Bazosina bazibethele osomabhizinisi baseNingizimu Afrika abafuna abatshalimali. USLINDILE KHANYILE uyabika
OSOMABHIZINISI abasafufusa bazoba sethubeni lokuthola abatshalimali abazoxhasa amabhizinisi abo engqungqutheleni yabatshalimali i-World Congress of Angel Investors WBAF yango-2023.
Le ngqungquthela ezobaseThekwini, KwaZulu-Natali, mhla ka-20 kuya mhla ka-22 ngoNovemba, ihlinzeke u$10 million (uR190 million) ukuxhasa osomabhizinisi abawu-100. Yethulwe ngokusemethethweni kwabezindaba e-Inkosi Albert International Convention Centre eThekwini izolo.
Usihlalo weWorld Business Angels Investment Forum uMnu uBaybars Altuntas uthe le ngqungquthela ezobe iqala ukuza e-Afrika izohlanganisa abatshalimali, abenza imigomo, osomabhizinisi nosopolitiki.
Uthe: “Umehluko ngohlobo lwabatshalimali ababizwa ngama-angel investor wukuthi ngabatshalimali kuphela kodwa bayacathulisana futhi basiza abasuke betshale imali kubona ngokubethula nakwabanye abantu ababaziyo abangabasiza ukukhulisa amabhizinisi abo.”
Njengoba isimenyezelwe ngokusemthethweni le ngqungquthela, kusho ukuthi osomabhizinisi abafisa ukuxhaswa sebengangena kwi-website ethi https://wbaf2023.org/GFRS202 babheke imigomo nemibandela uma befisa ukufaka izicelo. Osomabhizinisi bazonikezwa imizuzu emithathu ukuzidayisa kubatshalimali.
Imboni yama-angel investor iyinani eliwu-$50 billion emhlabeni. Kule mali, u-€9.6 billion utshalwe eYurophu, kuthi u$26bn utshalwe eMelika.
“Inhloso yale ngqungquthela wukulekelela osomabhizinisi ukuze kube lula ukuthi bathole abazobaxhasa ngemali, wukwandisa abantu besifazane nokwandisa abantu abakwazi ukubamba iqhaza emnothweni.
“Zimbili izinto ezimqoka ngama-angel investor. Okokuqala, wukuthi banendaba nomnikazi webhizinisi ngaphezu kwebhizinisi uqobo. Bafuna ukubona ukuthi umuntu ozimisele nozinikele ngempela yini kulelo bhizinisi.
“Okwesibili, esifisa ukukubona kwasebewaqalile amabhizinisi abo yiloko asebeqalile ukukwenza ukuthi bakwenza kanjani, uma kukhona i-website usikhombise.
“Okunye wukuthi i-angel investor ifuna ukwazi ukuthi imali yayo izobuya nini ngoba akuwona umnikelo, utshala imali ngenhloso yokwenza imali. Imvamisa afisa imali ibuye emva kweminyaka eyisihlanu kuya kweyisikhombisa,” kwengeza u-Altuntas.
Uthe bona beyiWorld Business Angels Investment Forum bagxile ekutshaleni kakhulu emabhizinisini ezempilo, ezemfundo nawezimali kodwa agxile kakhulu kwezobuchwepheshe. Kepha-ke ugcizelele ukuthi abanye abatshalimali kungenzeka babheke ezinye izimboni.
UMnu uNhlakanipho Nkontwana, inhloko yomNyango wokuThuthukisa uMnotho KwaZulu-Natali, uthe bayisifundazwe esizimisele ukukhiqiza osomabhizinisi, hhayi abantu abafuna ukuqashwa.
“Yingqophamlando lena, sizofeza amaphupho entsha nawosomabhizinisi abasafufusa. Siyazi ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi siphezulu, yingakho singafuni ukukhiqiza izisebenzi, sifuna ukukhiqiza osomabhizinisi.
“Uhulumeni udinga imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza layo futhi sidinga nosomabhizinisi abaqhamuka nezinto ezintsha abazokwazi ukuncintisana nabanye osomabhizinisi emhlabeni,” kusho yena.

Usihlalo woPhiko olweNgamele ezomNotho eThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe le ngqungquthela ezinye zezinto ezosiza ngazo wukuvuselela umnotho wedolobha oshayeke kakhulu eminyakeni emithathu edlule.
Uthembise ukuthi bazoqinisekisa ukuthi yonke into ihamba ngononina. Ubalule nemizamo umasipala oyenzayo ukulungisa inkinga yokushoda kukagesi.
U-Altuntas ugcizelele ukuthi bayafisa kube khona nabatshalimali baseNingizimu Afrika njengoba ethe kulukhuni ukuthi abatshalimali bakwamanye amazwe bafake imali yabo uma bengekho abakuleyo ndawo abasebenzisana nabo.

UMnu uPhillip Mostert, okuwuyena kuphela isigele, phecelezi i-senate yaseNingizimu Afrika kwiWorld Business Angels Investment Forum, uthe yizindaba ezinhle ukuthi le ngqungquthela iza kuleli zwe.
Uthe ngaphambi kokuthi iqale kukhona isonto abazogqugquzela ngalo abatshalimali ngenyanga ezayo, i-International Angels Investors Week kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.
U-Mostert uthe abanye babantu ababheke ukuthi babe khona wusihlalo weMbekani Group uDkt uJudy Dlamini, yinhloko yeWits Business School uSolwazi uMaurice Radebe nosomabhizinisi nowumbhali wencwadi esihloko sithi Credibility Matters uMnu uMartin Kuscus.

