Unamaphupho amakhulu onebhizinisi elasukuma ngesikhathi seCOVID-19. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA
UNKSZ uMercy Ngwenya wafunda kabuhlungu ukuthi angasebenzisi imali yebhizinisi ukwenza izinto zakhe ngenkathi inkampani yakhe icishe iwa. Wukuba budedengu okwacishe kwamqumba phansi kanti uthi yizifundo azithola ngaleso sikhathi ezimcije waba wusomabhizinisi awuyena manje.
UNksz uNgwenya uthi ngenkathi eqala iMLM Enterprises kwadingeka ukuthi acabange izinto ngenye indlela ngoba wayengaqashiwe. Uthi wabona ukuthi izinkampani nabantu zidinga izimpahla ezizolethelwa zona, wase ebona ithuba lebhizinisi kanjalo.
Waqala ngokuhambisela amakhasimende izimpahla zokuzivikela ezazisetshenziswa ngenkathi kubheduke ubhubhane iCOVID-19 ngenkathi izwe liqala ukuvalwa kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi wengeza eminye imisebenzi.
Inkampani wayivula ngo-2019 kodwa ize yaqala ukusebenza ngokugcwele ngo-2020. Manje isigxile ekulungiseni nasekunakekeleni izakhiwo, ukuhlinzeka nokuhambisela amakhasimende izimpahla nokufaka ingqalasizinda kagesi ophehlwa ngelanga.
UNksz uNgwenya uthi ngenkathi ibhizinisi lakhe liselisha wathola inkontileka yokudiliva izimpahla yezinyanga eziyisithupha. Inkampani yamkhokhela isibambiso okwakufanele asisebenzisele ukuthenga izimpahla kodwa yena wavele wakhithiza izinto eziqondene naye ezisebenza ngogesi neselula.
U-anti wakhe owumeluleki wezimali wamxwayisa ngobungozi bokudla imali yebhizinisi.
Uthi: “Kwaba khona imali ayifaka ebhizinisini wase esethola amasheya. Kodwa lelo phutha langihlehlisela emuva ngezinyanga eziyisithupha futhi ngangithwele kanzima ngaphambi kokuthi u-anti athenge amasheya.”
Uthi wafunda ukuthi kubalulekile ukuziholela futhi akhokhele izindleko zebhizinisi njengokuholela izisebenzi nokunye. “Ngafunda nokuthi awuzenzi izinto zakho ngemali yebhizinisi ngoba loko kuwuphazamisa umsebenzi.”
UNksz uNgwenya uthi kumqoka ukubekezela uma uqala ibhizinisi elisha, ukuthembeka nokuba nombono walapho uya khona.
Uthi okumthokozisa kakhulu wukubona amakhasimende akhe egculisekile kanti uyaqhubeka nokuqinisa ubudlelwano bakhe namakhasimende. “Ngenkathi ngiqala ibhizinisi akekho owayengazi, ngakho kwadingeka ngibekezele futhi ngihambe ngizethula kubantu. Loku kwangandisela amakhasimende, kwangilethela omunye umsebenzi futhi kwangikhulisela ibhizinisi.
“Ngingathanda ukuzibona nginenkampani yami yezokuthutha futhi nginamaloli amaningi engingawasebenzisa ukukhulisa ibhizinisi ukuze linabele nakwamanye amazwe,” kusho ibhizinisi likaNksz uNgwenya.
Okwamanje ibhizinisi lakhe lisebenzela eGauteng, lapho eqashe khona izisebenzi ezimbili ezisebenza ngokugcwele nesisodwa esiyitoho.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

