Azingashaywa indiva izinsolo ezenziwe uDe Ruyter, kuloba uBusi Mavuso

MININGI imibuzo equbukayo engxoxweni esisuse umsindo ebiphakathi kukaMnu u-André de Ruyter’s noNks u-Annika Larsen we-e.tv, nathe kuyo kukhona ungqongqoshe owayazi ngezenzo zenkohlakalo. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ifisa ukuthi zibhekwe lezi zinto ngoba umphakathi uyadinga ukwazi ukuthi kwenzakalani. Kukhona umsebenzi obalulekile okufanele wenziwe. Izimboni ezintathu ezimqoka zidonsa kanzima. 

Akekho odinga ukukhunjuzwa ukuthi inkinga yethu kagesi efinyelele esigabeni sesithupha ngesonto elidlule ihlupha kanjani kodwa uma ukuguqulwa kwezinto kwezinye izimboni kungenzeki, imiphumela emibi izoqhubeka izwele kakhulu. 

Ukungasebenzi kahle kojantshi nezinye izinto embonini yezokuthutha kuthwalisa kanzima izimayini, abalimi nabakhiqizi kwezinye izimboni abangakwazi ukudayisa kahle imikhiqizo abayidayisela amanye amazwe nokuthinta intela eqoqwa wuhulumeni.

Uma ingqalasizinda yamanzi yokuthutha indle ingalungiswa futhi iphuculwe, njengoba sekuneminyaka inganakiwe, sizowukhomba umuzi onotshwala. Nginovalo uma ngicabanga ukuthi kuzokwenzakalani ezweni uma “ukushoda kwamanzi” kungagcina sekufana nokucinywa kukagesi.

Kuzona zontathu lezi zimboni, kudingeka ukuthi imboni ezimele itshale imali enkulu, hhayi nje izinkampani zaseNingizimu Afrika kuphela kodwa nezakwamanye amazwe, amabhange axhasa intuthuko mhlawumbe nezisebenzi zikahulumeni ngesikhwama sezimpesheni iGovernment Employees Pension Fund. 

Uhlelo lokuthi iNingizimu Afrika iyeke ukusebenzisa ugesi ophehlwa ngamalahle kodwa isebenzise ovuselelwayo iJust Energy Transition ikhokhelwa yiMelika, i-United Kingdom, iFrance, iJalimane ne-European Union. Laba abalona uhlobo lwabatshalimali oluzobekezelela ngisho nezincane nje izinsolo zenkohlakalo, ikakhulukazi emazingeni aphezulu. 

Abaningi balawulwa yimithetho yabo efana nokuthi “yazi ikhasimende lakho” edinga kubhekisiswe izinto ukuqikelela ukuthi ayikho inkohlakalo ethinta okusetshenziswana nabo. Lena yimigomo elawulwa yi-international Financial Action Task Force, le ethe kukhona okuxegayo ngendlela esilwa ngayo nokushushumbisa imali.

Nakuba kungekho bufakazi kodwa izinsolo ezenziwe uDe Ruyter azikwazi ukuthathwa kancane. Okuthusa kakhulu wukumataniswa kwazo no$8.5bn (okufanele ukhokhele ukushintshela kugesi ovuselelwayo) njengoba ethe kube nemizamo “yokuthambisa isandla” ngendlela okufanele igadwe ngayo ukuthi ingenzeki inkohlakalo, watshelwa ukuthi “kunabantu okufanele bayekelwe bazitamuzele ukuze kufezwe okuzanywayo”. 

I-BLSA ithemba ukuthi iJET-IP ayisekho engozini njengoba amazwe ayixhasile evele ekhathazekile ngendlela iNingizimu Afrika eyenza ngayo ngezinye izinto ezithinta amazwe omhlaba. 

I-US House of Representatives icubungula isiphakamiso esenziwe yinhlangano yamaRepublican, acele uhulumeni oholwa wuMengameli uJoe Biden ukuthi abuyekeze ubudlelwano beMelika neNingizimu Afrika. 

I-BLSA iyameseka usihlalo we-Eskom uMnu uMpho Makwana othe uDe Ruyter “akaye esiteshini samaphoyisa esiseduzane ayobika udaba”.

Iyaseseka futhi nesiphakamiso esenziwe wuPhiko loMakadebona be-ANC oluholwa wuMnu uSnuki Zikalala, oluthe umengameli akamvikele ngendlela okuvikelwa ngayo abaqhumbuza ithumbu ngenkohlakalo, “sikhumbule ukuthi vele indlela esikwenza ngayo lokhu ayigculisi”.

Sikhumbule ukuthi vele isike yaba khona imizamo yokubulala uDe Ruyter ngokumdlisa ushevu kanti yena nomndeni wakhe sebesatshiswe kaningi ngokubulawa. 

I-BLSA iyavumelana noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan ukuthi ukuya kwabezindaba akuyona indlela obekufanele lezi zinsolo zivele ngayo uma kuwukuthi ngempela bezingakaze zivezwe kwenye indawo kanti ikholwa wukuthi uqinisile uMakwana uma ethi uDe Ruyter bekufanele abikele ibhodi labaqondisi be-Eskom. 

Okubaluleke kakhulu wukuthi uDe Ruyter bekufanele avule icala ezinhlakeni zomthetho ezifanele, uma kuwukuthi akakakwenzi lokho. Isho lukhulu indlela i-ANC emgxeka ngayo uDe Ruyter njengoba ilwa naye uqobo. Ngaphandle koPhiko loMakadebona, akekho noyedwa umholi we-ANC oseke wathi: “Asiphenye kahle.” 

Kakade akusikho ukuthi izinsolo lezi ezenziwe yinoma wubani; ubeyisikhulu esiphezulu se-Eskom esiqokwe yibhodi, yona ebiqokwe wuhulumeni.

Yize kunemizamo eminingi yokulwa nenkohlakalo kuhulumeni njengoba kubonakele ngeKhomishini kaZondo, kubonakala sengathi inhloso wukuthi inganakwa into eshiwo futhi kuhlaselwe uDe Ruyter, kuqhutshekwe kuvikelwe i-ANC ekubeni izwe lilimala. Ngeke kwaba ngcono ukuzithatha zinjengoba zinjalo izinsolo bese siyazibophezela ekutholeni iqiniso noma ngabe lithini? 

Uma kukhona okungelona iqiniso uDe Ruyter akushilo, uzolithwala yena lelo joka, kungabe ngokomthetho noma ngokudicilela 

Okuthi sifune ukutinyela umuntu bese sigwema ukunaka into emqoka yimbi kakhulu futhi ingcolisa igama likahulumeni. 

Into edinga ukuphenywa ngokushesha wukuthi kukhona ungqongqoshe wekhabinethi owayazi ngenkohlakalo eyenziwa “wusopolitiki omkhulu” kodwa akangakubika loko. Yicala lelo.

UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wethule uhlaka olucacile lokubhekana nesikweletu se-Eskom ngenkathi ethula iSabelomali ngesonto elidlule, nokuyiyonanto izimakethe ebeziyidinga. 

Njengoba uhulumeni ezothatha u-60% wesikweletu se-Eskom, le nkampani kufanele igxile ekuphuculeni ukuhanjiswa nokusatshalaliswa kukagesi nokulungisa ingqalasizinda ephehla ugesi ngayo ukuze kwande ukuba khona kukagesi. 

I-BLSA ikholwa wukuthi yiSabelomali esishaya khona futhi esibheke izidingo zenhlalakahle kahle. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page