Kumqoka ukuthi izithandani zihlele izimali ndawonye – umeluleki
YINTATHELI YOMBELE
AKUNAMBITHISISEKI ukuqala umshado ngokuxoxa ngezinhlelo zemali uma izithandani zisanda kushada kodwa njengoba siphuma enyangeni yothando izindaba zemali zibalulekile kwizithandani.
Izinguquko ezintsha ezengamele umthetho wemishado yesintu zithi izithandani kufanele zivulelane isifuba ngezindaba zezimali uma ziqeda ukugcagca noma kusalotsholwa noma kwenziwa amanye amasiko athinta umgcagco.
Umeluleki weLegal Marketing eLiberty uNks uSiphokazi Sobazile uthi umshado awuthinti nje ukuhlanganisa imindeni nemicimbi emnandi kodwa yisiqalo sokubambisana ngezimali kubantu abathandanayo.
“Izithandani eziningi ziye zibone ilobolo njengesigaba esibalulekile emshadweni wazo kodwa azivamisile ukukhuluma ngezinguquko ezinkulu ezihambisana nelobolo ezimalini. Ukuvulelana isifuba zisuka nje kungaqinisekisa ukuthi izithandani zingena emshadweni ngokuthembana,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/10/ungadidwa-wuthando-lomuntu-ungaboni-izikweletu/
Amasu ambalwa kwabahlela ukushada
Nqumani nisaqala ukuthi ngabe umshado wenu uzoba njani. Ngaphambi kokuphothula ilobolo, izithandani kufanele zibe sezazi ukuthi zihlela ukungena emshadweni ohlanganisa amafa, ohlukanisa amafa noma ozohlanganisa izimpahla ezizithengayo nomcebo ezibanawo ngemva kokushada.
Uma zishada umshado ongawahlanganisi amafa kufanele zisayine isivumelwano esithinta lo mshado ngaphambi kokushada ngoba ngaphandle kokuyisayisa, umshado wazo uthathwa njengohlanganisa amafa. Ukuwushintsha ngokuhamba kwesikhathi kudla imali futhi kuthatha nesikhathi njengoba kufanele kube yinkantolo egunyaza ukushintsha kwawo.
Qonda ukuthi niqala nini ukuhlangana ezimalini
Uma ngosuku lokuqeda ilobolo, izithandani zibe seziqala ukubandawonye ezimalini. Kuya ngokuthi zikhethe hlobo luni lomshado kodwa kusukela labo izimpahla ezinazo zinganyelwa ndawonye.
“Yingakho kubalulekile ukuthi izithandani zivulelane izifuba ngemali yazo, izikweletu ezinazo, umlando wazo wezikweletu naloko ezikulindele kumuntu ngamunye ngaphambi kokushada. Akuyona inkundla yokwahlulelana kodwa yisigaba sokucaciselana ngesimo sezimali ukuze zikwazi ukulihlelela kahle ikusasa lazo ngezezimali.”
Khulumani ngemali noma kungelula
Ukuxoxa ngemali kuvamise ukuhambisana nokuphakama kwemimoya, ikakhulu uma kuthinteka imindeni noma kunemibono ehlukene ngokusebenzisa imali. Izithandani kufanele zibhunge ngezidingo zansuku zonke, izinhlelo zezimali zesikhathi eside nokuthi umuntu ngamunye kufanele afake malini. Ukucacisa ngokulindele kumuntu kuzogwema izingxabano ezithinta imali ngokuqhubeka kwesikhathi.
Qaphelani izikweletu nokukweleta
Uma nishade umshado ohlanganisa amafa, okwenziwa ngoyedwa ngezimali kuthinta izithandani. Umthetho udinga ukuthi izithandani zivumelane ngezinto ezithile ezithinta imali, okuhlanganisa ukudayisa nokuthenga umuzi, ukukweleta nokunye okuthinta imali enkulu. Loku kusho ukuthi izithandani akufanele zenze izinqumo ezinkulu ezithinta imali ngazodwana.
Vikela ikusasa lakho ngokuhlelela izimali
Ukuhlelela izimali nazo zonke izimpahla eninazo kuzosiza ukucaza amafa. Uma ufuna amafa owashiyelwe kini angabi yingxenye yomshado kufanele ukucacise loko encwadini yakho yamafa. Izithandani kufanele zifune umeluleki wezimali ukuze azilekelele ukubuyekeza incwadi yazo yamafa, umshwalense wempilo, owokukhubazeka nezinye izindlela ezitshala ngayo imali, ikakhulu uma kwenzeka izinguquko ezinkulu empilweni yazo njengokuba nengane, ukuqala umsebenzi omusha, ukudilizwa noma ukuthutha. Izinhlelo ezingabuyekezwa zezimali zingashiya obathandayo bengavikelekile.
UNks uSobazile uthi ukuhlelela umhlalaphansi nako kufanele kubeyingxenye yezingxoxo zezithandani futhi zixoxe nabeluleki bezimali ngezinqumo zazo zesikhathi eside.
Uthe umshwalense wasemsebenzi awanele ngakho izithandani kufanele zibhunge ukuthi ngabe zinomshwalense wempilo, owokukhubazela nozozisiza uma zinesifo esibucayi.
“Umshado ubalulekile ngokwesintu futhi uma izithandani zizinika isikhathi sokuhlela nokukhuluma ngezimali, zingakwazi ukuzakhela ikusasa eliqhakazile lezimali,” kuphetha uNks uSobazile.

