Izimoto zithwale umnotho waseNingizimu Afrika – izibalo ezintsha
YINTATHELI YOMBELE
IMALI engeniswe yiNingizimu Afrika ngokuhwebelana namanye amazwe yehlile ngoMashi yawuR31.9 billion, isuka kuR35.9bn ongene ngoFebhuwari.
Imali eyengeziwe ewuR36.9bn ebimenyezelwe ngoFebhuwari isiyehliswe ngoR1.1bn, yawuR35.9bn.
Ngokusho komqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars), le mali ingeniswe wukudayisa izimpahla zenani elwuR187.9bn kwamanye amazwe nokuthenga ezenani eliwuR156bn kwamanye amazwe, kuhlanganisa nohwebo lweNingizimu Afrika neBotswana, i-Eswatini, iLesotho neNamibia.
FUNDA NALAPHA: Uhwebo lwango-Okthoba lungenise uR15.6 billion eNingizimu Afrika
Imali eyengeziwe engeniswe wuhwebo kusukela kuqala uJanuwari kuze kuphele uMashi walo nyaka iwuR75.6bn, imali iSars ethi ikhuphuke ngoR26bn uma iqhathaniswa nesikhathi esifanayo sangonyaka odlule. Uma kubhekwa imali engena uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka izimpahla ezidayiswe kwamanye amazwe ngoMashi ezibize uR187.9bn zikhuphuke ngo-9.9%, uma ziqhathaniswa nezadayiswa ngoR171bn ngoMashi wangonyaka odlule.
Izimpahla ezithengwe kwamanye amazwe zinyuke ngo-5.2%, zisuka kuR148.3bn ngoMashi wonyaka odlule zabawuR156bn ngoMashi walo nyaka.
Uma kubhekwa inyanga nenyanga izimpahla ezidayiselwe amanye amazwe zinyuke ngoR20.2bn, okuwu-12%. Zisuke kuR167.7bn zaya kuR187.9bn phakathi kwangoFebhuwari noMashi walo nyaka. Ezingene ezweni zinyuke ngoR24,2bn, okuwu-18.4%. Kusho ukuthi sizuke kuR131.8bn zaya kuR156bn ngesikhathi esifanayo.
Phakathi kwezimpahla iNingizimu Afrika ezidayisele amanye amazwe kukhona izimoto, okumbiwayo okuseqoqweni le-platinum namandla kagesi. INingizimu Afrika ithenge uphethroli, izinsimbi zemishini nezimoto.

