UMasipala waseThekwini ukhumbuza osomabhizinisi ukuvuselela izimvume
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini ukhumbuza osomabhizinisi ukuthi kuyicala ukusebenza ngaphandle kwemvume, ngakho osomabhizinisi kufanele bazivuselele ukuze kungaphazamiseka umsebenzi wabo. Kusasa wusuku lokugcina lokuvuselela izimvume zokusebenza kwamabhizinsi aseThekwini namaphethelo.
Wonke amabhizinisi awu-12 910 abhaliswe kumasipala kufanele avuselele izimvume kungakadluli umhlaka-31 wale nyanga (kusasa) ukuze aqhubeke nokuhweba.
Ukuvuselela imvume yebhizinisi kumahhala futhi kuyenzeka kwikhompyutha ngokungena kwi-business licensing portal ku-www.durban.gov.za noma emahhovisi akhipha izimvume zokusebenza kwamabhizinisi, kusukela ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-8 ekuseni kuya ngo-3 ntambama.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/05/umasipala-uvule-ithuba-lokuvuselela-izimvume-zamabhizinisi/
Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithe ukusebenza ngaphandle kwemvume kuyicala ngoba amabhizinisi kufanele akhulise umnotho futhi alethe nempilo engcono kubantu balo masipala.
“Imvume yebhizinisi yenza ibhizinisi lithembeke futhi ilivulela amathuba osizo lwezimali nawokusebenzisana nezinye izinhlaka. Yenza nokuthi ibhizinisi libeneqhaza elibonakayo emnothweni. Imvume ivikela amabhizinisi, abathengi futhi ikhulisa nomnotho waseThekwini,” kusho yena.
UXaba uthe amabhizinisi anemvume yokusebenza asesimweni esingcono sokuthola usizo lukahulumeni nokulekelelwa ngezinhlelo zokuwasimamisa, okuhlanganisa namathuba akhona manje okuxhaswa emNyangweni wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane okufaka nezokusiza amaspaza nezitolo ezidayisa ukudla.
Ubalule nokuthi amabhizinisi anezimvume aheha kakhulu abatshalizimali, abahlinzeka ngezimpahla namakhasimende, asekela ukusimama kwesikhathi eside.
Umasipala uxwayise ngokuthi ukuhluleka ukulandela umnqamlajuqu uzofaka amabhizinisi enkingeni njengoba uzowahlola wonke ukuthi anezimvume zokusebenza. Ngemva komnqamlajuqu kuzoba nomkhankaso wokuhlola izimvume ohlanganisa amaphoyisa kamasipala nakahulumeni obizwa nge-Operation Gijima, kuzobe kukhona uphiko lwezempilo, olucisha umlilo, oluphethe ukuhlela namabhilidi nezinye izinh.aka.
Amabhizinisi asebenza ngaphandle kwemvume. Imeya ithi loku kuwubugebengu, angashushiswa noma ahlawule ngaphansi kweSigaba 71 sango-1991 somthetho wamabhizinisi.
UXaba uxwayisa ngokuthi ukuhweba ngaphandle kwemvume yebhizinisi esemthethweni kuyicala. “Amabhizinisi angayithobeli imithetho azothathelwa izinyathelo ezinqala. Sinxusa wonke amabhizinisi ukuthi avuselele izimvume zawo ngokushesha futhi athobele umthetho.”
Amaphepha adingekayo ukuvuselela imvume yimvume yebhizinisi yokuqala, umazisi, amaphepha achaza ngebhizinisi noma akhombisa ukuthi lenganyelwe wuwena, i-tax clearance yaseSouth African Revenue Service nephepha elinamanyela eminwe emabhizinisini alidingayo.
Ukuvuselela izimvume nemibuzo, thint uphiko olukhipha izimvume lukaMasipala waseThekwini ngokushayela u-031 311 4535, ungathumela i-email ku-licensing@durban.gov.za noma uye ku-199 Anton Lembede Street, e-Embassy Building, e07th floor.
Amanye amahhovisi ezifunda zokuvuselela izimvume zokusebenza kwamabhizinisi atholakala:
1) eSizakala Centre Winklespruit, ku-11 Grace Dale Road, Winklespruit;
2) eSizakala Centre Pinetown Civic Centre, ku-60 Kings Road, ePinetown;
3) eSizakala Centre Verulam, eGround Floor, e-151 Wick Street, eVerulam;
4) eSizakala Centre Midway Mall, nase-Newlands West.

