Kunxuswa abantu ngokuthutha izinkomo kubheduka amatele
WUBONISWA MOHALE
UKULWA nokubheduka kwamatele eMkhanyakude, KwaZulu naseKing Cetshwayo, ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali udonse abalimi ngendlebe ukuthi bangazisi kwezinye izindawo izinkomo zabo.
UNkk uThembeni Madlopha-Mthethwa uthe uyazi abantu bayaganiselana kuthathwa izinkomo ziyiswe kwezinye izindawo kodwa unxusa ukuthi okwamanje izinkomo zaseMkhanyakude, KwaZulu naseKing Cetshwayo zihlale kulezi zindawo.
“Kuqubuke isifo amatele enyakatho yeKwaZulu-Natali. Kubalulekile ukuthi abalimi bagome izinkomo zabo emadiphini ahlukene. (Sinxusa) ukuthi bangaziyisi kwezinye izindawo ukuze lesi sifo singasabalali,” kunxusa uNkk uMadlopha-Mthethwa.
Uthi ziwu-130 izinkomo ezinamatele kanti lesi sifo sikhona naseziqiwini ezinhlanu ezisenyakatho yeKwaZulu-Natali.
NgoLwesihlanu ungqongqoshe womNyango wezoLimo kuzwelonke uMnu uJohn Steenhuisen uzwakalise ukukhathazeka ngokuqubuka kwalesi sifo. Utshele iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuthi bazokwenza konke ukusinqoba.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/29/kuliwa-nokubheduka-kwesifo-samatele-esihlasele-imfuyo-intatheli-yombele-iyabika/
Utshele abantu ukuthi inyama yenkomo ayinawo amatele, ngakho kuphephile ukuyidla.
“Sizokwengeza imali yemigomo ukuze odokotela bezilwane bezojova izinkomo amatele angabhebhetheki. Ngiqinisekisa abantu ukuthi amatele awasuki ezinkomeni aye kubantu, ngakho inyama ebomvu iphephile. Sigcizelela ukuthi abalimi bagcine izinkomo zabo ezindaweni ezithintekayo okwamanje, bangaziyisi lapho kungakaqubuki khona amatele,” kusho yena.
Utshele isilo ukuthi kunethimba elikhethekile elizohlomisa abalimi basemakhaya ngolwazi oluzobasiza ukhulisa izinkomo ukuze zithengwe ngemali eningi ezimakethe.
Kunezinhlelo zokusiza abalimi basemakhaya ngokubaxhumanisa nabalimi abakhulu nezinye eziningi uSteenhuisen athe uzosebenzisana nesilo namanye amakhosi kuzona.
U-Steenhuisen uphethe ngokuthi umnyango uzoyiqeda indlala eNingizimu Afrika, uvulele abalimi izimakethe ezintsha zokudayisa imikhiqizo yabo.