USolwazi uBonke Dumisa uthi iNingizimu Afrika ayingavumi ukudansela isiginci seMelika. Izithombe: Zithunyelwe

Akucatshangelwe umnotho weNingizimu Afrika ngodaba lweMelika neRussia, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMA iNingizimu Afrika ingakhishwa kwi-African Growth Opportunity Act (i-AGOA) ngeke kusho ukuthi ngeke isakwazi nhlobo ukuhweba neMelika kodwa kumqoka ukuthi ibulungise ubudlelwano bayo naleli zwe ukuze ivikele umnotho wezwe. Kepha futhi akusho ukuthi kufanele ivumele iMelika igcogcome ekhanda layo.

Basho kanje osomnotho ngenkathi bephawula ngomdonsiswano okhona phakathi kwala mazwe womabili ngenxa yezinsolo ezenziwe yinxusa laseMelika eNingizimu Afrika uMnu Reuben Brigety elithe ngesonto elidlule iNingizimu Afrika yadayisela iRussia izikhali ezisebenzisa empini yayo ne-Ukraine. 

Emva kwalezi zinsolo irandi lehle kakhulu uma liqhathaniswa nedola laseMelika njengoba ligcina liwuR19.51. 

Olunye uvalo olukhona wukuthi iMelika ingase ixoshe iNingizimu Afrika kwi-AGOA, ubudlelwano lobu obenza kube lula ukuhwebelana phakathi kweMelika namanye amazwe ase-Afrika. 

Usomnotho omkhulu e-Efficient Group uMnu uDawie Roodt uthe umnotho uvele usenkingeni kanti akulindelekile ukuthi ukhule eminyakeni embalwa ezayo, okusho ukuthi kufanele kwenziwe yonke imizamo ukugwema izinto ezingawuphazamisa.  

I-Agoa yenza kube lula ukuthi iMelika ihwebelana namazwe ase-Afrika

“Uma sikhumbula ukuthi i-AGOA yayisungulelwe amazwe antulayo, empeleni iNingizimu Afrika kufanele ngabe ayikho kuyona. Ukuphuma kwi-AGOA akuyona into engathatha isikhathi eside ngoba uma kusa nje uMengameli waseMelika (uMnu uJoe Biden) enquma ukuthi akasasidingi, angavele asenze leso sinqumo, akadingi ukubonisana namuntu.

“Kungenza kona izinto zibe likhuni ezimbonini ezifana neyezolimo nezimoto kodwa ngeke kusho ukuthi ngeke sisahwebelana nhlobo neMelika. Ngiyathemba kodwa ukuthi okwenzekile kuyisifundo kubaholi bethu bepolitiki,” kusho uRoodt.

Inani lezimpahla iNingizimu Afrika elidayisa nge-AGOA wu-$15 billion (R285bn). 

Kusukela kuvele lezi zinsolo abaholi abahlukene baseNingizimu Afrika benza konke okusemandleni ukuqinisekisa iMelika ukuthi azikho izikhali ezidayisele iRussia. Kukhona ithimba elike laya eMelika eliholwa wuMnu uSydney Mufamadi. 

UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukugcizelele ukuthi iNingizimu Afrika ayicheme namuntu phakathi kweRussia ne-Ukraine ngenkathi ethula iSabelomali somnyango wakhe ePhalamende ngoLwesibili.

Usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe okwenziwa yiMelika “yisicefe” futhi yindlela ezama ngayo ukuphendula iNingizimu Afrika opopayi bayo. 

“Noma ngingeke ngama phezu kwentaba ngithi ngiyazi kwenzekani emkhunjini iLady R (okuthiwa kwalayishwa kuwo izikhali) kodwa iRussia yizwe elikhulu kabi futhi ingabamanye alawo akhiqiza izikhali eziningi emhlabeni, yiziphi izikhali esingayidayisela yona?

“Iyadinga iMelika ukutshelwa kwesinye isikhathi ukuth inesicefe futhi akwamukelekile ukuthi ifune ukulawula abantu ngemali. Kuyiqiniso futhi ukuthi iRussia yasisiza ngesikhathi sobandlululo kodwa-ke kufanele futhi sizicabangele thina, akukho okutheni esihwebelana neRussia ngakho. IMelika kuningi esikwenzayo nayo futhi sibonile ukuthi ngokuthi nje kuqhamuke izinsolo kwenzakani emandleni erandi ngoLwesihlanu njengoba ehla lagcina seliwuR19.51 uma liqhathaniswa nedola laseMelika. 

“Ngike ngajabula ngoMsombuluko ngilibona seliwu-R19.01 kodwa namhlanje (izolo) liwuR19.10. Bengithi liyobe selehlile futhi laba ngaphansi kukaR19.00,” kubalisa uDumisa.

Osomabhizinisi bayazikhalela njengoba bethi uma kuqhubeka konakala ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika, kuzosho ukuthi sekukhona enye inselelo ethwalisa umnotho kanzima ngaphezu kokucinywa kukagesi, ukuntuleka kwemisebenzi, ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali nemalimboleko esho phezulu.

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uNksz uBusi Mavuso sithe enye ingozi ngokungazwani neMelika wukuthi kuzothinta ubudlelwano beNingizimu Afrika namanye amazwe asentshonalanga. 

UNksz uMavuso weBLSA uthi ukuxabana neMelika kungaphazamisa ubudlelwano beNingizimu Afrika namanye asentshonalanga

“Sinesivumelwano sokuhweba ngokukhululekile e-European Union, esingaba sengozini kanjalo nokuhwebelana ne-United Kingdom. Yebo, akhona namanye amazwe amaningi esihwebelana nawo nalawo asempumalanga, ikakhulukazi iChina ne-India, angamakhasimende ethu azandisayo izimpahla azithenga kithina. Kepha loku kuhwebelana kuhlukile. Imvamisa empumalanga sibadayisela okumbiwa phansi kanti eYurophu naseMelika sibadayisela izimpahla esizikhiqizile. Isibonelo nje, zingaphezu kuka-70% izimoto esizidayisela iYurophu. 

“Izimpahla ezisiza umnotho kakhulu yilezi ezisuke sezikhiqiziwe ngoba zithinta izimboni eziningi ngisho nokumbiwa phansi. Yizona eziletha imisebenzi eminingi kunokumbiwa phansi. Uma sinendaba nokukhulisa izimboni zomnotho wethu, izimakethe zasentshonalanga zimqoka,” kusho yena. 

Ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kumi ku-7.1% kanti kuleli sonto kuvele ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sikhuphuke safinyelela ku-32.9% ngekota yokuqala yango-2023. Imalimboleko imi ku-7.75%, kuthi inzalo amabhange aboleka abathengi ngawo iwu-11.25%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page