Amanani kaphethroli azonyusa amandla emali – izingqapheli
YINTATHELI YOMBELE
KULELI sonto izimakethe zizobe zibheke umbiko wamandla emali i-consumer price index (iCPI) ozophuma ngoLwesithathu. Zilindele ukuthi asuke ku-3.1% ngoMashi, aye ku-4.1% ngo-Ephreli ngenxa yokukhuphuka kwamanani kaphetholi, aholela ekukhuphukeni kwamanani ezinto eziningi.
I-core inflation kulindeleke ukuthi inyuke isuka ku-3.2% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka iye ku-3.4%, okusho ukuthi amanani ezinto aloku ekhuphuka.
Imiphumela yamandla emali izobikezela okuzokwenzeka emhlangweni wekomiti elithatha izinqumo ngemalimboleko eBhange lomBuso ekupheleni kwenyanga, ikakhulu njengoba izimakethe zilindele ukuthi imalimboleko izonyuka ngokubheka ukukhuphuka kwamanani kawoyela.
Izibalo zokudayisa kwezimpahla zangoMashi zizokhombisa obekwenzeka ezimakethe ngekota yokuqala yalo nyaka ngaphambi kokunyuka kwamanani kawoyela.
Phesheya kulindeleke umbiko we-purchasing managers index (iPMI) yaseMelika, yaseYurophu, yaseJalimane neyaseBrithani ukubona umphumela wokukhuphuka kwamanani kawoyela nokuguquka kwezinto kwipolitiki yomhlaba ekusebenzeni kwamabhizinisi.
FUNDA NALAPHA: Kuzophuma izibalo zabangasebenzi nezomkhiqizo wezimayini
Izibalo zokushoda kwemisebenzi ezweni zikhombise ukuthi sibi isimo njengoba kuphele imisebenzi ewu-345 000 ngekota yokuqala yalo nyaka. Imisebenzi ewu-189 000 iphele emabhizinisini abhalisiwe, ewu-127 000 yaphela emabhizinisini angabhalisiwe kanti ewu-28 000 yaphela “emakhishini”.
Ukungabibikho kwemisebenzi kunyuke ngo-301 000, kwanyusa izinga lokungasebenzi ngo-1.3 percentage points laba wu-32.7%. Ukuntuleka kwemisebenzi entsheni kunyuke ngo-3.6 percentage points kwaba wu-71.9%.
Ngokwezimboni imisebenzi eminingi iphele kwezomphakathi nenhlakakahle njengoba kuphele ewu-206 000, embonini yokwakha kuphele ewu-110 000. Imboni yezolimo idale amathuba emisebenzi awu-10 000, eyezimayini awu-32 000, eyokukhiqiza yadala awu-38 000 kusukela ngekota yesine.
Isibalo sentsha eneminyaka ewu-15 kuya kwewu-24 engasebenzi, engafundi nengaqeqeshelwa amakhono sinyuke ngo-0.5 percentage points uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka sawu-37.6%.
Lezi zibalo ziphume ngemva kwezamakota amahlanu ebezikhombisa isimo esingcono ngokuvuleka kwamathuba omsebenzi nokukhula komnotho. Sizobe siqaphile ukuthi izibalo zokuntuleka kwemisebenzi ezigxile emabhizinisi abhalisiwe ziyahambisana nalezi.
Ngemva kokungahambi kahle izinyanga ezine, imboni yokukhiqiza ikhuphule umkhiqizo ngo-0.9% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMashi, umkhiqizo omningi ubusekudleni, iziphuzo, kuphethroli, kumakhemikhali, injoloba, imikhiqizo yeplastiki nemishini esebenza ngogesi.
Izibalo zekota nekota zikhombisa ukuthi ukukhiqiza kwehle ngo-1% ngenxa yokungenzi kahle ngoFebhuwari. Lesi sibalo sihambisana nezibalo ze-Absa PMI zekota yokuqala, ebezikhombisa ukuthi kunciphile ukukhiqiza.
Lezi zibalo nokungathutheki kahle kwezimpahla nezinkinga zokuthenga izimpahla ezivela phesheya zikhomba ukuthi imboni yokukhiqiza ayisebenzanga kahle ngekota yokuqala.
Ukukhiqiza kwezimayini kunyuke ngo-2.5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMashi, imikhiqizo eyenze kahle ngeye-platinum, igolide, ne-manganese, konke okunyuke ngo-10% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka.
Uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga izibalo zokukhiqiza ezimayini zehle ngo-5.1%, nakuba bezenze kahle ngoJanuwari nangoFebhuwari. Ukukhiqiza amalahle ne-iron ore kwehle kakhulu.
Amanani okudayisa imikhiqizo yezimayini ngoMashi akhuphuke ngo-30.2% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka nango-6.6% uma kuqhathaniswa ikota nekota, ehla ngo-8.6% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga. Imikhiqizo edayise kakhulu eye-platinum, eyegolide ne-chromium.

