Obesebenza embonini yotshwala usenza iziphuzo ezizoyizayo
WUTHOBILE ZWANE
ONAMAVA okusebenza embonini ekhiqiza iziphuzo usesungule inkampani yakhe eyenza iziphuzo ezinotshwala nezingenabo.
UMnu uPatrick Zulu, waseThekwini, usungule iSipful Brewery, inkampani evubela iziphuzo ezinotshwala nezingenabo, ama-cocktail, i-cider, ugologo newayini. Amanani eziphuzo aqala kuR35 kuya kuR99.
UZulu usungule iSipful ngonyaka odlule. Uthi waqala leli bhizinisi ngoba ebona isikhala emakethe yeziphuzo ezisetayeleni futhi ezifanele impilo yesimanje, ama-picnic nemicimbi.
“Angingenanga ngephutha kule mboni. Ngaphambi kokusungula iSipful Brewery, ngangisebenza embonini ngifunda ngeziphuzo ezithandwa ngabathengi, ukunambitheka kwazo (nokwazi) nobunzima bokudayisa imikhiqizo ezitolo. Loko kwangisondeza embonini kwabeka isisekelo somkhiqizo owenziwe ngokuqondisisa esikhundleni sokuqagela,” kusho yena.

Kwizinselelo abhekane nazo ebhizinisini uZulu uthi bekunzima ukufinyelela emakethe, ukuncintisana okukhulu embonini yeziphuzo nokushintsha umqondo wamakhasimende ngeziphuzo ezintsha.
Uthi lezi zinselelo uzinqobe ngokuzikhangisa ezinkundleni zokuxhumana nokuxoxa nabathengi ngqo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/10/wenza-iziphuzo-ezixoxa-indaba-yamatsonga-ngebhodlela/
Okwamanje uZulu usebenza yedwa ngokugcwele eSipful Brewerey, asizwe wumndeni. “I-Sipful Brewery iyaqhubeka nokukhula ngokusekwa yithimba elidlondlobalayo, elidala amathuba omsebenzi kule mboni njengoba umkhiqizo ukhula,” kusho yena.

UZulu ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi abafunde ngemboni yabo, baqonde amakhasimende abo futhi bakhule ngendlela ehambisana nezinhlelo zabo zebhizinisi.
“Ngikholwa wukuthi impumelelo yakhiwa wukungashintshashintshi kokholelwa kukona, ukubekezela, ukuzimisela nokuvumela isimo sokukhula kancane kancane.”
UZulu ufisa ukukhulisa iSipful Brewery yaziwe iNingizimu Afrika yonke kuthi uma abantu beyicabanga bajabule, bayazi ngezinga layo eliphezulu, ukuhlanganisa abantu nokwenza iziphuzo ezintsha ezilungele ukuphuzwa nsuku zonke.
Facebook: Sipful
Instagram: @SipfulSA

