i-jazz, i-house nomaskandi;
- Ukhonze ukudla kwesiZulu, ikakhulu ujeqe nosu;
- Uwumlandeli weKaizer Chiefs, iManchester United neSharks

