UNksz uThobile Mpontshane, umsunguli weMampontshi Farming & Fencing,  enepulazi eVryheid, KwaZulu-Natali Izithombe: wuZukiswa Sokhela

Usefunde ukuhlelela izikhathi zobunzima uma kubhimba uhlelo. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINSELELO zebhizinisi zimfundise ukuthi angagxili emkhakheni owodwa. UNksz Thobile Mpontshane, onepulazi afuye izingulube kulo iMampontshi Farming & Fencing yaseVryheid, KwaZulu-Natali, uwumfuyi wezingulube nomlimo wamaveji.

Uthi ukuhlasela kweCOVID-19, amatele esifundeni ahlala kuso ngonyaka odlule kumfundise lukhulu ngokuhlomela isikhathi esinzima ebhizinisini.

Lr ntokazi ena-33 ibifuye izingulube ezingaphezu kuka-200  kodwa manje seziwu-68 ezesifazane esele nazo.

“Ngesikhathi seCOVID-19 kwehle ama-oda ngenxa yemithetho ebikhona elawula ukuhamba kwabantu. Isibalo sezingulube engizidayisayo sehla, okusho ukuthi kunezingulube ezizohlala zingadayiswa ngesikhathi, zibe zidla, okungilahlekisele inzuzo. Ngaxhugela kanjalo.

“Kuthe sengithi kuyalunga ngo-2022 kwahlasela (amatele), kwamisa ukudayiswa kwemfuyo enezinyawo ezine ngoba kutholakale izinkomo zinamatele. Ngaleso sikhathi bekunezingulube okumele ngizikhiphe. Angikwazanga ukuzihambisa emakethe, ngapha ziyadla,” kusho yena.

Uthi ngalesi sikhathi wayekweleta izitolo athenga ukudla kwezingulube kuzona uR928 000, ugesi ekweleta uR70 000,  amakhemisi athenga imigomo yezingulube kuyona ewakweleta uR80 000.

UNksz uMpontshane uthi: “Ngapha (nginezisebenzi) okumele (zihole) nezimoto ezisakhokha kodwa ayikho imali engenayo. Ngigcine ngiphoqeka ukuthi (ngizidedele izisebenzi ngizizamele umsebenzi) kwamanye amapulazi. 

“Kunesikhathi lapho kuke kwafika amasamanisi kudingeka ukuthi ngithole ummeli ozowaphendula, ngingenayo imali, ngaziphendulela mina.”

Ezinye zezingulube ezifuywe uNksz Thobile Mpontshane epulazini lakhe iMampontshi Farming and Fencing

Uthi izingulube zike zahlaselwe yindlala ngoba zingasasidli isikali  sokudla esanele.

“Ngitakulwe wumNyango wezoLimo ezweni ngemali yokuthenga ukudla kodwa ingulube uma isike yalamba, ayibe isabuyela esimeni. (Kwafanele) ngizidayise ngemali ephansi kusale ezingazange zihlaselwe indlala. Yingakho manje nginezingulube eziwu-68 zesifazane. Njengamanje ngayeka nohlelo lokukhulelisa kusetshenziswa ubuchwepheshe, sezimitha ngokwemvelo,” kulanda yena.

Uthi ubenombila abewutshalile, asebenzise imali yawo ukukhokha izikweletu.

“Ngithe uma ngibona ukuthi izinto zimbi ngempela, ngasebenzisa umhlaba obungenzi lutho ngatshala umbila amahekthare angu-15, u-green pepper, ispinashi neklabishi ngenzela ukuthi kube khona imali engenayo. Ngenhlanhla uPick n Pay waseVryheid wawamukela umkhiqizo wami. (Uthenga) ispinashi kathathu neklabishi  ngesonto. 

Uthi izinselelo ezikhona kulo mkhakha kwenye inkathi zikwenza ucabange ukushiya  phansi uyofuna umsebenzi, ukhohlwe wukuzisebenza. Nokho imfihlo yempumelelo incike ekuphokopheleleni. Uthi ipulazi uliqashe kuhulumeni kanti usesesigabeni sokuhlolwa ukuthi uzokwazi yini ukulisebenzisa. “Isivumelwano sami ngisisayine onyakeni wezimali u-2018-19. Kusewunyaka wesine lo engikuwona.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page