Inyakanyaka yama-visa ihlehlisela emuva umsebenzi omuhle osuwenziwe, kuloba uBusi Mavuso
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenza ngokuzikhandla nohulumeni ukulungisa inkinga yokukhipha izimvume zabantu bakwamanye amazwe abazosebenza kuleli zwe.
Ngesonto elidlule ngibone sengathi yincane kakhulu inqubekelaphambili ebonakalayo.
Bacela ku-56 000 abantu bakwamanye amazwe abasebenza noma abazimisele ukuzosebenza eNingizimu Afrika abebesengozini yokuphelelwa yizimvume ekupheleni kukaMashi ngenxa yokuthi umNyango wezaseKhaya awuzisebenzile izicelo zabo.
Basizakale ekugcineni ngoba kuthe sesekusele izinsuku ezimbili isikhathi siphele balulelwa zona kuze kube sekupheleni konyaka.
Yichilo leli. Izimpilo zabantu ziyaphazamiseka behlale bengazi noma bazokwazi ukuqhubeka nokuhlala ezweni iningi labo eseliphenduke ikhaya kubo.
Okukhulu kakhulu, kwenza ukuthi izinto zibe lukhuni kosomabhizinisi.
Nakuba siyizwe elithi liyazamukela izinkampani eziqhamuka kwamanye amazwe ukuthi zizozinza lapha futhi zitshale imali, kodwa lesi siphithiphithi asizwakali kahle kwizikhulu zezinkampani kusuka eParis (eFrance) kuya eMumbai (e-India) kanti kwenza ukuthi zingakuthandisisi ukuza kuleli zwe.
Uma inkampani icabanga ukuba namahhovisi kwelinye izwe, iNingizimu Afrika ibukeka kanjani uma iqhathaniswa mhlawumbe neDubai?
Lolu sizo oluqhamuke ekugcineni aluzisizi ngalutho izinkulungwane emhlabeni ezilinde ukuthi kusetshenzwe izicelo zezimvume zazo, nazo ezihlushwa wukungasebenzi kahle komNyango wezaseKhaya. Loku kwenza izimpilo zabantu zibe mapeketwane.
Isikhulu esiphezulu okungenzeka ukuthi sicabanga ukuthuthela eNingizimu Afrika nomndeni waso kufanele sicabange nangokuthi izikole zivula nini. Akukona nje ukuthi umuntu ubhekene nenselelo yokubhajwa eHouston (eMelika) noma eTokyo (eJapan) ekubeni kufanele ngabe uvula amahhovisi eNingizimu Afrika, kunomphumela nasemindenini engakwazi ukuhlela.
Loku akwamukelekile. Lezi zinkinga ezithinta izimvume ezibizwa nge-visa zidala izingqinamba ezinkulu emnothweni wethu. Sinenkinga yokuntuleka kwamakhono ezindaweni eziningi, ngisho nalawo abucayi okwakha nokunakekela amafemu, ingqalasizinda yamanzi nekagesi.
Kufanele senze izinkampani zakwamanye amazwe zazi ukuthi zivumelekile eNingizimu Afrika futhi zibe nethemba lokuthi uma zihlela ukutshala imali kuleli zwe akufanele zisabe ukuthi ngeke zikwazi ukuthumela abantu ngoba sihlulwa wumsebenzi wethu.
Uma sizoba yizwe lapho abantu abaqeqeshelwe imisebenzi ehlukene bezozizwa bamukelekile khona, kufanele samukele nemindeni yabo. Kufanele izingane zabo zikwazi ukuqhuba izifundo zazo. Kufanele bakhululeke bazi ukuthi bazokwazi ukuthola ezempilo nezindlu eziphephile. Kufanele bazi ukuthi konke abakudingayo bazokuthola.
Loko kungasho nanabantu abazobafundisa ulimi nanendlela ekufundwa ngayo kuleli futhi babahlinzeke nangeminye imisebenzi.
Izinselelo esisenazo ngama-visa zikhona nakuba kunomsebenzi omuhle osuwenziwe ngenxa ye-Operation Vulindlela eHhovisi likaMengameli. Ukulungisa inkinga yama-visa iseqhulwini kwabasebenza kwi-Operation Vulindlela futhi ukhona umehluko okhona njengoba kubuyekezwe uhla lwamakhono ashodayo nokuthi kutholakale ama-visa anganikwa ezinye izivakashi eziqhamuka kwamanye amazwe.
Ne-Invest SA, eyenza umsebenzi omuhle ukukhangisa iNingizimu Afrika kubatshalimali, nayo iyangenelela ukusiza ukuxazulula izinkinga zabacabanga ukutshala imali abangabhekana nazo.
Loko kungenelela kusizile ukusheshisa ukutholakala kwezimvume ezibe wukhiye ukuze kuheheke abanye babatshalimali abafake imali enkulu.
Nakuba lolu sizo lubalulekile kodwa ngeke lusivale isikhala nesidingo sokuthi kufanele abantu abaqhamuka kwamanye amazwe babenethemba ngendlela izimvume ezikhishwa ngayo bazi ukuthi bangahlela izinto zabo kahle futhi bangawuthemba uhulumeni ukuthi uqhamuke nemigomo eseka loku.
Ngesonto elizayo uMengameli uCyril Ramaphosa uzosingatha ingqungquthela yokudoba abatshalimali yesihlanu. Umengameli angasebenzisa ingqungquthela ukumemezela ukuthi yini esiyenziwe ukulungisa le nyakanyaka yama-visa.
Lokho kungasiza ukuxazulula enye yezinto eziyimbangela yokuthi abatshalimali babuye babemanqikanqika ukuza eNingizimu Afrika.
Ithimba le-Operation Vulindlela selisebenzile. Lukhulu elingalwenza uma linganikwa amandla athe xaxa ukuze indlela izimvume ezikhishwa ngayo ihambisane nezidingo zamanje. Izinhlangano zosomabhizinisi zizimisele ukusiza.
- UNksz Mavuso isikhulu esiphezulu seBLSA
