Baphokophele ukwandisa abalungele ukuya empeshenini ngezinguquko ezintsha. USLINDILE KHANYILE uyabika

IBHANGE iFNB lithi lizimisele ukunyusa isibalo sabantu abalungiselela ukuthatha umhlalaphansi kahle sibe phakathi kuka-60% no-70%.
Loku kushiwo yisikhulu esiphezulu seFNB Retail uMnu uRaj Makanjee. UMakanjee obekhuluma ngesikhathi leli bhange lethula uphawu lwalo olusha, uthe lolu shintsho luhambisana nendlela abazoshintsha ngayo indlela abeluleka amakhasimende abo ngayo.
“Njengamanje isibalo sabantu abaficwa wumhlalaphansi bewulungele kahle siwu-8%. Thina sifuna ukusinyusa lesi sibalo emakhasimendeni ethu sibe phakathi kuka-60% no-70%. Yinto ezothatha isikhathi ukuthi yenzeke futhi sizobhekelela amakhasimende ngezindlela ezihlukene ngoba izidingo zawo azifani.
“Enye yezinkinga esibhekene nazo eNingizimu Afrika ngeyabantu abasebenzisa izikweletu kabi futhi bangacabangeli ikusasa. Umphumela waloko wukuthi igebe phakathi kwabacebile nabantulayo livuleke kakhulu. Asifuni ukugqugquzela abantu ukuthi bathathe izikweletu noma yikanjani. Kungazwakala kuyinto engalindelekile ebhange ukungafuni ukukhuthaza abantu ukuthi bathathe izikweletu kodwa inhloso yethu wukubhekelela amakhasimende ngoba ngokwenza njalo kuzosisiza nathi ngokuhamba kwesikhathi ngoba akusisizi ukuba namakhasimende aklinywe yizikweletu,” kusho yena.

U-Makanjee uthe abanawo amakhasimende amaningi anemizi, into abakholwa wukuthi ingashintsha uma belekelela abantu ukuthi basebenzise kangcono imali yabo futhi bakwazi ukonga.
Wengeze ngokuthi kade beqeqesha kabusha izisebenzi zabo ezisemagatsheni, nathe zizoba nemisebenzi ethe xaxa. Sizonyuka nesibalo sabeluleki bezimali sisuke ku-1 200 siye ku-5 000.
Ezinye izinto ezethulwe yileli bhange nezihambisana nezinguquko wumshwalense amakhasimende angeke awukhokhele ozowasiza uma elahlekelwa yimali uma esebenzisa i-app noma-ATM eFNB.
Isikhulu esiphezulu seFNB uMnu uJacque Celliers sithe: “Siyaqhubeka nokusiza amakhasimende ethu ohambweni lwawo lokushintshela ebuchwephesheni besimanje. Kuyasijabulisa ukubona izigidi zisebenzisa ubuchwepheshe njengoba ezinyangeni eziwu-12 ezidlule sibone kwenziwa izinto emazikweni ethu obuchwepheshe izikhawu ezingaphezu kuka-3 billion. Yize kunjalo kodwa siyabona ukuthi nokuqola kunyukile emphakathini futhi yingakho siqhubeka nokuphucula izindlela esingasiza ngayo amakhasimende ethu anciphise ingozi,” kusho yena.
U-Makanjee uthe bayanda abantu abakhokha ngekhadi elisebenza ngobuchwepheshe, phecelezi i-virtual card, njengoba ethe abantu abathenga ngalo basebenzise uR10 billion, nokuyimali athi babheke ukuthi iqhubeke nokunyuka.


