Izigebengu ezizithathela amabhizinisi ngodli zibulala umnotho, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yesimo esinokuzinza emiphakathini yethu. Ukuzinza kubaluleke kakhulu kabi emiphakathini yethu ngoba kwenza sihlalisane ngokuzwana. 

Ngikholwa wukuthi sonke, ikakhulukazi thina esihlala KwaZulu-Natali, silazi kahle usizi lokuthi kunjani uma kungekho ukuthula esifundazweni sethu.

Siphuma kude lapho bekungekho ukuzinza esifundazweni ngenxa yezimpi zepolitiki. Loku kwalimaza imiphakathi eminingi emiqondweni.

Ngemva kokungena embusweni wentando yabantu sathemba ukuthi  abantu abamnyama sebezokhululeka ezintweni eziningi. Sebezokwazi ukwenza izinto ngokukhululeka, bakwazi ukuvula amabhizinisi basimame.

Nohulumeni weza namacebo okuthi abantu abamnyama bakwazi ukungena emnothweni ngokushaya umthetho i-Broad-Based Black Economic Empowerment (iBBBEE), onika abantu abamnyama amathuba kwezamabhizinisi okuhambisana namathuba amathenda. 

Loku kwaba yisiqalo esihle noma kwavele kwacaca ukuthi kukhona okushaya amanzi kodwa sabona lolu hlelo lukhiqiza inqwaba yezinkinsela ezweni. Okwasheshe kwacaca wukuthi noma la mathuba evulwa kodwa ayengenele wonke umuntu.

Loku kusho ukuthi sekucishe kwenzeka le nto eyenzeka ngaphansi kohulumeni wobandlululo, lapho idlanzana labelungu elabhozomela wonke umnotho lashiya inqwaba yabantu ezweni bencela izithupha. 

Nalapha embusweni wentando yeningi siyabona ukuthi bambalwa abantu asebesemafutheni kepha iningi lisaxakwe ububha.  

Bakhona-ke abasukume bazama bangazithela ngabandayo bavula  amabhzinisi amancane abadayisa izinto ezihlukeme. Baningi futhi abaphumelele nabanye basimama kodwa sekubuye kwabheda kwabanye kwazise imisebenzi iyaphela ngenxa yokuthi izinkampani ziyadiliza.

Loku sekwenze ukuthi abanye abantu abebephila ngobugebengu bayeke ukuhlukumeza imiphakathini jikelele kodwa manje bagebenge kubantu abanamabhizinisi abaziqhwandelayo. 

Sebebona ukuthi abasebenzise amandla obuqhwaga ukuthi baqoqe intela engekho emthethweni kosomabhizinisi abancane, bahamba beqoqa intela ngendluzula ngoba bethi bazovikela lawo mabhizinisi.

Ubugebengu abulethi ukuzinza emabhizinisini futhi benza abatshalimali bangabi klamuklamu ukutshala imali eNingizimu Afrika noma uma sibheka khona ngaphakathi, abatshalimali abafisi ukutshala imali emalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Bathi akukho ukuzinza.

Loku kuhlukumeza noma ukuthatha ngodli amasheya emabhizinisini, ikakhulukazi abantu abamnyama, kuzoqeda ithemba kosomabhizinisi futhi kubulale umnotho ezindaweni ezihlala abantu abamnyama ngoba manje wonke umuntu uzoba novalo lokuthi uzothi uqala ibhizinisi bese kuba khona abazokubhozomela.

Uhulumeni kufanele ayisukumele le nto ngoba uma engayisukumeli, azophela nya amabhizinisi abantu abamnyama ezindaweni ezihlala abantu abamnyama, agcine esezandleni zezigebengu ezifuna wonke umuntu enze intando yazo ngodli.

Ngeke sakwazi ukuphila lolu hlobo lwempilo siyisizwe ngoba kuyobe sesiphila ezweni elilawulwa yizigebengu.  

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page