Uhulumeni uqinisa umthethosivivinyo ovikela abantu ababika inkohlakalo
WUBONISWA MOHALE
INHLANGANO elwa nenkohlakalo eNingizimu Afrika iCorruption Watch igqugquzele umphakathi ukuthi uphawule ngomthethosivivinyo ozovikela abantu ababika inkohlakalo i-Protected Disclosures Bill.
Lo mthethosivivinyo uthulwe wungqongqoshe womNyango woBulungisa uNksz uMmamoloko Kubayi kule nyanga ngenhloso yokuvikela abantu abaveza inkohlakalo.
“Sifuna ukuqinisa ukuvikeleka kwabantu abaveza inkohlakalo ngoba abanye bagcine bebulewe, lapha ngibala owasemNyangweni wezeMpilo uNks uBabita Deokoran, ePassenger Rail Agency South Africa uNks uMartha Ngoye, owaveza inkohlakalo yeBain & Company kumqoqintela uMnu u-Athol Williams nowayengumcwaningimabhuku kuMasipala i-Ekurhuleni uMnu uMpho Mafole.
“Sifuna abantu bakwazi ukuvikelwa wuhulumeni njengoba kusuke kwenzeka kwabasuke besebenzisana nezinhlaka zomthetho ukulwa nobugebengu,” kusho yena.
Uthe abantu abaveza inkohlakalo bazokwazi ukunxeshezelwa nangemali ngoba uma beveza inkohlakalo baphelelwa wumsebenzi noma kudingeke bayocasha ukuziphephisa. Abazobadalula abaveza inkohlakalo bazogwetsha iminyaka ewu-15 bebhadla ejele ngaphansi kwalo mthethosivivinywa.
UNksz uKubayi uthe abantu abaveza inkohlakalo basuke bethanda izwe, bevikela imali kahulumeni ukuze ikwazi ukufeza izidingo zezwe, iphucule nempilo yabantu.
FUNDA NALAPHA: Sidinga uhlelo lokuvikela ofakazi abaveza inkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso
Uhlongoza nokuthi kubekhona lapho abantu ababona inkohlakalo bebika khona bese amacala aphathwe yijaji eselithathe umhlalaphansi, into uNksz uKubayi athi izosiza abantu abaveza inkohlakalo ukubika amacala angazange aphatheke ngendlela efanele. Uma umuntu ebikelwe ngenkohlakalo ngaphansi kwalo mthetho kufanele aphendule, asho ukuthi uwutholile umbiko bese eqala uphenyo.
Umphakathi kufanele uphawule kusukela manje kuze kubewumhlaka-14 wangoMeyi.
Ummeli weCorruption Watch uMnu uNkululeko Conco uthe kuhle ukuthi uNksz uKubayi ucela umphakathi ukuthi uphawule ngalo mthethosivivinyo ngoba kukhona lapho ushoda khona.
“Kuyasijabulisa ukuthi ungqongqoshe ufuna ukuvikela abantu abaveza inkohlakalo kodwa umthethosivivinyo ugxile kakhulu ekuvikeleni abantu abasebenzayo, awuchazi ukuthi amalungu omphakathi aveza inkohlakalo azovikeleka kanjani? Umphakathi kufanele uphawule ukuze sibe nomthetho ozovikela bonke abalwa nenkohlakalo,” kusho yena.
Uthe iCorruption Watch kade yayifuna ukuthi kuqiniswe umthetho ovikela abantu abaveza inkohlakalo i-Protected Disclosures Act wango-2000, ngakho bafuna uma usuphuculwa kubenoshintsho oluzovikela abantu.
Uthe beyiCorruption Watch sebeqalile ukubhala iziphakamiso zabo abazozithumela kungakadluli umhlaka-14 wangoMeyi futhi ucela bonke abantu bathumele ezabo, kusukela kumabhizinisi, izisebenzi nomphakathi wonke ukuze lo mthetho uqine, ungabi nje wumthetho obhalwe phansi kodwa usebenze ukuvikela abantu abalwa nenkohlakalo.
Umqondisi wezobulungisa we-Organisation Undoing Tax Abuse u-Adv uStefanie Fick uthe umthethosivivinyo uyisinyathelo esihle kodwa ngeke ubavikele kahle abaveza inkohlakalo.
“Abantu abaveza inkohlakalo badela konke. Kufanele kucace ukuthi nabantu abasezikhundleni eziphezulu bazojeza kanjani uma sekwenziwa izichibiyelo. Sizofaka iziphakamiso ezicacisa ukuthi kufanele bavikeleke kanjani abantu abalwa nenkohlakalo ukuze lo mthethosivivinyo ungabimuhle phansi kuphela,” kusho yena.

