Ukulungisa ingqalasizinda, enjengemigwaqo yezwe, kuza nenqwaba yemisebenzi, kusho izazi zomnotho. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni awuthuthukise ingqalasizinda uma uzimisele ukusimamisa umnotho – izingqapheli

WUBONISWA MOHALE

UHLALELWE wumsebenzi onzima ungqongqoshe womNyango weziMali njengoba kufanele afeze izifiso zikamengameli uMnu uCyril Ramaphosa ofuna uR940 billion wokuthuthukisa ingqalasizinda nokunye ezweni.

NgoLwesithathu oluzayo izwe lizobe libheke ungqongqoshe uMnu u-Enoch Godongwana ukuthi akhulise umnotho, adale amathuba omsebenzi futhi anyuse nemali yezimpesheni.

Isazi somnotho esizimele uMnu uDuma Gqubule sithe ngesikhathi silalele iNkulumo eBhekiswe eSizweni kamengameli sibone ukuthi alukho uhlelo olucacile lokukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/07/uhulumeni-awenze-unciphise-ingevu-izingqapheli/

“Ngifuna uGodongwana acacise ukuthi umnotho uzowukhulisa kanjani njengoba sesibe nomnotho ongakhuli iminyaka ewu-16. Sinabantu abangasebenzi abawu-12.2 million, okuwu-41.9%. Ngifuna ukubona imali ifakwa ekuthuthukiseni ingqalasizinda ukuze abantu bathole imisebenzi.

“Ngilindele ukuzwa izinhlelo zesibonelelo sabantu abangasebenzi, engifuna sisuke kuR370 sibe ngaphezulu kwe-national poverty line (isikali semali encane edingwa wumuntu ukubhekana nezidingo ezimqoka) ewuR796. Ngilindele nokuthi isibonelelo sezingane naso sinyuke sisuke kuR520 sidlule i-national poverty line,” kusho uGqubule.

Kuyaziwa ukuthi uhulumeni uhlale ukhala ngokungabinemali yokunyusa izibonelelo. UGqubule uthi kungamanga ukuthi uhulumeni awunamali.

Uthi ukukhokha izibonelelo kungenisa imali esikhwameni sikahulumeni ngoba ngesikhathi abantu bethola isibonelelo baya ezitolo beyothenga igrosa nezinye izimpahla bese kungena intela ekhokhwa ngabathengi, phecelezi i-value added tax (i-VAT).

“Sinobufakazi obukhombisa ukuthi izibonelelo ziyayingenisa imali. Uma uhulumeni usebenzise uR1bn ukuholela abantu izibonelelo, leyo mali ibuya isiphindiwe esikhwameni sakhe nge-VAT. Kufanele utshale imali ezinhlelweni zokuqasha abantu ezaziwa ngemisebenzi yomphakathi. Lezi zinhlelo bezabelwa uR17bn kodwa ngokudlule le mali yancishiswa ngoR13bn. Umshwalense kahulumeni wabadiliziwe i-Unemployment Insurance Fund nawo ungasetshenziswa ukudala imisebenzi njengoba unemali ewuR110bn esele emva kokwenza zonke izidingo zayo. Kungathathwa noma wuR50bn kudalwe amathuba omsebenzi,” kusho yena.

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithi njengoba abantu belindele ukuthi kunezinto ezintsha ezizothulwa kwiSabelomali, uhulumeni kufanele uqikelele ukuthi awandisi izikweletu ngoba yiloku okwenza siloku sithathwa njengezwe elinomnotho obhedayo, i-junk status, nongakhuli kusukela ngo-2018.

“Kufanele sikhumbule ukuthi kunokhetho lohulumeni bezindawo ngonyaka ozayo. Uhulumeni uzotshala imali komasipala ukuze balungise ingqalasizinda. Ngeke ibekhona impikiswano emaqenjini kahulumeni wobambiswano uma uhulumeni ufaka imali eningi lapha ukuze kunciphe izikhalo zokuthi uhulumeni awenzi loku nalokhuya.

“Okuzofanele uhulumeni ukugweme wukuthi kwandiswe imali efakwa ezikhungweni zomasipala abakhulu nabancane okucaca bha ukuthi bayahluleka wukuyisebenzisa kahle futhi bagcina sebemosa kwale madlana encane ekhona,” kusho yena.

Isikhulu esiphezulu senhlangano emele osomabhizinisi iBusiness Unity South Africa uMnuz uKhulekani Mathe sithe umengameli uyindlalele kahle inkulumo kaGodongwana. Osomabhizinisi balindele ukuthi acacise ukuthi uR940bn wengqalasizinda uzoya kuziphi izinhlelo zengqalasizinda.

“Kubalulekile ukuthi izwe libe nengqalasizinda esebenzayo, enakekelwayo ngoba iyona esimamisa umnotho. Sifuna ukuzwa ukuthi omasipala bazosizwa ngamalini ukuze balungise ingqalasizinda yamanazi, ekagesi, imigwaqo nokunye okwenza izwe lisebenze kahle. Osomabhizinisi badinga ingqalasizinda esesimeni esifanele ukuze bakwazi ukutshala imali yabo,” kusho uMathe.

Uthe abatshalizimali nosomabhizinisi bakuleli bafuna ukufaka imali yabo ezweni elinengqalasizinda ekahle.

“Ukulungisa ingqalasizinda ngeke kusize osomabhizinisi kuphela kodwa nomphakathi wonkana. Kuzodala imisebenzi eminingi ngoba uma kwakhiwa noma kulungiswa ingalasizinda kudingeka izisebenzi eziningi,” kusho yena.

Uthe omasipala kufanele basebenze ngoba izimboni zikomasipala abahlukene. Uqhube wathi kunosomabhizinisi abasembonini yokudla abakhala ngokungatholi amanzi nokuthi mhla efika asuke engcolile. Labo somabhizinisi basebenzisa enye imali ukukhuculula amanzi ngoba ngeke bathake ukudla ngamanzi angcolile.

Uthe loku akubahehi abatshalimali, ngakho kufanele omasipala banikwe imali namakhono afanele okuhambisa izidingo kwizakhamuzi nakosomabhizinisi.

Umkhulumeli womfelandawonye wezinyunyana iCosatu uNksz uZanele Sabela uthe yize i-Eskom isebenza kahle ukulwa nenkinga yokucima kukagesi kodwa isebuthaka, ngakho balindele ukuthi inikwe imali ezoyilekelela ukuza nezindlela ezintsha zokuphehla ugesi nezokuwusabalalalisa.

Uthe bafuna ukwazi ngezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi siyakhokhwa isikweletu esingaphezu kukaR90bn i-Eskom esikweletwa womasipala.

Usizo olunikwa i-Eskom bafuna lunikwe iTransnet, iPrasa, iSABC, iDenel, iSA Post Office nePostbank. Uthe uma iTransnet inikwa usizo eludingayo kuzoba nomphumela omuhle ezimayini, kwezolimo nasekukhiqizeni izimpahla.

Uma izitimela zihamba kahle, kuyosho ukuthi abagibeli abawu-10m abasebenzisa izinto zokuthutha ezihlukene bazohamba ngezitimela eziphephile, ezifika ngesikhathi lapho ziya khona.

“Asihambisani nokunciphisa imali. Kufanele uyekwe lo mkhuba. Sifuna uhlelo olusha lokusiza omasipala. Silindele nemali yokulekelela abantu abangasebenzi ezofakwa ezinhlelweni zikamengameli zokudala imisebenzi. Sifuna kube sekuqashwe abawu-2m ngo-Ephreli, kuthi kushaya uNovemba babe sebewu-4m,” kusho yena.

Abantu abahola isibonelelo sabantu abangasebenzi esiwuR370 sithi abahlonyiswe ngamakhono futhi baqeqeshwe ukuze bazakhele imisebenzi noma bakwazi ukuqasheka.

Inhloko ye-Transactional Banking Products and Payments eFNB uMnu uWandile Mnguni ithe iSabelomali sibalulekile nakosomabhizinisi abancane, kufanele basilalele ngoba siza namathuba nezinguquko ezizobasiza noma ziphazamise ukukhula kwabo.

UMnguni uthi iSabelomali sazisa osomabhizinisi abancane ngezinhlelo zokuhlomula

Okufanele osomabhizinisi bakulindele kwiSabelomali yizinguquko zentela nomphumela wazo emabhizinisini abo, izinhlelo ezintsha zosizo lwemali nezinye izibonelelo ezizobasiza.

Kufanele babheke nezinhlelo zikahulumeni zokulungisa izinkinga zikagesi eziphazamisa ukusebenza kwamabhizinisi nobuchwepheshe ukuthi buzoshintsha kanjani indlela amabhizinisi asebenza ngayo, babheke ukuthi bazongena kuphi ezinhlelweni zikahulumeni zokusebenzisana namabhizinisi ukusimamisa izwe.

Okunye akulindele kwiSabelomali wukuguqulwa kwemithetho ukunciphisa imicikilisho evimba ukhukhula kosomabhizinisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page