ISabelomali kufanele sibeke eqhulwini ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
ISABELOMALi kuleli sonto ngenye yezinto ezibalulekile emizamweni yethu yokuthi kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Uhulumeni kufanele uqikelele ukuthi awenzi izinto ezingaphezu kwamandla awo, ugxile ekusebenziseni imali ukukhulisa umnotho nokuyitshala.
Lesi yiSabelomali sokuqala sikaHulumeni woBumbano kanti kuzofanele kubonakale ukuthi uyakwazi yini ukuhlela kahle izinto okufanele uzibeke eqhulwini, izinto okufanele zicabangele izwe ngaphezu kwezinhlangano zepolitiki. Kufanele ubeke eqhulwini ukusungula imisebenzi ezohlale ikhona futhi idobe abatshalimali embonini ezimele.
Njengoba sesibonile kwenzeka kithina, uma abatshalimali bekhathazekile ngokuthi uhulumeni uzokwazi ukukhokhela izindleko zawo ngokuhamba kwesikhathi, abayibeki imali yabo engozini, Yingakho ungqongqoshe womNyango weziMali namhlanje kufanele atshengise ukuthi uhulumeni ungakwazi ukukhokhela izinhlelo zawo futhi ungakwenza loko ngaphandle kokuhudulela umnotho phansi ngokunyusa intela.
Ukundlalela iSabelomali, ngesonto elidlule umNyango weziMali ukhiphe imithetho emisha ezolawula ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele. Loku kusebenzisana kuvumela uhulumeni ukuthi ubambisane nabatshalimali bemboni ezimele ukukhokhela, ukwakha, ukuphatha nokunakekela ingqalasizinda kahulumeni.
Le mithetho emisha iyayisiza imizamo yethu yokuthi iNingizimu Afrika iphenduke indawo lapho kukhala khona ipiki nefosholo nokuzoheha abatshalimali ezinhlelweni ezintsha. Kade kwaqalwa kukhulunywa ngale mithetho. Kuzobalula ukuthi imboni ezimele isukume kube yiyona ezama izinhlelo ezintsha zokusebenzisana nohulumenI futhi kuzocaba nendlela kulezo zinhlelo ezincane.
Le mithetho emisha isho nendlela okufanele kwenziwe ngayo uma kukhona abafisa ukulandela le ndlela yokusebenzisana ngaphandle kokuthi kubewuhulumeni oqhamuka nesicelo okuzokwenza imboni ezimele iqhamuke nezinto ezintsha ukusiza uhulumeni ufeze izinjongo zawo.
ISabelomali singakhipha imininingwane ethe xaxa ngaloku, ikakhulu mayelana nengqalasizinda ephethwe ngamabhizinisi kahulumeni lapho imboni ezimele ingafaka isandla ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo.
ISabelomali sizokwethulwa ngesikhathi esibucayi uma kubhekwa umgomo wokusebenzisana namanye amazwe nokubaluleka kwawo kwesikulindele emnothweni wethu nangokwemisebenzi.
Umhlaba ujwayela indlela uhulumeni kaMnu uDonald Trump (umengameli waseMelika) owenza izinto ngayo. Lo mbuso uphume iqhubu neNingizimu Afrika kanti kufanele siqinisekise ukuthi sehlisa umoya endleleni esiphendula ngayo.
Lilonke, sihlomulile kulo nyaka ngokubanobudlelwano obuhle namanye amazwe nokugqugquzelwa nawukuthi yithina esiwusihlalo weG20. Abaholi abaningi bakwamanye amazwe bazoza ezweni lethu, okuzosinika ithuba elihle ukutshengisa ukuthi kuyasebenzeka ezweni lethu futhi umthetho uyahlonishwa.
Ezohwebo zibalulekile ezifisweni zethu zokukhulisa umnotho nokwakha imisebenzi. IMelika iyizwe elibalulekile kwesihwebelana nawo, ithenga i-platinum neminye imikhiqizo yethu yokumbiwa phansi nezimpahla ezisuke sezihlanganisiwe, njengezimoto nemishini. INingizimu Afrika yiyona ehlomula kakhulu.
Izimboni zethu ezizimele ziyasebenzisana nezinkampani zaseMelika ezingaphezu kweziwu-600 ezilapha eNingizimu Afrika. Amabhizinisi ethu asebenza njengokulawulwa wumthetho njengokusho koMthethosisekelo nentando yabantu kanti kuningi okunye esingakuzuza ngokusebenzisana, nokungakho sekuyiminyaka ukuhwebelana kulokhu kunyuka.
Intela ekhokhiswa izimpahla eziqhamuka kwamanye amazwe izokwenza izinto zibe nzima kulobu budlelwano njengoba sizobona ngentela esivele yengeziwe kokusansimbi ne-aluminium. Ezimpahleni esizidayisela iMelika, okusansimbi ne-aluminium kuwu-8.5%, ngakho le ntela ewu-25% izofaka ingcindezi kulo mthamo.
Kithina nhlangano yamabhizinisi, ubudlelwano neMelika bubalulekile njengoba imisebenzi nomnotho kuyiyona nto esikhathazeka ngayo. Sizimisele ukwenza izinto ngendlela ezovikela izinkampani emazweni womabili kodwa futhi singakhohlwa wubudlelwano bethu namanye amazwe okukhona namanye amazwe akhula ngamandla okungavulela abamabhizinisi amathuba.
ISabelomali kufanele sigxile ezifisweni zethu lapha ezweni. Kufanele kucace kahle okuzokwenziwa ngesikweletu nokuthi sizoncishiswa kanjani. Loko kubalulekile ukuze iqhubeke nokuphucuka indlela esikleliswe ngayo yizinkampani ezibheka ukuthi kuyingozi kangakanani ukuboleka amazwe imali. Ukukleliswa kahle kuyawusiza umnotho wonke futhi kunciphisa izindleko zokuboleka imali, hhayi nje kuhulumeni kuphela kodwa kuwona wonke amabhizinisi.
Indlela imali esetshenziswa ngayo kufanele ibheke izinto ezibalulekile ezingaseka umnotho. Ingqalasizinda nezemfundo yizibonelo zezinto ezithuthukisa umnotho futhi ngithemba ukuthi sizozwa into ephathekayo ngokuziphucula.
UmNyango weziMali kuzofanele ucacise ukuthi uhlela ukuzilungisa kanjani izinselelo zemali ezibhekene neTransnet ne-Eskom. I-Eskom isadinga ukulungisa inkinga yesikweletu sayo, esidalwa nakakhulu wukuthi omasipala bayaqhubeka nokuhluleka ukuyikhokhela.
I-Transnet kufanele itshale kwingqalasizinda, yize okuningi kungasheshiswa ngokusebenzisana nemboni ezimele, okuzokongela umphakathi imali. Amanye amabhizinisi osekwaba yisinkwa semihla ngemihla ukuthi ayahluleka, njengePosi neDenel, awasafanele ukutakulwa ngenye imali kahulumeni.
Nginethemba lokuthi iSabelomali sizoyeseka imizamo yethu yokubeka eqhulwini ukukhulisa umnotho nokukhuthaza amabhizinisi ukuthi atshale imali.
Kufanele sakhe umnotho wethu, sikhuthaze ukutshala imali futhi sakhe amathuba omsebenzi. Sivele siphezu kwakho kanti kuleli sonto singakusheshisa.
