Ukhumbule ithalente elidala ovule ibhizinisi lefenisha uma kubhuntsha umsebenzi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUTHOLA umsebenzi phesheya kwezilwandle kwamvulela amathuba uNksz uNonkululeko Sibisi kodwa ngemva kokuvaleleka eNingizimu Afrika ngenxa yobhubhane iCOVID-19, wakhumbula ayekuthanda kusukela kudala.
Waqala kanjalo ukungena umnyango nomnyango eMgungundlovu edayisa ifenisha nemihlobiso okwenziwe ngesandla. Iphupho lakhe manje wukusebenzisa amakhono akhe wukwakha indawo lapho izingane ezifunda ezikoleni zamabanga aphezulu zizokwenza i-homework khona.
UNksz uSibisi utshele iVutivi Business ukuthi waqala isitolo sefenisha nemihlobiso i-Afterskool ngemali ayeyonge ngenkathi esasebenza emabhanoyini. “Emveni kokuvalwa kwezwe ngase ngingeke ngikwazi ukuqhubeka ngisebenze emabhanoyini, ngathola umsebenzi ngaba wusonhlalakahle ngase ngaqala ibhizinisi.
“Angizange ngikufundele ukwenza ifenisha eyakhiwe ngokhuni kodwa ngisakhula ngangaziwa njengomuntu olungisa izinto. Ngakhetha ukusebenzisa amakhono ami ukuze ngandise imali engiba nayo,” kulanda yena.

Ngenkathi uNksz uSibisi eqala ibhizinisi wabaza imikhiqizo embalwa, wayifaka emotweni wase ephuma engena ezindaweni zasemakhaya eMgungundlovu ezama ukunxusa abantu nsuku zonke ukuthi bathenge. “Kwakunzima kakhulu ngenxa yezizathu ezihlukene. Okokuqala, uma bengibona babecabanga ukuthi ngisafunda esikoleni samabanga aphezulu noma ngisemncane kakhulu ukuthi ngingaphatha ibhizinisi okugcwele abantu besilisa kulona.
“Okwesibili, kwakuyisikhathi seCOVID-19, ngakho kwakumele ngihloniphe imthetho, okwakuchaza ukuthi kwakumele ngime ngaphandle kwegceke lomuntu ngimemeze.
“Esinye isizathu wukuthi ngangithi uma ngiyothenga impahla engisebenza ngayo ezitolo zezimpahla zokwakha, abanikazi bezitolo babevele becabange ukuthi angizisebenzeli mina, ngisebenzela omunye umuntu,” kukhumbula uNksz uSibisi.

Akuzange kuvimbe konke loko, wakwazi ukukhulisa isibalo sabathengi ngokushesha ngokungena emakethe yokuthengisa izindlu nomhlaba. “Ngaqala ngagxila kubantu ababakha imizi emisha ngoba ngangazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuthi bahlanganise ifenisha yabo endala nentsha. Le ndlela ingisebenzele; emva kwesikhathi umsebenzi wami waqala wanakwa nakwezinye izindawo zesifundazwe.”
Manje uNksz uSibisi usenzela nabantu bakwezinye izifundazwe ifenisha. Ukhulisa ibhizinisi ngokwengeza indawo yokufundela lapho izingane ezisuka ezindaweni eziseduze zenza i-homework zihlezi kwifenisha eyakhiwe nguyena.
Ezinye izinhlelo anazo wukwengeza izimonyo azozidayisela abantu bendawo.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

