Ziyasinda izindleko zempilo kubantu baseNingingizimu Afrika – umbiko
WUBONISWA MOHALE
UKUNYUKA kukagesi, onyuke ngo-8.75% kwabawuthenga ngqo e-Eskom nangaphezulu kwango-10% kwabawuthola komasipala, kwandisa izindleko zempilo ezweni.
Usomnotho wekhomishini engamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika iCompetition Commission uNks u-Andiswa Sibhukwana utshele abezindaba izolo ukuthi umbiko wabo omusha ukhombisa ukuthi kuningi okunyusa izindleko zempilo, abale kukona amanani okudla, akagesi, awamanzi, imalimboleko nemali yokugibela.
“Ucwaningo lwethu lugxile kakhulu kubantu abahola kancane nabaphila ngezibonelelo zikahulumeni, okungabantu abangasebenzi kuya kwabahola uR20 000. Sithole kulo mbiko wethu weCost of Living (iCOL) ukuthi imali yabo ewu-83% ithenga ukudla, ukhokhele ugesi namanzi, ukhokhele irenti nemali yokugibela noma uthenge uphethroli,” kusho yena.
Abathwele kanzima kakhulu ngenxa yokunyuka kwamanani kagesi abantu abasebenzisa ugesi wekhadi.
Amanani kagesi esiwaqaphe ngaphansi kweCOL kusukela ngoJanuwari wango-2020 kuze kubewuJanuwari walo nyaka akhombisa ukuthi usunyuke ngo-85%. Amanzi wona anyuke ngo-68% ngesikhathi esifanayo.
“Le mali inyuke kakhulu uma siyiqhathanisa namandla emali, anyuke ngo-30% ngaleso sikhathi. Izinto ezenza ukuthi kunyuke amanani kagesi nawamanzi wukuguga kwengqalasizinda, izikweletu, ukungasebenzi kahle kwezinhlaka eziletha lezi zidingo nokuthi kufanele kuloku kutshalwa imali kulezi zidingo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Amanani okudla ayehla kancane: iCompetition Commission
Uthe ngebhadi ayikho into abangayenza ukwehlisa amanani kagesi ngoba umsebenzi wabo wukuqinisekisa ukuthi abantu bayazi ukuthi anyuswa kanjani.
“Esikwenzayo thina wukufundisa abantu ukuthi yini ebhekwayo uma kuzonyuka amanani kagesi. I-National Energy Regulator of South Africa yiyona ephasisa amanani okunyusa ugesi. Sinethemba lokuthi izinhlaka ezithintekayo zizowubheka lo mbiko bese zithatha izinyathelo ezifanele,” kusho uNks uSibhukwana.
Ngaphandle kukagesi abantu abahola kancane bakhokha izindleko zodokotela ezizonyuka ngo-4.2% nezikaphethroli ezizoloku zinyuka uma kuqhubeka impi eseMiddle East.
Usomnotho omkhulu weCompetition Commission uNks uRaksha Darji uthe bakhathazekile nangokubiza kwemfundo nezinga layo ngoba imali yesikole inyuke ngo-37% kusukela ngo-2020 kuze kubengoJanuwari walo nyaka emabangeni aphansi. Emabangeni aphezulu inyuke ngo-42% ngesikhathi esifanayo.

UNks uDarji uthi ukunyuka kwamanani emfundo kuyakhathaza
UNks uSibhukwana uthe ezikoleni okungakhokhwa kuzona nakhona imali etshaliwe incane, okusho ukuthi izingane ziyampintshana emaklasini futhi ayikho imali yokuqasha othisha abaningi, okwehlisa izinga lemfundo.
Uthe bazosiqapha ngeso lokhozi isimo samanani okudla kusukela emaplazini nasezitolo. Wenze isibonelo sokuthi kubafuyi amaqanda ayisithupha asewuR11.69, esuka kuR13.22 kodwa ezitolo asabiza uR23.
Amaphisisi enkukhu awu-1.5kg awuR45 ezinkampanini eziwadayisela izitolo kodwa zona ziwadayisa uR101.56 kubantu, ziwasusa kuR96.38. Impuphu ewu-2.5kg ibiza uR14.49 kubalimi kodwa ezitolo uwuR18.
UNks uSibhukwana uthe amanani okudla avamise ukushintsha uma kukhona abangawehlisi uma ehla kubalimi njengoba kwenzeka ngesikhathi bephenya ukubiza kwamafutha.
Umgqugquzeli wePietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, inhlangano engenzi nzuzo elwela iqiniso emnothweni nesithunzi sabantu abahlwempu, uMnu uSibusiso Mbotho uthe impilo iyabiza eNingizimu Afrika.
Uthe amaholo abantu abahola kancane aphelela ekudleni, ugesi nasemalini yokugibela. Unxuse uhulumeni ukuthi uzenezinhlelo ezinqala zokuvikela abantu kulezi zindleko.

