Umlimi osemncane ushintsha ukulima kwelakubo
WUTHOBILE ZWANE
EDOLOBHENI elincane laseLesotho, iButha-BUthe, intokazi eneminyaka ewu-24 iwubufakazi bokuthi ukulima akukona nje okwabantu abadala bodwa. Iwumlimi ozifundisayo owabanothando lokulima esemncane ngenxa yokukhulela emndenini owawuthanda ezolimo.
UNksz u-Alice Letata, umnikazi weLetata Vegetables and Pig Production, uthi eneminyaka ewu-19 watshala isivuno sakhe sokuqala samazambane endaweni engamamitha awu-30 kuya kwawu-50. Ngenxa yokungabinolwazi nezinselelo ezifana nesimo sezulu ayengazilindele, umzamo wakhe wokuqala awuhambanga kahle. Esikhundleni sokudikibala wafunda emaphutheni akhe waqhubeka.
Ukholwa ukuthi ukulima kuyimboni enamandla amakhulu, ikakhulu entsheni. “Abantu badla kathathu ngosuku, ngakho siyohlala sikhona isidingo sokulima. Abantu besifazane nabesilisa abancane kufanele bacabange ukungena embonini yezolimo. Kunezinselelo kodwa imivuzo mihle,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/14/uqhubeka-endimeni-eyaklanywa-wuyisemkhulu/
Ngemva kokuqeda isikole samabanga aphezulu, uthi wayazi ukuthi ukulima kwakuyikusasa lakhe. Yize aqala ukulima ngamazambane kodwa washintshela ekutshaleni amaklabishi emva kokuthi isivuno samazambane singahambanga kahle.
Wabhalisa inkampani yakhe ngo-2022. Kusukela lapho, uthi wanweba umsebenzi wakhe wafinyelela epulazini elingamahektha angu-1.8. Utshala izitshalo ezihlukene okubalwa kuzona umbila, u-anyanisi, amazambane neklabishi.

UNksz uLetata useke waklonyeliswa ngendondo iYoung Female Farmer kwi-Farmer Pitso Awards
Udale imisebenzi emphakathini wangakubo. Uqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele, okuwunogada nezisebenzi ezimbili nezisebenzi eziyitoho eziwu-20, ezifika ngesikhathi sokuvuna.
UNksz uLetata uthi ukulima kunezinselelo zako. Inselelo enkulu abhekene nayo wukulahlekelwa wumkhiqizo ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu.
“Uma lina kakhulu izitshalo ziyabola. Loko kuyinkinga enkulu ngoba kunciphisa imali ozoyenza. Enye inselelo wukushoda kwemishini efanele njengogandaganda, okwenza kubenzima ukusebenza epulazini,” kusho uNksz uLetata.
Ngaphezu kwalezi zinkinga, ukusebenza ngokuzikhandla kukaNksz uLetata uthi kubenemiphumela emihle. Wathola usizo lukaR300,000 oluvela kwi- The Smallholder Agriculture Development Project II, uhlelo lokuqeqesha abalimi olwamsiza ukuthi ambe ipitsi futhi enze amanethi okuvikela ipulazi lakhe.
Ibhizinisi lakhe aligcini ngezolimo njengoba esenesitolo. Uthi wasebenzisa imali ayeyongile ukuvula isitolo samaveji nezithelo ezinyangeni ezintathu ezidlule.
“Kuhamba kahle ngoba ngizidayisela umkhiqizo wami. Ngibuye ngithenge nakwabanye abalimi ukuze ngihlale nginesitoko,” kusho yena.
Uthi ufisa ukunweba ipulazi lakhe libe ngamahektha awu-20, afuye nezinkukhu futhi atshale ama-herb.
Uthi ukhangisa ibhizinisi lakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuze afinyelele kumakhasimende amaningi.
Unxusa abantu abasha ukuthi bazisebenze bazenzele amathuba. “ELesotho, imisebenzi iyindlala. Esikhundleni sokulinda ziqalele okuthile,” kululeka uNksz uLetata.
- Facebook: Alice WA LE Farmer

