Isisebenzi seRoad Accident Fund sisemkhankasweni wokukhuthaza abashayeli ukuthi baziphathe kahle ukugwema izingozi zomgwaqo ezivama ngamaholidi kaKhisimusi Izithombe: Zithunyelwe

Ukushayela uphuzile kungenza umshwalense ungakhokhi  

YINTATHELI YOMBELE 

UMPHATHI woPhiko lwemiShwalense ehhovisi lomxazululi wezinkinga zezikhungo zemali iNational Financial Ombud Scheme of South Africa uNkk u-Edite Teixeira-Mckinon ululeka abashayeli ukuthi bangashayeli bephuzile ngala maholidi ngoba umshwalense wabo wezimoto ngeke ubakhokhele.

Ukhiphe lesi sixwayiso njengoba sekuyisikhathi samaholidi kaDisemba. Uthe: “Abashayeli abaningi bazitshela ukuthi ukushayela benebhabhalazi akulona icala kodwa loku kuyiphutha ngoba uma kwenzeka bevelelwa yingozi umshwalense ungase ungakhokhi. Ungaveza ukuthi bebephuzile ngoba umuntu onebhabhalazi usuke enuka utshwala.”

Uthe izinkampani zomshwalense azigcini nje ngokuthatha igazi lomuntu ophuzile kodwa zibheka konke okuthinta umshayeli osuke evelelwe yingozi ngisho nokuthi ubenebhabhalazi. 

“Zandile izikhalo zabantu abakhala ngokuthi umshwalense awukhokhanga yize babeshayela bengadakiwe. Uma (sesiphenyisisa sithole) ukuthi babekade bephuzile ngayizolo base beshayela benebhabhalazi. Imishwalense ayibudingi ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi umuntu wayephuzile kodwa nokunuka iphunga lotshwala kuyabayisizathu sokuthi ingakhokhi,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/12/13/umnu-umpumelelo-zikalala-uxwayisa-ngemithetho-edinga-ukugadwa-ngamaholidi-kakhisimusi-ukuze-umkhonto-ungagwazi-ekhaya/

UNkk uTeixeira-Mckinon uthi nebhabhalazi lingenza umshwalense ungakhokhi

Uthe umshwalense ubheka nokuthi abantu ababone ingozi bamchaza kanjani umshayeli, isibonelo uma bethi wayeziphathise okomuntu ophuzile kubayisizathu esisetshenziswayo. 

UNkk uTeixeira-Mckinon uthe ibheka nokuthi ingozi yenzeke kuphi, njengokuthi ephathini, eshibhini noma endaweni edayisa utshwala, ebrayini noma endaweni ebinotshwala.

“Izinkampani zomshwalense zisebenzisa imininingwane ye-tracker ekhombisa ukuthi imoto ibikuphi, imininingwane yakhe yocingo nokunye okukhombisa ukuthi umshayeli ubekuphi. Izitatimende zasebhange nazo ziyasebenza ukubheka ukuthi ngabe umshwayeli wayethenga utshwala ngaphambi kwengozi (kubhekwe) nama-video

“Imininingwane evela kodokotela nakubasebenzi bezimo eziphuthumayo nayo iyasebenza. Zibheka ngisho isikhathi ingozi eyenzeke ngaso,” kusho yena.

Khonamanjalo, isikhwama esisiza abantu abalimele engozini yezimoto iRoad Accident Fund (iRAF) sinxusa abashayeli ukuthi bangalokothi bashayele bephuzile. 

Lesi sikhwama sinxusa nabantu abahamba ngezinyawo ukuthi bangahambi emgwaqweni bephuzile. 

 Isikhulu esiphezulu esisabambile kwiRAF uMnu uRadikwena Phora sithe sikhathazekile ngezingozi eziningi ezenzeka ngamaholidi kaDisemba, sanxusa abantu ukuthi balandele imithetho yomgwaqo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page