INingizimu Afrika kufanele izibambe ziqine ngezinguquko ezinqala njengoba enzile umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa engqungqutheleni yokutshala imali ngenyanga edlule, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukwehla kwentela ebanjwa kuphethroli kuyasiphefumulisa kodwa izinguquko zakha ikusasa, kuloba uBusi Mavuso

KUYANGIJABULISA ukuthi uhulumeni usilalelile isicelo sokuthi uphungule umthwalo wokunyuka kakhulu kwamanani kawoyela ngokwehlisa okwesikhashana intela ebanjwa kuphethroli. 

Loku kuzovikela umnotho kulesi simo esibucayi emhlabeni, wonke amabhizinisi azama ukubhekana naso. 

Ukuthi uhulumeni ukwazile ukwehlisa umthwalo kungenxa yokuzikhandla ukulungisa isimo sezimali nezinguquko eziphucula indlela umnotho osebenza ngayo. Uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) lumemezele ukuthi lufinyelele futhi lwadlula emgomweni obeluzibekele wona wokungenisa imali engaphezu kwangoR2 trillion. 

Lokhu kusho ukuthi indlela isimo sezikweletu sikahulumeni esibukeka ngayo singcono kunebesiyikho ngenyanga edlule ngesikhathi kuthulwa iSabelomali. 

Osomnotho bahlawumbisela ukuthi uhulumeni uzophunyukwa cishe wuR15 billion ngokwehlisa intela ebanjwa kuphethroli ezinyangeni ezimbalwa ezizayo kodwa iSars ingenise imali engaphezu kwebizinqumele yona ngoR24.7bn okuzosivala lesi sikhala.  

Nokho, umnotho wethu ubhekene nezivunguvungu zasemhlabeni. Impi (yeMelika ne-Iran) yenza kuhlaleke ngesinqe esisodwa futhi iphazamisa hhayi nje ukuthutha uwoyela ne-gas kodwa nomanyolo namanye amakhemikhali asetshenziswa ezimbonini. 

FUNDA NALAPHA: Impi eseMiddle East iholele ekutheni imalimboleko ime ku-6,75%

Azonyuka amanani ezimpahla ngenxa yaloku. Abatshalimali bakhathazekile futhi izimakethe zasemhlabeni zitshengisa ukuthi bayahoxa ekutshaleni imali ezimpahleni eziyingozi. Nezimakethe zethu zithintekile njengoba kunabantu abadayisile kwiJSE, ama-bond futhi namandla emali ehlile.

Nokho kuqapheleka ukuthi akuzwelanga njengakwezinye izimakethe. Abantu bayadayisa kakhulu kwezinye izimakethe kodwa izinto zingconywana eNingizimu Afrika. Umgqigqo wezinguquko ezinqala yiwona owenza sihluke kunamanye amazwe emhlabeni. INingizimu Afrika inezinto ezinhle engazisho. 

Akufani nangesikhathi okwakuhlasele i-Covid-19 ngaso ngesikhathi izimali zikahulumeni zisenkingeni emva kweminyaka zingaphethwe kahle kusaphethe owayengumengameli uMnu uJacob Zuma, le nkinga sibhekana nayo sisesimweni esingcono. Yize kufanele sizilungiselele ingcindezi ngokukhula komnotho nemalimboleko engeke isehla ngokushesha ngendlela ebesicabanga ngayo ekuqaleni konyaka, kubaluleke kakhulu kunakuqala manje ukuthi sizimisele ukuthula izinguquko ezinqala ezizolekelela umnotho. 

Okwenzeka emhlabeni kungaphezu kwamandla ethu kodwa singakwazi ukukulawula okwenzeka ezweni lethu. Kufanele sisebenzise loko ukushintsha imigomo yethu ukuze umnotho wethu usebenze kangcono.

Le nqubekelaphambili ibonakele engqungqutheleni yokutshala imali ngesonto elidlule. Umengameli uMnu uCyril Ramaphosa nongqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau baqhakambise ukuthi ingqungquthela yenzeka ngaphansi kwesimo esingcono ngenxa yezinguquko ezinqala. Umengameli ugcizelele ukubaluleka kokusebenza nemboni ezimele nokuphela kwezinkampani ezingomakhonya ezikwazi ukuqhamuka nezinto ezintsha. 

Ukhulume ngemboni yamanzi ukuthi ikulungele ukuthi imboni ezimele itshale imali kuyona njengoba kunezinhlelo zokusungula izinkampani zamanzi eziphethwe ngendlela efanele nokuthula uhlelo lokwakha ingqalasizinda. Ugcizelele ukuthi ushintsho kule migomo ngeke lushintshe. 

Loku kusho ukuthi abatshalimali bangakuthemba esikushoyo ukuthi izinto siyaziphucula okusenza indawo efanele ukuthi kutshalwe imali kuyona. 

Yiyona ndlela yokwenza izinto leyo. Ukunciphisa intela ebanjwa kuphethroli kuvikela umnotho kodwa umsebenzi wokuwakha usezandleni zethu ngenxa yezinguquko ezinqala. Kufanele siqhubeke noshintsho embonini kagesi, okuzokwenza kubenokuncintisana noshintsho embonini yokuthutha izimpahla ukuqinisekisa ukuthi kuncintiswana ngezinye izindlela zezitimela namachweba. 

Lo R2trn uhulumeni ohlele ukuwuthola kubatshalimali ungangena kalula uma ushintsho emigomweni lungaletha amathuba azokwenza imboni ezimele itshale imali. Kusukela kwingqalasizinda kagesi kuye ko-crane, imboni ezimele ikulungele ukutshala. 

Nokho kufanele sikhumbule ukuthi akukona ukutshala imali kodwa okubalulekile kepha yimiphumela yakho. Umnotho wethu udinga ukuthutha izimpahla ngendlela eshibhile ukuze amabhizinisi ethu akwazi ukuncintisana emhlabeni. 

Uma amachweba ethu ebalwa natotobayo nabiza kakhulu emhlabeni, izimpahla zethu zibiza kakhulu ukudlula ezamanye amazwe. Uma ingqalasizinda kagesi ingakwazi ukuthutha ugesi usuke ezindaweni okushibhile ukuwukhiqiza kuzona uye lapho udingeka khona, izindleko ziyanyuka. 

Lilonke, ukutshala imali kufanele kunciphise izindleko, okukhulisa amabhizinisi. Yilapho ekwazi ukwandisa izisebenzi aziqashayo, asize ukuxazulula enye yezinselelo ezinkulu esibhekene nazo, okuwukuntuleka kwemisebenzi.

Ingqungquthela yokutshala imali igcizelele ukuzibophezela kukahulumeni ekuphuculeni izinto. Okwenzeka emhlabeni akukho ezandleni zethu kodwa singazinqumela okwenzeka ezweni lwethu. 

Uma amanani kawoyela esezinzile nezimakethe emhlabeni, iNingizimu Afrika kufanele ibeyizwe elikwazi ukuncintisana, elenza izinguquko ezikwazi ukuheha abatshalimali. 

Yileso isisekelo esisakhayo manje futhi asikwazi ukuvumela isimo esimanzonzo emhlabeni ukuthi sisiphazamise.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page